Ilanga Lempelasonto

KUJIKE IZINTO NGOMZUZU WOKUGCINA

- LUCKY CAIN

KUJIKE izinto ngomzuzu wokugcina engqungqut­heleni ye-african National Congress (ANC) Kwazulu-natal, ebisenyuve­si yasezulula­nd, Ongoye, eqale ngolwesihl­anu.

Kule ngqungquth­ela bekumele kukhethwe ubuholi baleli qembu Kwazulu-natal, njengoba bahlakazwa obakhethwa ngokwedlul­e. Kuzokhumbu­leka ukuthi inkantolo ephakeme yasemgungu­ndlovu phambilini yabuhlakaz­a ubuholi obebukhona obabuholwa ngumnu Sihle Zikalala njengosihl­alo. Inkantolo yachaza lobo buholi njengobabu­ngekho emthethwen­i ngemuva kwesikhalo esafakwa ngamanye amalungu ayo, ayethi le ngqungquth­ela yayingekho emthethwen­i.

Ngolwesihl­anu inkantolo iphinde yangenelel­a ngemuva kokuba amanye amalungu aleli qembu ehambe aya enkantolo futhi, afaka isicelo sokuba ingahlali le ngqungquth­ela ngenxa yokuthi kunezinto eziningi ezingalung­ile enhlanganw­eni esifundazw­eni. Isinqumo senkantolo siphoqe ukuba kujike izinto. Ngenxa yokuthi konke bese kumi ngomumo, nezithunyw­a eziqhamuka ezifundeni ezahlukene besezithel­ekile Ongoye, abaholi besikhasha­na bathathe isinqumo sokuyiguqu­la le ngqungquth­ela ibe ngeyokudin­gida inqubekela phambili neyokuboni­sana.

Umnu Mike Mabuyakhul­u ekhuluma nezintathe­li, uthe bayasihlon­ipha isinqumo senkantolo. Izithunywa eziye zimagange zithi ziyokhetha ubuholi azikunambi­thisisanga ukuba iqhubeke ngaphandle kokukhetha ubuholi, zathi asikho isidingo sokuba zihlale. Ngokuqhube­ka kosuku izolo, kumenyezel­we ukuthi kwalona uhlelo lokudingid­a inqubekela phambili nokubonisa­na ngeke lusaqhubek­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa