EZAMAFILIMU:
IBONE ichilo emcimbini wama-south African Music Awards (SAMA) ngesikhathi abaculi abebecelwe ukuba balingise izingoma zezihlabani zomculo ezingasekho behluleka bencama, becula imbudane yodwa.
Kwabawazi kahle umculo nabaqonda izindlela zokusebenza eziteji bazoyizwa le nto esiyichazayo.
Kulabo abangawubonanga lo mcimbi kube khona isikhathi sokukhunjulwa kwabaculi asebedlulile emhlabeni okubalwa kubo uhugh Masekela norobbie Malinga.
Kuthe ngesikhathi sekuzovezwa amagama abo kwaba khona abacula izingoma zabo bukhoma. Kube wumqondo omuhle lowo, ikakhulukazi njengoba bebevele bedumile besaphila, benamagalelo amakhulu endimeni yomculo emhlabeni wonke jikelele.
Bekulindeleke ukuba ingoma kahugh esihloko sithi “Thanayi” iculwe ngumuntu oyazi kahle, nezinsimbi kube yizo lezo ezaziwayo, kepha abayiculile bavele bayinyanyalata kwaze kwaba ngcono kulabo abebefutha amacilongo abawenze kahle umsebenzi wabo.
Laba abebecula, bacule into ecishe iyele ngaseculweni esilaziyo elingaculwa ngisho yingane yasenkulisa ilishaye kahle.
Kwenzeke okufanayo nasengomeni karobbie Malinga esihloko sithi “Mthande” ayicula nomusa - izinsimbi zibe yinhlakanhlaka nje, nabaculi bachitha icala.
Siyabakhuthaza-ke ngokuzayo abahleli balo mcimbi ukuba bazinike isikhathi baqoke abaculi abakwaziyo ukulingisa, ikakhulukazi emcimbini osuke ubukelwa yizigidi zabantu.
Ziningi izizathu ezenza kube nokungacopheleli ezingomeni - ezinye zazo yilezi:
Ukuqoka abaculi abangekho ezingeni lomnikazi wengoma.
Ukungabi khona kwesikhathi sokuzilolonga.
Ukuyithatha kalula ingoma yomuntu.
Umqondisi wabazilolongayo BASED ON A TRUE STORY UMQONDISI: Roman Polanski ABADLALI ABAPHAMBILI: Emmanuelle Seigner (Delphine), Eva Green (Elle) UHLOBO: Mystery, Thriller, Drama, Comedy IMINYAKA: 13 L UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha
UDELPHINE ungumbhali wencwadi ebe nenkulu impumelelo ekhuluma ngonina. Ubizwa ngapha nangapha ukuyokhuluma ngayo. Khona lapho uthola izincwadi ezimsongelayo, zimsola ngokuphendula umndeni wakhe into okuphuzwa ngayo itiye, kuhletshwa ngawo ndawo zonke.
Uzithola naye esezingabaza ngekhono lakhe lokubhala kuze kube uhlangana nowesifazane osemncane omuhle nokhaliphile u-elle. Nguye abaqondana kangcono naye.
Umbuzo-ke uthi njengoba u-elle esazi konke ngodelphine sebehlala nandawonye, sekunguye athulula zonke izindaba zakhe kuye? Nguye ozomkhulula noma ozomenza isilo sengubo na? Ingene ngoLwesihlanu esiphuma kulo e-cinema.
zowakha@ilanganews.co.za kumele azazi kahle izingoma ezizoculwa, angavumi noma yini.
Kungcono kusetshenziswe ICD yakhe umufi kuculwe kanye nayo ukuze abalandeli bakhe bavuseleleke.
Abahleli bomcimbi ababe nemali yokukhokhela abaculi abasezingeni, bangalethi izimfundamakhwela ezizogcina icala.
Asisho ukuthi ozolingisa kumele abe ngumufi ngqo kepha akakhiphe into ezoshiya abantu bezibuza BEZISAHOLWA YI-AVENGERS INFINITY WAR phambili ngokufaka imali ngempelasonto edlule yomhlaka 1-3 kunhlangulana (June) njengoba bese ifinyelele ku-r69 354 241 kanti esiqongweni kuse yiyo ukuthi ubelingisa yini noma usenguye ngqo.
Abaculi bakithi banezifo eziningana ezingelapheki kwezomculo ezifana nobuvila bokuzilolonga, ukudlala uma kusetshenzwa - ubafica beshiya ukuzilolonga sebesemnyango bephendulana nomakhalekhukhwini, abanye beyobhema. Kukhona ngisho abanesifo sengevu engenasidingo njalo njalo.
Zonke lezi zinto esesizibalile ziyinkinga emculweni weqophelo IDEADPOOL 2:
1. DEADPOOL 2
2. AVENGERS: INFINITY WAR 3. BREAKING IN
4. SOLO: A STAR WARS STORY eliphezulu, abaculi abawuhloniphi umsebenzi womculo, bawuthatha kalula bacabanga ukuthi ukucula ukukhamisa imilomo baphalaze amaphimbo.
Abawazi umsebenzi wokulolonga amaphimbo nezinto eziningi ezilandelwayo. Siyethemba abaMASAMA nabanye bazoziqaphela lezi zinto ezehlisa isithunzi somcimbi wabo omuhle kangaka. knowledge.simelane@ilanganews. co.za