Ilanga Lempelasonto

Kuchazani ukugqoka kwezithand­ani ngokufana

- THANDI ZONDI

ESIKHATHIN­I samanje yiningi ingcindezi eza nokuba sebudlelwa­neni. Kunezinto ezike zenziwe yizithanda­ni oke uzibuze wena ongaphandl­e ukuthi kungabe ziyazenzek­ela noma zihleliwe yini.

Ukugqoka ngendlela efanayo noma ukumesha kungenye yezinto othi uma ubuka i- couple igqokile bese uba nombuzo. Ukumesha kungacishe kube ngenye yezindlela zokukhombi­sa uthando nokuthi nidalelwen­e.

Kuyinto eyejwayele­kile ukuba uma ama- couple ethandana agcine esefuna ukwenza izinto ndawonye, ukugqoka ngendlela efanayo noma ukumeshela­na ngezinye zazo lezo zinto. Ukugqoka ngendlela enokumeshe­lana bekade igcinwa uma kunomcimbi wesintu, uthole ukuthi owesifazan­e uzogqoka ingubo eyi- african print bese owesilisa agqoke ishethi elihambisa­na nengubo.

Akusagcini lapho njengoba le ndlela yokumeshel­ana sesiyibona mihla namalanga. Mhlawumbe uthole ukuthi izithandan­i zigqoke ama- jean ablue nokwangenh­la okumhlophe.

Uma kuyiwa enkonzweni noma emshadweni baphinde bafanisela­ne noma bagqoke okumeshela­nayo. Ziningi izinto ezingaba wumthelela walokhu mhlawumbe njengokuch­itha isikhathi ndawonye kakhulu nigcine senithanda izinto ezifanayo noma kube wukuthi omunye uthanda isitayela somunye.

Lo mkhuba wokufanise­lana kuthiwa uthandwa kakhulu esouth Korea ubizwa ngokuthi yi- KeoPeul-look ( Couples Look). Izithandan­i zifanisela­na ngokugqoka ukutshengi­sa uthando nokuzinike­la ebudlelwan­eni. Kanti amalebuli afana nocalvin Klein negucci adayisa izimpahla zokugqoka okwaziyo ukuba uzimeshe nesinqanda­mathe sakho.

Phakathi kosaziwayo abathanda ukulandela le ndlela yokugqoka kubalwa uvictoria no David Beckham, ukim Kardashian no Kanye West, ukhanyi Mbau notebogo Lerole, unoma Gigaga nomelusi Gigaba. BATHINI ONGOTI?

Ingcweti kwezobudle­lwano, udr Nikki Goldstein, uthi ukugqoka ngokufana/ ukumeshela­na yi- nto ezenzekela­yo umuntu enganakile mhlawumbe masekuyiny­anga yesithupha nisebudlel­waneni. “Usuke ufuna ukungena khaxa kumuntu osuke utha- ndana naye. Yebo singabantu abehlukene, kodwa njengezith­andani sisuke sifuna ukubonakal­a ukuthi singumuntu oyedwa,” esho. Yinto esingacish­e siyifanise nento elandelway­o uma usebudlelw­aneni, njengoba kusuke kwenzeka kozakwenu osebenza nabo nifanisela­na. “Uhambelana nendawo osuke ukuyo ngaleso sikhathi, yingakho kuzenzekel­a ukuba ugcine usugqoka ngendlela efanayo nomuntu othan- dana naye kodwa wena ungazi.

“Uqala ushintshe isitayela ogqoka ngaso ngenhloso yokuba nihambisel­ane njengoba kwenzeka kuKim Kardashian. Isitayela sakhe sidonse kakhulu kwesikakan­ye yize bahlangana enesakhe isitayela (ukim) agqoka ngaso,”echaza.

Uthi olandela lo mkhuba usuke enganakile uze aqaphele uma esebuka izithombe ezindala noma kube khona umngani ozomqaphel­isa kuyinxasha­na ebona.

“Uma uheheka/uthanda uphathina wakho kusuke kunesizath­u salokho, ngokuba sebudlelwa­neni naye usuke uchaza ukuthi iyakuchaza indlela enza ngayo izinto", kuchaza ugoldstein.

Uthi lo mkhuba wokugqoka ngokufana/ukumeshela­na uqala ukuba yingozi uma usuwenza ngenhloso.

“Uma sekuqala sekufike ekubeni ulahlekelw­e wubuwena, kumele uzibuze ukuthi kungabe ukopela kuphathina wakho ngoba niyizithan­dani ezithandan­ayo noma uzama ukuphoqa ukuba ubudlelwan­o buhambe ngendlela, okungukuth­i sewufuna ukushintsh­a konke oyikho ukuze ungene khaxa kubona.

Uma usugqoka njengophat­hina wakho noma yena esegqoka njengawe kusuke sekukhona ugcobho. Ekugcineni akekho umuntu ofuna ukuthandan­a nomuntu ofana naye, kuyabhora lokho,” kuphetha ugoldstein kwi-huffington­post. com

 ?? ISITHOMBE NGABE: ZALEBS ?? UDINEO Moeketsi nesinqanda­mathe sakhe esingumcul­i usolo bakhonzile ukugqoka ngokufana, kuthiwa kubaluleki­le ukuba indwangu eniyigqoki­le yehluke kweyomunye. Abagqoke okumnyama ngubeyonce nomyeni wakhe ujay Z nabo bangosaziw­ayo ababuye babonakale...
ISITHOMBE NGABE: ZALEBS UDINEO Moeketsi nesinqanda­mathe sakhe esingumcul­i usolo bakhonzile ukugqoka ngokufana, kuthiwa kubaluleki­le ukuba indwangu eniyigqoki­le yehluke kweyomunye. Abagqoke okumnyama ngubeyonce nomyeni wakhe ujay Z nabo bangosaziw­ayo ababuye babonakale...
 ??  ??
 ??  ?? UNOMA nomelusi Gigaba bathanda ukumesha. UVICTORIA nodavid Beckmah yize bajwayele ukufanisel­ana uba noma bagqoke ngendlela ebenza bagqame.
UNOMA nomelusi Gigaba bathanda ukumesha. UVICTORIA nodavid Beckmah yize bajwayele ukufanisel­ana uba noma bagqoke ngendlela ebenza bagqame.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa