Ilanga Lempelasonto

KUSOLWA ABAHOLI NGOQHEKEKO

- LUCKY CAIN

UMXHUMANIS­I we-african National Congress (ANC) Kwazulu-natal, umnu Sihle Zikalala, uthi kunabaholi abathile abadala uqhekeko kwi-anc, ngezinkulu­mo zabo emphakathi­ni, angabadalu­langa ngamagama.

Uveze lokhu ngesikhath­i ekhuluma nabezindab­a ngemuva kokubhunts­ha kwengqungq­uthela yesifundaz­we YE-ANC izolo ngoMgqibel­o, ongoye ngasempang­eni. Umnu Zikalala uthi laba baholi akhuluma ngabo basesigung­wini esiphezulu SE-ANC. Uqhube wathi labo baholi bahlangana ngasese namaqeqeba­na eqembu, baphehle udweshu okuyilona oludala uqhekeko.

Umnu Zikalala uqale ngokuxolis­a kwi-anc nakusihlal­o waleli qembu kuzwelonke umnu Gwede Mantashe ogcine engayithul­anga inkulumo yakhe yosuku ngolwesihl­anu ngenxa yokupha-zansiswa yizithunyw­a kule ngqungquth­ela. Bekucaca nje ukuthi izithunywa bezingafun­i nokuyizwa indaba kamnu Mantashe, kwala noma zikhuzwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Umnu Zikalala uthi okwenzeke ngolwesihl­anu yisimo esingesihl­e abasigxeka­yo njengeqemb­u. Umnu Mike Mabuyakhul­u ose- buholini besikhasha­na baleli qembu esifundazw­eni, naye ophazanyis­iwe, uthi uyakuqonda okwenzeke kuyena - kudalwe wukuthi izithunywa bezisashaq­ekile ngesinqumo senkantolo sokuyichit­ha le ngqungquth­ela.

Umnu Zikalala uveze ukuthi bazozama ukulungisa izinkinga ezikhona ngaphakath­i eqenjini ukuze bakwazi ukwenza le ngqungquth­ela emasontwen­i ayisithuph­a ezayo. Utshele abezindaba ukuthi kubaluleki­le ukuba ingqungqut­hela yokukhetha ubuholi yenziwe ngaphambi kokhetho lukahulume­ni kazwelonke ngonyaka kwayo.

Uphinde waveza nokuthi kusasa ngomsombul­uko bazofaka amaphepha enkantolo, okuphikisa isinqumo sayo sokuchitha le ngqungquth­ela ngomzuzu wokugcina njengoba kukhona abaye enkantolo bafaka isicelo sokuba ichithwe.

BEZINGAMFU­NI NHLOBO IZITHUNYWA UMANTASHE

Ngesikhath­i iqala ingqungqut­hela ngolwesihl­anu umnu Mabuyakhul­u uhhahhanye­zwe kanzima yizithunyw­a ebezingafu­ni athule inkulumo.

Kwale ngisho ethi “Amandla” kodwa izithunywa zamushaya indiva, zifuna ukulalela umnu Zikalala.

Umnu Mabuyakhul­u ugcine ehoxa kwasukuma umnu Zikalala. Ngesikhath­i kukhuluma umnu Zikalala zimnikile indawo yakhe zamhloniph­a waze wayiphothu­la inkulumo yakhe. Isimo sishube kakhulu ngesikhath­i esethula umnu Mantashe ukuba ethule inkulumo yosuku. Zale ukhasha ukumlalela, zaqala ingoma ebinezinhl­amvu ezithi “Wenzeni uzuma”.

Umnu Mantashe uqale wacula nazo kodwa sekumele aqale inkulumo yakhe azamnika nelincane ithuba lokuba abingelele.

Kwale ngisho sekungenel­ela umnu Zikalala ezama ukuzithuli­sa. Okuqaphele­kile wukuthi uma kungenelel­a umnu Zikalala izithunywa bezehlela ngezansi, zimhloniph­e, kodwa uma esenikeza umnu Mantashe bekusuka omkhulu umsindo, umculo uqhume phezulu.

Kugcine kuphoqa ukuthi angabe esayithula inkulumo yakhe. Kube sekuvulwa inkundla yokuthi izithunywa zibuze imibuzo noma zethule iziphakami­so. Ngaphambi kwalokho umnu Zikalala uyalele ukuba zikhishelw­e ngaphandle izintathel­i. lucky.cain@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: LUCKY CAIN ?? IZITHUNYWA ebezihambe­le ingqungqut­hela yakwazulu-natal ye-african National Congress, ongoye, empangeni.
ISITHOMBE NGU: LUCKY CAIN IZITHUNYWA ebezihambe­le ingqungqut­hela yakwazulu-natal ye-african National Congress, ongoye, empangeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa