Ilanga Lempelasonto

Ukuqale sakudlala ukugijima obhekwe kwicomrade­s

- NGAPHANDLE KWENKUNDLA: MZWAMADLA ZONDI

UQALE ukugijima sakudlala ugerda Steyn (28) oyimfivili­thi ukunqoba icomrades Marathon yanonyaka ezokuba ngesonto elizayo isukela emgungundl­ovu isongwe emoses Mabhida Stadium, ethekwini.

Ukubeka ithemba kwabantu baseNingiz­imu Afrika kugerda kulandela ukwenza kahle kwakhe nonyaka eba yingqwele yetwo Oceans Marathon ebingempel­asonto yephasika, iguduza icape Town.

Lo msubathi uzalelwe efree State kanti uqede ibanga leshumi ngo-2008 wabe esedlulela e-university of Free State lapho enze khona iziqu zequantity Surveying.

Ngemuva kokuba esephothul­e izifundo zakhe uthole umsebenzi e-dubai ngo-2013 okungunyak­a aqale ngawo ukugijima egqugquzel­wa ngabangani bakhe khona belu edubai.

Eqala ezibona eshiya abangani bakhe ubone kuyithuba elihle ukuba agxile emabangeni amade, kanti kuthe ngo-2015 wangenela icomrades Marathon lapho enze isikhathi esingu-8:19 ngonyaka olandelayo ubeke isikhathi esingu-7:08 kwathi nyakenye waqopha u-6:45 engena endaweni yesine.

Ukwenza kahle kwicomrade­s kumenze ukuba ahoxe emsebenzin­i wagxila kwezokugij­ima ngemuva kokuba ethole ukwesekwa yikilabhu yakhe inedbank Running Club eholwa nguNick Bester.

Uthi ukuze angene kwi- elite yale kilabhu utshelwe ngubester ukuthi kufanele enze ngaphansi kwamahora amathathu kwimaratho­n, lokho wakwenza ngempumele­lo komunye umjaho wasefrance.

Ngemuva kokuba enze lesi sikhathi ube esefonela ubester wamfaka kwielite yekilabhu njengoba ziqalile ukubonakal­a izithelo nyakenye engena isine kwicomrade­s wabuye wadla ubhedu kwitwo Oceans nonyaka.

Unobhuti ustefan ozinze phesheya nodadewabo u-estie Steyn naye ongumgijim­i.

Ingxoxo kagerda NELANGA Lange- Sonto ( IL) ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

IL: Awuchazele abafundi bephephand­aba ukuthi ungumuntu onjani?

Gerda: Ngiwumuntu ozithobile futhi obathanday­o abanye abantu. Ngiyazigqa­ja ngokuba ngowasenin­gizimu Afrika.

IL: Uyakholwa?

Gerda: Yebo, ngiyakholw­a. Ngikhonza ENG Church.

IL: Usushadile?

Gerda: Kangikasha­di kodwa ukhona engithembi­sene naye uduncan Ross oyikho konke empilweni yami kodwa kasikakabi nezingane. Ungisiza kakhulu uma ngizilungi­selela ukugijima.

IL: Utshabaza nganhlobon­i yemoto?

Gerda: Ngihamba ngeford Fiesta.... esho ehleka.

IL: Yiluphi uhlelo lukamabona­kude oluthanday­o?

Gerda: Ngithanda imatrix nawo wonke ama- movie afana nayo.

IL: Yimuphi umlingisi omthandayo?

Gerda: Ngujames Bond.

IL: Usichitha kanjani isikhathi sakho uma ungekho kulo mdlalo wakho wokugijima?

Gerda: Ngisichith­a ngezindlel­a ezahlukene. Ngihlala endlini noma ngibuke ama-movie kokunye ngihlale noduncan isoka lami.

IL: Ukhona omunye umdlalo owuthanday­o ngaphandle kokugijima?

Gerda: Miningi imidlalo engiyenzay­o, ngidlala amabhayisi­kile, imountain Biking, ihiking netrial Running.

IL: Uthanda umbala onjani?

Gerda: Oluhlaza sasibhakab­haka.

IL: Yikuphi ukudla okuthanday­o? Gerda: Yi- steak, singishaya ngaphakath­i.

IL: Yini oyenzayo uma uvuka ekuseni?

Gerda: Ngiqala ngenkomish­i yekhofi ngaphambi kokuba ngenze noma yini?

IL: Kuthiwa ikhofi linecaffei­ne eningi kawusabi ukuthi lingakuban­gela inkinga ngokuhamba kwesikhath­i?

Gerda: Sengaze ngalijwaye­la akusavumi ngihlukane nalo. IL: Yiliphi izwe olithanday­o?

Gerda: Ngithanda ifrance ikakhuluka­zi izintaba zakhona.

IL: Uthanda hloboluni lwesilwane?

Gerda: Ngithanda inja kodwa kanginayo ngenxa yokuthi ngihlala ngihamba kodwa nginethemb­a lokuthi ngizokuba nayo ngelinye ilanga. Engisesaba­yo yisicabuca­bu.

IL: Ukhona ezinkundle­ni zokuxhuman­a?

Gerda: Yebo, ngikhona kufacebook (Gerda Steyn), itwitter (Gerdarun) nakwi-instagram (Gerda.steyn).

IL: Yini ozimisele ngayo kwicomrade­s Marathon yanonyaka?

Gerda: Kangifuni ukuzifaka ingcindezi engenasidi­ngo ngecomrade­s Marathon. Okubalulek­ile ukuba ngigijime umjaho wami ngendlela engiziqeqe­she ngayo. Kakukho engikubhek­ile kodwa ngingakuth­okozela ukuyinqoba ngelinye ilanga.

IL: Ngemuva kwecomrade­s yimuphi omunye umjaho ozobamba iqhaza kuwona?

Gerda: Kunemarath­on engizoyigi­jima kodwa ngeke ngikwazi ukuyidalul­a okwamanje.

IL: Abantu abaningi bakholelwa ekutheni ukuze wenze kahle kumaUltra Marathon kufanele uqale kwitrack necross Country.

Gerda: Mina kangikhole­lwa kulokho. Baningi abagijimi engibahlon­iphayo emhlabeni abenza kahle abangakaze bayenze itrack necross Country.

IL: Ukugijima kuyishints­he kanjani impilo yakho?

Gerda: Kuyishints­he kakhulu. Bengingazi ukuthi ngizogcina ngenza kahle kulo mdlalo njengoba ngiwuqale sakudlala. Ngemuva kokuba ngihlangan­e nobester kushintshe izinto eziningi.

Ngiphoqele­kile ukuba ngishiye phansi umsebenzi wami we-quantity Surveying ebengiwenz­a edubai, ngabuya ngazogxila kwezokugij­ima.

Ngibonga kakhulu nomphakath­i wakuleli ngendlela ongihalali­sele ngayo ngesikhath­i nginqoba itwo Oceans Marathon okuyiyona eyenze ngabona lo mdlalo ngamanye amehlo.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UGERDA Steyn ongumsubat­hi wakuleli obhekwe ukuba enze kahle kwicomrade­s Marathon yalo nyaka ezosukela emgungundl­ovu iphelele ethekwini.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UGERDA Steyn ongumsubat­hi wakuleli obhekwe ukuba enze kahle kwicomrade­s Marathon yalo nyaka ezosukela emgungundl­ovu iphelele ethekwini.
 ??  ?? UGERDA enesinqand­amathe sakhe uduncan Ross.
UGERDA enesinqand­amathe sakhe uduncan Ross.
 ??  ?? INJA yisilwane asikhonzil­e ugerda Steyn.
INJA yisilwane asikhonzil­e ugerda Steyn.
 ??  ?? UGERDA emukela umklomelo wokunqoba i-two Oceans yanonyaka ku-aleck Skhosana ongumengam­eli we-athletic SA.
UGERDA emukela umklomelo wokunqoba i-two Oceans yanonyaka ku-aleck Skhosana ongumengam­eli we-athletic SA.
 ??  ?? UZIFELA ngamafilim­u kajames Bond ugerda.
UZIFELA ngamafilim­u kajames Bond ugerda.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa