KWAKHIWA I-TAVERN ESIKHUNDLENI SESIKOLE
MHLELI, siwumphakathi wasemaqongqo esigodini sasestingini sithi asidlulise isikhalo nokuhlukumezeka kwethu nezingane zethu kanye nokungakhathalelwa kwekusasa lazo ngokufanele.
Sibona kucindezelwa ilungelo lezingane lokufunda njengoba endaweni esasiyihlonze njengomphakathi ukuba sicela ukwakhelwa isikole kuyo sekubekwa abathile, indawo iyagcwala.
Kwahlonzwa indawo, yaze yadwetshwa, kwavunyelwana ngokuthi kuzokwakhiwa kuyo isikole - nenkosi yaze yasayina, kwathiwa ngeke kwakhe muntu kuyo. Ngo-2011 ikhansela elangena laphinda lavuselela ukwakhiwa kwesikole njengesidingo somphakathi. Kulo nyaka uqala silibizile ikhansela ngenhloso yokuzwa ukuthi selikuphi nezinhlelo zesikole, lathi lizobuyela emnyangweni, lizosiphendula ngesonto elilandelayo. Nangempela lasibiza lasitshela kuthi umnyango uthe siwumphakathi sisekhona ezinhlelweni zawo kwisabelo mali sangowezi-2021, ko-dwa awazibophezela ngosuku nenyanga esokwakhiwa ngayo.
Sibesesibona kule ndawo ebekelwe isikole sekwakhiwa kuyo imizi ne- tavern.
Savumelana siwumphakathi ukuthi ikhansela nekomidi elakhethwa wumphakathi ukuba baye enkosini ukuyozwa nokuyodlulisa ilaka lomphakathi, nokuthi makushaya nale nyanga singena emgwaqeni.
Imihlangano yomphakathi iphinde yakhona, umphakathi waveza ilaka lawo lokuthi leya ndawo mayigcinwe sibe siqhubeka nesicelo sokwakhe- lwa isikole. Emveni kwalokho sabe sesibona sekumbiwa isiza.
Sakulandelela lokho, induna yasho emphakathini ukuthi akuyona ebeke lo muntu - kodwa inkosi izifikele qathatha bashaya amagxathi kwasikelwa lo mnumzane onamatavern nezitolo. Lokho kusivuse indlobana ukuthi singathi sifuna isikole bese kubekwa umuntu ozokwakha i- tavern endaweni esifuna kwakhiwe kuyo isikole sezingane, okusho ukuthi into esemqoka yikesi nebhodlela nemali kunekusasa lezingane zethu.
Sicela abengonyama Trust bangenelele nocogta ngoba phela sazi ukuthi ingqalasizinda ezinjengezikole akumele ziphazanyiswe ngokuba kwakhiwe ama- tavern, into ezosandisela izidakwa ne- whoonga namaphara. Ngisho i-police station asinayo nje lapha emaqongqo, sibiza amaphoyisa asemaplazini. Kubulawa abantu lapha amaphoyisa aze afike emuva kwesikhathi.
Siyacela kungenelelwe, umphakathi ungaze wehlulwe ukubekezela ngoba imihlangano isibekhona kaningana, nekusasa lezingane zethu nabashana bethu lilele kithina - kusasa izingane ziyosibuza ukuthi sathula sathini izinto zonakala emphakathini wethu. Ngisho nasenkosini endala eseyakhothama eyayithanda isizwe sayo nentuthuko yaso, sofika sithini sesihlangana nayo namanye amaqhawe alwela leli zwe.
Umphakathi okhathazekile Estingingi, emaqongqo