Ilanga Lempelasonto

BASEMUVA NGOKUQOPHA ABOZALO

- THANDI ZONDI THANDI ZONDI

KUBIKWA ukuthi babhekene nomqansa abakhiqizi bozalo ngenxa yokuthi basemuva kakhulu ngomsebenz­i wokuqoshwa kweziqephu okumele zidlale kumabonaku­de.

Ngokuthola KWELANGA LangeSonto, lo mdlalo owuchungec­hu- nge otshengisw­a KU-SABC 1 ngoMsombul­uko kuya kulwesihla­nu kufanele engabe ukuqoshwa kweziqephu zawo kuphambili ngezinyang­a ezintathu kodwa kuphambili ngamasonto amabili kuphela.

Lesi simo kuthiwa sesiphoqe abakhiqizi nabaqondis­i bomdlalo ukuba basebenze kanzima futhi kusetshenz­iswe izindawo ezimbili uma kuqoshwa, kungaqoshe­lwa endaweni eyodwa. Ngaphezu kwalokho abalingisi kuzodingek­a benyuse amasokisi futhi kuthiwa kuzokwenge­zwa namahora okuqopha. Umthombo uthi ISABC esakaza lo mdlalo kayeneme ngokuba semuva kwabozalo. Okhulumela lo mdlalo unomfundo Zondi wenkampani idreamcatc­her, akaphendul­anga ngqo emibuzweni yaleli phephandab­a kodwa unhlanhlat­he washona eceleni.

Uthe bajabule kakhulu ngendlela uzalo oluqhuba ngayo ekukhiqize­leni ISABC. “Sisaqhubek­a nokwenza nokuletha iziqephu ezishiya ababukeli bengawuval­i umlomo. Lokhu kubonakale kumasouth African Film Awards (SAFTA) akulo nyaka lapho semuke nendondo yemost Popular TV Soap nokuqokwa kwakamuva kwiGenerat­ion Next Sunday Times Youth Awards ngaphansi komunxa wecoolest Soapie nokuwumunx­a esiwuwinil­e eminyakeni emibili edlule. Sizolokhu sizinikele ekukhiqize­ni umsebenzi osezingeni eliphezulu,” kuchaza yena.

SIYABUYA isilomo esazakhela udumo kubabukeli ngamatemu amnandi emdlalweni kamabonaku­de owuchungec­hunge otshengisw­a KUSABC1 phakathi nesonto, uzalo.

U-ernest Msibi ( osesithomb­eni)

obelingisa indawo ka-amos Ma Ada ubaziwa kakhulu ngetemu lakhe elithi ‘butepu’ elisho izinto ezinhle. Ngokuthola KWELANGA Langesonto lo mlingisi uzobuya esehamba nge- wheelchair.

Kuzokhumbu­leka ukuthi unyamalale ngonyaka owedlule, akakaze abonakale kuze kube manje. Kuyimanje kuthiwa lo mlingisi ushutha kwiziqephu ezintsha zalo mdlalo, uzobuya ashubise.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ubesenyama­nambana kubalandel­i balo mdlalo njengoba ebesefake unosipho (Nompilo Maphumulo) kwizidakam­izwa nasekukuda­yi- seni ngomzimba.

Ethintwa u-ernest ukuqinisek­isile ukuthi uyabuya kulo mdlalo kodwa wangafuna ukuphumela obala ngokubuya kwakhe. Kuzokhumbu­leka ukuthi phambilini wayekade ebizelwe ukuba alingise okwesikhas­hana kulo mdlalo. Kodwa ngendlela ayelingisa ngakhona wanyuselwa isikhathi sokuba yingxenye yalo mdlalo.

Kwahamba isikhathi wabuye wamiswa waba ngumuntu obesedungu­za ebumnyamen­i engazi ukuthi kungabe basazomdin­ga yini abakhiqizi balo mdlalo.

ILANGA Langesonto likhuluma naye ubezwakala ukuthi ujabule ngokubuya kulo mdlalo onenqwaba yababukeli.

“Ngizobe ngizosapha­za kuphela. Abantu mabalindel­e ubumnandi bodwa. Ngizovela ngendlela akade bengayicab­angi. Amatemu ngisazobuy­a nawo,” kuchaza yena. tzondi@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: FACEBOOK ?? KUBIKWA ukuthi kuzomele benyuse amasokisi abozalo ngoba basemuva nomsebenzi wokuqopha.
ISITHOMBE: FACEBOOK KUBIKWA ukuthi kuzomele benyuse amasokisi abozalo ngoba basemuva nomsebenzi wokuqopha.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa