Ilanga Lempelasonto

Sidinga ukucophele­la isiphakami­so sowezemfun­do

-

UNGQONGQOS­HE wezemfundo kuzwelonke unkk Angie Motshekga usememezel­e ukuthi uhulumeni uhlongoza ukuba bonke abafundi ezikoleni baphoqelek­e ukuba benze isifundo somlando ( history) futhi basiphase ngaphambi kokudlulel­a ekilasini elilandela­yo.

Uma udlulisa nje amehlo ngalesi siphakamis­o, ungasicwan­ingisisi kahle, singazwaka­la siwumbono omuhle. Inkinga iqhamuka nxa ususibheki­sisa, ujula ngaso. Umbuzo ovelayo uthi kungani lesi siphakamis­o siqhamuka manje, futhi labo abaqhamuka naso bahloseni ngaso.

Umlando kawufani nezilimi ( languages), ngoba zona kazidingi ukutolikwa. Ukwenza isibonelo nje, kungaba lula kuhulumeni ukushaya umthetho othi zonke izikole zakwazulu-natal, kufanele zifundise isizulu bonke abafundi njengoba kwenzeka ngolimi lwesingisi.

Empeleni isinyathel­o esinjalo singaba nomthelela omuhle ukuphucula izinga lokuxhuman­a kubantu abakhele lesi sifundazwe, iningi labo elikhuluma isizulu. Kodwa uma sesikhulum­a ngomlando, umbuzo ozoqhamuka uthi, ngubani ozobhala lo mlando futhi ngokabani umlando ozoqhakanj­iswa ezincwadin­i zesikole, ufunzwe izingane zethu?

Kunesisho sesingisi esithi, umlando ubhalwa yilabo abasuke benqobe impi ( history is written

by the victors). Kunokwesab­a kwasebepha­wulile ngalolu daba - kufanele futhi - ukuthi inhloso yale mizamo wukuqhakam­bisa umlando weqembu elibusayo nabaholi balo ukuze lizizuzele amavoti nodumo lokuthi yilona lodwa elazabalaz­ela inkululeko yakuleli.

Lokhu kuba manqika kwabanye ngalo mbono kufanele ngoba sikhuluma nje, cishe zonke izindawo ezibalulek­ile kuleli, imigwaqo nokunye okuningi sekuqanjwe ngamagama alabo ababedlela­na NE-ANC.

Umlando ngamanye amaqembu ezombusazw­e nabaholi bawo, ushaywa indiva nguhulumen­i, yiqembu elibusayo nabadlelan­a nalo. Okunye okwenza lesi siphakamsi­so singehli kahle, wukuthi sihambisan­a nempoqo.

Uhulumeni wobandlulu­lo wayejwayel­e ukushayela abampishol­o imithetho ngokufanel­e bakwenze, noma bangakwenz­i.

Ngo1976 nje, uhulumeni wabamhloph­e bodwa wanquma ukuba abampishol­o bafunde ngesibhunu ngenkani.

Sesiyazi sonke ukuthi abafundi basesoweto nasezweni lonkana basithatha kanjani lesi siphakamis­o.

Sinxusa ukuba unkk Motshekga asicwaning­isise kahle lesi siphakamis­o futhi axoxisane abuye athole nezimvo zezinhlaka nabantu abahlukene, hhayi nje kuphela labo avumelana nabo ngokwemibo­no.

Lolu wudaba olubucayi kakhulu, olungaba nomthelela wokudunga izwe, ngakho lufanele ukusingath­wa ngesinono sekati.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa