Sibuthwele ubunzima ngale mayini
MHLELI, iyangithokozisa indlela iphephandaba lakho elilandelela ngayo udaba, awusali nambuzo kodwa ubhema ukholwe.
Siwumphakathi waseUtrecht, endaweni ebizwa ngokuthi kusenzimane sibuthwele ubunzima.
Kunemayini okuthiwa yisehoshoza, emba ilahle. Kasazi ukuthi yafika nobani, ngaphansi kwayiphi imibandela kwazise siwumphakathi sayibona isiletha imishini yokusebenza ngaphandle kokuba simbandakanywe.
Okubuhlungu kakhulu wukuthi uma kuqhunyiswa (blasting) kule mayini, imizi esondelene nemayini iya- klayeka.
Umphakathi awazi nokuthi uzobika kubani umonakalo kwazise alukho uhlelo oluqondile, konke ukukhalaza kuphelela esangweni ephoyiseni.
Selokhu yafika le mayini silahlekelwa imfuyo kwazise kayibiyeliwe ngendlela efanele.
Umgwaqo womphakathi usuvele waba izindonga ngenxa yamaloli alayisha ilahle.
Angisayiphathi eyothuli kanye neyamakhemikhali aphuma kuleya mayini. Isikole somphakathi siqhele ibanga elingangokuphosa kwebhungu.
Ngaphezu kwakho konke lokho abahlali bendawo kabaqashiwe kule mayini, sekuyophela cishe unyaka wesithathu manje.
Besicela ningenelele kulolu daba, kwazise ngiyasola ukuthi le mayini isebenza ngokungekho emthethweni.
Ngolwesithathu lomhlaka-30 kunhlaba (May) umphakathi ububize ukhukhulela ngoqo womhlangano lapho bekudingidwa khona lolu daba.
Siyathokoza Abazithobayo, egameni lomphakathi