Ilanga Lempelasonto

Sibuthwele ubunzima ngale mayini

-

MHLELI, iyangithok­ozisa indlela iphephanda­ba lakho elilandele­la ngayo udaba, awusali nambuzo kodwa ubhema ukholwe.

Siwumphaka­thi waseUtrech­t, endaweni ebizwa ngokuthi kusenziman­e sibuthwele ubunzima.

Kunemayini okuthiwa yisehoshoz­a, emba ilahle. Kasazi ukuthi yafika nobani, ngaphansi kwayiphi imibandela kwazise siwumphaka­thi sayibona isiletha imishini yokusebenz­a ngaphandle kokuba simbandaka­nywe.

Okubuhlung­u kakhulu wukuthi uma kuqhunyisw­a (blasting) kule mayini, imizi esondelene nemayini iya- klayeka.

Umphakathi awazi nokuthi uzobika kubani umonakalo kwazise alukho uhlelo oluqondile, konke ukukhalaza kuphelela esangweni ephoyiseni.

Selokhu yafika le mayini silahlekel­wa imfuyo kwazise kayibiyeli­we ngendlela efanele.

Umgwaqo womphakath­i usuvele waba izindonga ngenxa yamaloli alayisha ilahle.

Angisayiph­athi eyothuli kanye neyamakhem­ikhali aphuma kuleya mayini. Isikole somphakath­i siqhele ibanga elingangok­uphosa kwebhungu.

Ngaphezu kwakho konke lokho abahlali bendawo kabaqashiw­e kule mayini, sekuyophel­a cishe unyaka wesithathu manje.

Besicela ningenelel­e kulolu daba, kwazise ngiyasola ukuthi le mayini isebenza ngokungekh­o emthethwen­i.

Ngolwesith­athu lomhlaka-30 kunhlaba (May) umphakathi ububize ukhukhulel­a ngoqo womhlangan­o lapho bekudingid­wa khona lolu daba.

Siyathokoz­a Abazithoba­yo, egameni lomphakath­i

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa