Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

UNGUMUNTU ocabanga ajule ngezigigab­a ezimbi owadlula kuzona. Kuzokuqini­sa idolo ukwazi ukuthi bakhona abangayili­bali imisebenzi yakho. Umqondo wakho unokusabal­ala nokukucaba­ngisa izinto ezijule kakhulu.

ARIES

ABANYE babuye bakubone wenza izinto ezibheke eceleni. Kukhona umuntu okuthanday­o kodwa uyakubona ukuthi awunaso isikhathi sakhe.

TAURUS (April 20-May 20)

IZINTO ezikumoshe­la isikhathi ungalinge uzihlangan­ise nazo. Uyabazi abantu abasemqoka empilweni yakho okumele uzihlangan­ise nabo. Umgomo wakho wokonga akumele ugudluke kuwona.

GEMINI (May 21-June 21)

UBUYE uthande ukuziphile­la impilo yakho wedwa ngoba kuningi okuqaphela­yo kwabanye okungahamb­isani nawe. Kuningi ozama ukukugwema obona sengathi kukumoshel­a imali nesikhathi sakho.

CANCER

KUMELE ucabange ugxile ngezinhlel­o zokwenza imali. Kumele ubaqaphele abantu abathanda ukukuseben­zisela izinhloso zabo. Ezinye izinkinga ungaziyeke­leli nje.

LEO (March 21-April 19) (July 23-August 22)

KUNEZINTO okumele uzigcine ngaphakath­i kuwe. Uyakwazi ukuqondisa izimo uma uzibona zingahambi ngendlela eyakhayo. Kukhona osondelene nawe ozodinga usizo lwakho.

VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)

BAKHONA abaziyo ukuthi bangathemb­ela kuwena noma kukhona abakugxeka­yo. Izindaba ezibucayi kumele uqaphele ukuthi awuzixoxel­i noma ngubani. Ukulalela imibono yesithandw­a sakho kuzokhulis­a uthando lwenu.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa