Kuchazani ukugqoka kwezithandani ngokufana
ESIKHATHINI samanje yiningi ingcindezi eza nokuba sebudlelwaneni. Kunezinto ezike zenziwe yizithandani oke uzibuze wena ongaphandle ukuthi kungabe ziyazenzekela noma zihleliwe yini.
Ukugqoka ngendlela efanayo noma ukumesha kungenye yezinto othi uma ubuka i- couple igqokile bese uba nombuzo. Ukumesha kungacishe kube ngenye yezindlela zokukhombisa uthando nokuthi nidalelwene.
Kuyinto eyejwayelekile ukuba uma ama- couple ethandana agcine esefuna ukwenza izinto ndawonye, ukugqoka ngendlela efanayo noma ukumeshelana ngezinye zazo lezo zinto. Ukugqoka ngendlela enokumeshelana bekade igcinwa uma kunomcimbi wesintu, uthole ukuthi owesifazane uzogqoka ingubo eyi- african print bese owesilisa agqoke ishethi elihambisana nengubo.
Akusagcini lapho njengoba le ndlela yokumeshelana sesiyibona mihla namalanga. Mhlawumbe uthole ukuthi izithandani zigqoke ama- jean ablue nokwangenhla okumhlophe.
Uma kuyiwa enkonzweni noma emshadweni baphinde bafaniselane noma bagqoke okumeshelanayo. Ziningi izinto ezingaba wumthelela walokhu mhlawumbe njengokuchitha isikhathi ndawonye kakhulu nigcine senithanda izinto ezifanayo noma kube wukuthi omunye uthanda isitayela somunye.
Lo mkhuba wokufaniselana kuthiwa uthandwa kakhulu esouth Korea ubizwa ngokuthi yi- KeoPeul-look ( Couples Look). Izithandani zifaniselana ngokugqoka ukutshengisa uthando nokuzinikela ebudlelwaneni. Kanti amalebuli afana nocalvin Klein negucci adayisa izimpahla zokugqoka okwaziyo ukuba uzimeshe nesinqandamathe sakho.
Phakathi kosaziwayo abathanda ukulandela le ndlela yokugqoka kubalwa uvictoria no David Beckham, ukim Kardashian no Kanye West, ukhanyi Mbau notebogo Lerole, unoma Gigaga nomelusi Gigaba. BATHINI ONGOTI?
Ingcweti kwezobudlelwano, udr Nikki Goldstein, uthi ukugqoka ngokufana/ ukumeshelana yi- nto ezenzekelayo umuntu enganakile mhlawumbe masekuyinyanga yesithupha nisebudlelwaneni. “Usuke ufuna ukungena khaxa kumuntu osuke utha- ndana naye. Yebo singabantu abehlukene, kodwa njengezithandani sisuke sifuna ukubonakala ukuthi singumuntu oyedwa,” esho. Yinto esingacishe siyifanise nento elandelwayo uma usebudlelwaneni, njengoba kusuke kwenzeka kozakwenu osebenza nabo nifaniselana. “Uhambelana nendawo osuke ukuyo ngaleso sikhathi, yingakho kuzenzekela ukuba ugcine usugqoka ngendlela efanayo nomuntu othan- dana naye kodwa wena ungazi.
“Uqala ushintshe isitayela ogqoka ngaso ngenhloso yokuba nihambiselane njengoba kwenzeka kuKim Kardashian. Isitayela sakhe sidonse kakhulu kwesikakanye yize bahlangana enesakhe isitayela (ukim) agqoka ngaso,”echaza.
Uthi olandela lo mkhuba usuke enganakile uze aqaphele uma esebuka izithombe ezindala noma kube khona umngani ozomqaphelisa kuyinxashana ebona.
“Uma uheheka/uthanda uphathina wakho kusuke kunesizathu salokho, ngokuba sebudlelwaneni naye usuke uchaza ukuthi iyakuchaza indlela enza ngayo izinto", kuchaza ugoldstein.
Uthi lo mkhuba wokugqoka ngokufana/ukumeshelana uqala ukuba yingozi uma usuwenza ngenhloso.
“Uma sekuqala sekufike ekubeni ulahlekelwe wubuwena, kumele uzibuze ukuthi kungabe ukopela kuphathina wakho ngoba niyizithandani ezithandanayo noma uzama ukuphoqa ukuba ubudlelwano buhambe ngendlela, okungukuthi sewufuna ukushintsha konke oyikho ukuze ungene khaxa kubona.
Uma usugqoka njengophathina wakho noma yena esegqoka njengawe kusuke sekukhona ugcobho. Ekugcineni akekho umuntu ofuna ukuthandana nomuntu ofana naye, kuyabhora lokho,” kuphetha ugoldstein kwi-huffingtonpost. com