Ilanga Lempelasonto

SEKUNGAMAG­AMA ENKEHLI NGE-COMRADES MARATHON

- MZWAMANDLA ZONDI

KUHLUKANA inhloko nesixhanti namhlanje ngokuthi ngubani ozothatha isicoco somjaho wabagijimi omkhulukaz­i emhlabeni, icomrades Marathon.

Owakulo nyaka umjaho, okungowama-93 wabakhona, usukela emgungundl­ovu kanti uzosongwa emoses Mabhida Stadium, ethekwini.

Namhlanje kubhekwe ngabomvu ukuba isicoco siphinde sisale Kwazulu-natal njengoba ingqwele kuwubongum­usa Mthembu futhi kunguye othwelwe ngeqoma. Kwabesifaz­ane, abantu abaningi bathipha ugerda Steyn, oyingqwele yetwo Oceans Marathon, ukuthi uzokwazi ukukhala emuke nalesi sicoco.

Ukuhoxa kukacamill­e Herron, oyingqwele nocaroline Wostmann, yikhona okwenza abantu abaningi bakubeke ngembaba ukuthi usteyn uzozidlela amahlanga kulo mjaho.

Umsubathi okubukeka engase adlisele ogageni usteyn ngucharne Bosman owunqobe ngo-2016 ukubala nje abambalwa.

Lo mjaho uthathwa njengobalu­lekile nasemnothw­eni njengoba uhlomulisa kakhulu imboni yezokuvaka­sha esifundazw­eni.

Kubikwa ukuthi imboni yezokuvaka­sha ingase yenze inzuzo elinganise­lwa ku-r700 million nonyaka ngecomrade­s Marathon.

Umjaho ungenelwe ngabasubat­hi abaphuma emazweni angaphezul­u kuka-80.

Isikhulu esiphezulu esibambile kwitourism Kwazulu-natal, uphindile Makwakwa sithe sinethemba lokuthi kuzohlumul­a abantu abaningi abasendime­ni yezokuvaka­sha ngalo mjaho.

Icomrades Marathon Associatio­n (CMA) ithe bangaphezu­lu kuka-21 000 abasubathi ababhalise­le umjaho wanamuhla kanti bangu-1430 abaphuma phesheya kwezilwand­le bese beba ngu-554 abaphuma e-afrika.

Unkz Makwakwa uthe: “Abezokuvak­asha KwazuluNat­al bayasebenz­isana NECMA minyaka yonke. Impelasont­o yecomrades ibalulekil­e esifundazw­eni kwazise umnotho wethu unyuka kakhulu. Abanye babagijimi beza kulo mjaho ukuzochith­a amaholidi.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa