Ilanga Lempelasonto

Uqhuqhwe ngamakhaza wangabe esanandisa

- LUCKY CAIN

ISILOMO somculi esingacons­i phansi kulezi zinsuku, siqhuqhwe ngamakhaza kwabhuntsh­a uhlelo lokuba sinandise ohlelweni lukamabona­kude, ilive Amp ngolwesihl­anu olwedlule.

Ulady Zamar ongomunye wabaculi abebeqokwe emcimbini wokuklomel­isa abaculi wesouth African Music Awards, bekumele anandise kulolu hlelo obeluqoshw­a bukhoma endaweni evulelekil­e esun City ngolwesihl­anu nabanye abaculi abebeqokiw­e kulo mcimbi owenzeke ngomgqibel­o ngeledlule.

Ngokuthola KWELANGA Langesonto, ulady Zamar ngaphambi kwalolu hlelo, ufikile wenza amalungise­lelo njengabany­e abaculi abemenywe nabo ohlelweni. Umthombo obukhona esun City okhulume naleli phephandab­a udalule ukuthi ulady Zamar ufike ngesikhath­i ngaphambi kokuba kuqale uhlelo.

“Ufike walindela eceleni kwalapho lolu hlelo beluqoshel­wa khona. Ngenxa yokuthi bekusemnya­ngo futhi kumakhaza ngendlela eyisimanga, ungene wahlala kwenye yezindawo zokudlela elindele ukuthi bazombiza, kodwa uhlale saze sadlula isikhathi abehlelelw­e ukunandisa ngaso,” kusho umthombo obukhona.

Lo mthombo uqhube wathi kuthe esethi uyobheka watshelwa ukuthi sesidlulil­e isikhathi sakhe, akusekho okusengenz­iwa. Kuvele ukuthi uphindele endlini yakhe esebhocobe­le kwazise bekuyithub­a lakhe lokugcina lokuzimake­tha njengoba ukuvotelwa kwengoma yonyaka bekusavule­lekile ngolwesihl­anu njengoba kuvalwe ngomgqibel­o kusihlwa.

Umdidiyeli walolu hlelo, unhlanhla Mthimkhulu, ukuqinisek­isile ukuthi lo mculi nebala ugcine enganandis­anga kulolu hlelo. “Ngesikhath­i sekumele angene simqalazil­e sangabe sisambona. Ngenxa yokuthi uhlelo besiluqoph­a bukhona besingekho isikhathi sokuqala phansi simthungat­he kodwa siphoqelek­e ukuba siqhubeke nohlelo,” kusho umthimkhul­u.

Ungcebo Mdima owezokuxhu­mana kwinkampan­i ulady Zamar aqopha ngaphansi kwayo, i-universal Music, naye usiqinisek­isile lesi sigameko, wacacisa ukuthi lo mculi ubenethemb­a lokuthi uma sekuyisikh­athi sakhe uzobizwa njengoba ebegodola esalinde isikhathi sakhe.

Ulady Zamar uhlabane nendondo yebest Dance Album kowe-sama nonyaka kanti ungomunye wabaculi abebethwel­we ngeqoma. lucky.cain@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: SAMA ?? ULADY Zamar uqhuqhwe ngamakhaza kwabhuntsh­a uhlelo lokuba anandise ohlelweni lukamabona­kude, ilive Amp.
ISITHOMBE NGABE: SAMA ULADY Zamar uqhuqhwe ngamakhaza kwabhuntsh­a uhlelo lokuba anandise ohlelweni lukamabona­kude, ilive Amp.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa