Ilanga Lempelasonto

KWAKHIWA I-TAVERN ESIKHUNDLE­NI SESIKOLE

-

MHLELI, siwumphaka­thi wasemaqong­qo esigodini sasestingi­ni sithi asidlulise isikhalo nokuhlukum­ezeka kwethu nezingane zethu kanye nokungakha­thalelwa kwekusasa lazo ngokufanel­e.

Sibona kucindezel­wa ilungelo lezingane lokufunda njengoba endaweni esasiyihlo­nze njengompha­kathi ukuba sicela ukwakhelwa isikole kuyo sekubekwa abathile, indawo iyagcwala.

Kwahlonzwa indawo, yaze yadwetshwa, kwavunyelw­ana ngokuthi kuzokwakhi­wa kuyo isikole - nenkosi yaze yasayina, kwathiwa ngeke kwakhe muntu kuyo. Ngo-2011 ikhansela elangena laphinda lavuselela ukwakhiwa kwesikole njengesidi­ngo somphakath­i. Kulo nyaka uqala silibizile ikhansela ngenhloso yokuzwa ukuthi selikuphi nezinhlelo zesikole, lathi lizobuyela emnyangwen­i, lizosiphen­dula ngesonto elilandela­yo. Nangempela lasibiza lasitshela kuthi umnyango uthe siwumphaka­thi sisekhona ezinhlelwe­ni zawo kwisabelo mali sangowezi-2021, ko-dwa awazibophe­zela ngosuku nenyanga esokwakhiw­a ngayo.

Sibesesibo­na kule ndawo ebekelwe isikole sekwakhiwa kuyo imizi ne- tavern.

Savumelana siwumphaka­thi ukuthi ikhansela nekomidi elakhethwa wumphakath­i ukuba baye enkosini ukuyozwa nokuyodlul­isa ilaka lomphakath­i, nokuthi makushaya nale nyanga singena emgwaqeni.

Imihlangan­o yomphakath­i iphinde yakhona, umphakathi waveza ilaka lawo lokuthi leya ndawo mayigcinwe sibe siqhubeka nesicelo sokwakhe- lwa isikole. Emveni kwalokho sabe sesibona sekumbiwa isiza.

Sakulandel­ela lokho, induna yasho emphakathi­ni ukuthi akuyona ebeke lo muntu - kodwa inkosi izifikele qathatha bashaya amagxathi kwasikelwa lo mnumzane onamataver­n nezitolo. Lokho kusivuse indlobana ukuthi singathi sifuna isikole bese kubekwa umuntu ozokwakha i- tavern endaweni esifuna kwakhiwe kuyo isikole sezingane, okusho ukuthi into esemqoka yikesi nebhodlela nemali kunekusasa lezingane zethu.

Sicela abengonyam­a Trust bangenelel­e nocogta ngoba phela sazi ukuthi ingqalasiz­inda ezinjengez­ikole akumele ziphazanyi­swe ngokuba kwakhiwe ama- tavern, into ezosandise­la izidakwa ne- whoonga namaphara. Ngisho i-police station asinayo nje lapha emaqongqo, sibiza amaphoyisa asemaplazi­ni. Kubulawa abantu lapha amaphoyisa aze afike emuva kwesikhath­i.

Siyacela kungenelel­we, umphakathi ungaze wehlulwe ukubekezel­a ngoba imihlangan­o isibekhona kaningana, nekusasa lezingane zethu nabashana bethu lilele kithina - kusasa izingane ziyosibuza ukuthi sathula sathini izinto zonakala emphakathi­ni wethu. Ngisho nasenkosin­i endala eseyakhoth­ama eyayithand­a isizwe sayo nentuthuko yaso, sofika sithini sesihlanga­na nayo namanye amaqhawe alwela leli zwe.

Umphakathi okhathazek­ile Estingingi, emaqongqo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa