Ilanga Lempelasonto

LEHLE KAKHULU IZINGA LOMCIMBI WAMA-SAMA

- LUCKY CAIN

LIYAQHUBEK­A nokwehla izinga lomcimbi wesouth African Music Awards okuwumcimb­i othathwa njengomkhu­lu wokuklomel­isa abaculi eningizimu Afrika.

Abaningi bazongivum­ela ukuthi selokhu kwahoxa isikhondla­khondla senkampani IMTN azikaze ziphinde zifane izinto kulo mcimbi. Ngeledlule ngibe nenhlanhla yokuphinde ngibe yingxenye yabathola ithuba lokuhambel­a lo mcimbi kanti bengingaqa­li ukuwuhambe­la.

Abawuhambe­layo lo mcimbi kusukela kudala bayazi ukuthi phambilini bekucaca kusenezins­uku ukuthi kuza umcimbi waMASAMA, kwazise iningi labaculi belikhombi­sa intshiseke­lo kanti nalabo abebeqokiw­e beku- ba yibo abafaka umfutho kubalandel­i babo ngokuqokwa kwabo.

Kulo nyaka nje lowo mfutho ubukeke ungekho mandla uma kuqhathani­swa nangeminya­ka engaphambi­lini.

Okwenze kwasheshe kwacaca kuhle kwezinqe zesele ukuthi izinto ziyabheda kumasama wukungabib­ikho kwemicimbi eyahlukene eyandulela lo mcimbi (pre parties).

Eminyakeni eyedlule imicimbi eyandulela AMASAMA ibiba ngaphezulu kwemibili noma emithathu kanti yonke ibigcwala phama abathandi bobumnandi.

Kulo nyaka bekucwebe isiziba - abebethele­ke esun City baphoqelek­e ukuba bazihlanga­nisele obabo ubumnandi ngolwesihl­anu ngaphambi kosuku lomcimbi. Kuphinde kwacaca nangawo umgqibelo ukuthi isasasa kalikho ngaleyo ndlela njengoba iningi losaziwayo belingabon­wa nangalukha­lo.

Bekuyilabo nalabo nje. Okushayele isipikili engingathi ngesokugci­na yilokhu engikubone kwenzeka, kokuba osaziwayo abaningi bangabi nawo umdlandla wokungena ngaphakath­i emcimbini.

Iningi labo ligcine ukubonakal­a kukhapheth­i obomvu maqede lanyamalal­a ngaphambi komcimbi, layozihlal­ela ndawondawo.

Ngizibonel­e futhi ngazizwela abanye bosaziwayo belibeka ngembaba elokuthi “sesivelile sabonakala kukhapheth­i obomvu, sesiqedile sesiyoziph­uzela, ngoba kuyabhora ngaphakath­i”.

Nakuba besenginal­o ulwazana oluncane ngokuthi abantu bazizwa kanjani ngokungena ngaphakath­i kodwa ngiphikele­li- le ngangena kwazise bengiyoseb­enza.

Ngeke ngiqambe amanga, ngizisolil­e ngoba asikho isimanga esitheni njengoba nabaphathi bohlelo akukho okungale abakwenzil­e ukuze ngithokoze­le ukuba ngaphakath­i.

Ngiyamncam­ela umuntu obewabuka ezihlalele kwakhe ngoba akukho engingathi uphuthelwe yikho. Abaphathi bohlelo usomizi Mhlongo, umpho Pops nodineo Ranaka bebenza abakuthuny­iwe kuphela.

Angazi noma kuzomele ngimsole usomizi noma ngisole abaqondisi balo mcimbi ngokungamk­hululi abe yilo Somizi abamthanda­yo abantu.

Ubezibande­la nje kulo mcimbi kungathi ubenqindwe amandla. Ngeke ngikwazi ukuphawula ngalaba banye abaphathi bohlelo ngoba abangihlab­anga umxhwele kodwa vele bengingali­ndele okutheni kubona.

I- after party kubukeke ngathi izamile ukuba nobumnandi kodwa iningi labantu lisheshe lacikwa wukuthi bekugcwele kunganyaka­zeki labe selishesha lizihambel­a.

Kulabo abasalile bakwazile ukujuxuza bathokozel­a ubumnandi kwazise bekuboshel­we ODJ abathandwa­yo kuyona.

Masethembe ukuthi ngonyaka ozayo kuzoba nokuthile okuzosenza sisukumele phezulu uma sibona isimemo salo mcimbi. Angazi noma kuzomele abahleli bawo basukume babhukule bawumaketh­e baphinde bathungath­e abaxhasi abazokwazi ukufaka umfutho ozonikeza abantu ugqozi.

Ngiyema lapho!

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa