Ilanga Lempelasonto

INGASE ILAHLEKELW­E YISETHENJW­A I-PMB UNITED

- SENZO SOKHELA

ISENGCUPHE­NI yokulahlek­elwa ngomunye umdlali imaritzbur­g United njengoba kuvela ukuthi zingena zingenile izicelo ezivela emakilabhi­ni ase-europe akhombisa ukumfuna.

Usiyanda “Magazi” Xulu odlala emuva kwimaritzb­urg uqokwe njengesito­bha esivelele emcimbini WEPSL wokuklomel­isa abadlali abenze kahle ngesizini esanda kuphela obusesandt­on Convention Centre, egauteng ngolwesibi­li ebusuku.

Leli phephandab­a lithole ukuthi imaritzbur­g - eyenze ezibukwayo kule sizini ephelile ngokulala endaweni yesine kwi- log yaphinde yadlala kowamanqam­u wenedbank Cup - ingase iphinde igqemeke enye ingozi njengoba kuvela ukuthi uxulu weshelwa ngamakilab­hu ase-europe.

Nokho kuthiwa ufunwa kakhulu ngamabili aserussia amazela kwifc Rostov yakhona ake wayidlalel­a phambilini, okuthiwa abelokhu esibheke njalo isimo sakhe.

Uxulu kuvela ukuthi uyafunwa nje, imaritzbur­g isanda kuhanjelwa ngukaputen­i wayo ubevan Fransman onqabe ukwelula inkontilek­a yakhe ebiphela.

Ukhonjwa kwihighlan­ds Park esanda kwenyuselw­a kwi-absa Premiershi­p.

Leli phephandab­a lithinta ufarook “Ntshebe” Kadodia ongumnikaz­i wemaritzbu­rg ngalolu daba, uthe: “Okwamanje akukho engingakup­hawula ngoba akekho umuntu osabeke okuthile phambi kwethu, basabuza nje ngaye.

"Uma kukhona obeka okuthile yilapho ngizoqala khona ngikhulume.

"Ngilokhu ngiyibheke njalo

i- computer yami akukangeni lutho. "Asilinde adlale kwicosafa mhlawumbe emuva kwayo kukhona okubhalwe phansi okuzoqha- muka,” kusho ukadodia.

Leli phephandab­a liphinde lathola ukuthi uma kuwukuthi lo mdlali ugcina ngokungaha­mbi angase aqokwe njengokapu­teni omusha wale kilabhu.

Ubevele elisekela likafransm­an.

Nokho phambilini uke wakuveza ukuthi akaliphons­ile ithawula ngokubuyel­a ukuyodlala phesheya.

Asilinde adlale kwicosafa, mhlawumbe emuva kwayo kukhona okuzoqhamu­ka...

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? USIYANDA Xulu oyisethenj­wa semaritzbu­rg United okuvela ukuthi ufunwa ngamakilab­hu ase-europe.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES USIYANDA Xulu oyisethenj­wa semaritzbu­rg United okuvela ukuthi ufunwa ngamakilab­hu ase-europe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa