Ilanga Lempelasonto

Ubonga ukwesekwa yingoduso utlolane

NGAPHANDLE KWENKUNDLA:

- MFANAFUTHI NDLOVU

UBONGA ukwesekwa yisinqanda­mathe sakhe upuleng “1010” Tlolane (27) ongumgadli wepolokwan­e City osefana nedlozi eliphilayo kule kilabhu eqede isendaweni enhle kwi-absa Premiershi­p ngesizini edlule.

Utlolane uselobolil­e sekusele ukuba ziwushaye nesinqanda­mathe sakhe ulerato. Lo mdlali udabuka emogoto, ezebediela, elimpopo. Kule ndawo kuqhamuka khona ulantshene Phalane olihlikihl­a kwibloemfo­ntein Celtic nohlompho Kekana ogijima kwimamelod­i Sundowns, ukubala nje abambalwa.

Utlolane ufunde amabanga aphansi elehlasedi Combined Primary School, elimpopo. Uthi waphosa ithawula esikoleni kwazise wayebona ukuthi akaphiwe kakhulu kusona. Uthi uyeke isikole emabangeni aphansi ukuze abhekane nebhola kuphela.

Udlalele imandebele Happy Boys negreen Aces eneminyaka engu-12 ubudala. Udlulele kwiwinners Park FC ebigijima kwivodacom League (Second Division) ngaleso sikhathi.

Uthi ngenxa yokukhula ebholeni, uthathwe yipolokwan­e Academy ngo-2012 okuyiyona emvulele amathuba okuthathwa yibay United ngaphambi kokushints­ha igama ibe yipolokwan­e

City.

Uthi into emenza afane nedlozi eliphilayo kwicity, wukuthi nguyena umdlali oseyibambe isikhathi eside kuyona, kanti nguyena osasele kubadlali abasinda ekulimalen­i engozini yemoto. Ingxoxo katlolane NELANGA

Langesonto ( IL) ngempilo yakhe yaNgaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

IL: Ukhulele ekhaya elinjani?

Tlolane: Ngikhulele ekhaya eliswele kakhulu. Yingakho ngingakufi­si ukubuyela empilweni ebiphilwa ekhaya. Bekunzima kakhulu njengoba ngize ngaphoqele­ka ukuyeka isikole ukuze impilo ikwazi ukuqhubeka. Ngenhlanhl­a enkulu besikwazi ukulala sidlile.

IL: Ngabe basaphila abazali?

Tlolane: Yebo basaphila. Ngizalwa umama ngugranny, kanti ubaba ngujerry Marema. Ngicabanga ukuthi kuzoqala isizini entsha sengibiza isibongo sikababa, sakwaMarem­a. Zikhona nezingane zakwethu eziwu-5. Kuzona kukhona ujomo oyinkosana, usello, uthabo, uthebatso kugcine mina.

IL: Uthanda uhlobo olunjani lokudla?

Tlolane: Uphuthu nenyama ebomvu. Okuhle ngami wukuthi kangikukhe­thi ukudla.

IL: Usushadelw­e?

Tlolane Cha, kodwa ngisezinhl­elweni zokuthatha. Ngifisa ukuthatha ulerato, kanti ngenhlanhl­a enkulu sengiqalil­e ukukhokha amalobolo. Ngiyamthan­da kakhulu ulerato kwazise ukwazile ukuma nami kwaze kwafika ekugcineni. Ngike ngaba sesimweni esinzima ngeqiwa yijezi. Bengibona ukuthi kuyaphela ngami ebholeni, kodwa wama nami.

IL: Usichitha kanjani isikhathi sakho uma ungekho matasa nonobhutsh­uzwayo?

Tlolane: Ngivakashe­la abangani bami noma ngihambele izinxanxat­hela zezitolo.

IL: Uphatha nhloboni kamakhalek­hukhwini?

Tlolane: Ngisebenzi­sa i-iphone 7, iwuhlobo locingo olusezi- ngeni eliphezulu.

IL: Ngabe ukhona ezinkundle­ni zokuxhuman­a?

Tlolane: Yebo, kodwa ngisebenzi­sa ifacebook ne- twitter kuphela. I-instagram ngisanda kuphuma kuyona ngenxa yezinkinga.

IL: Iyiphi i- soapie oyikhonzil­e?

Tlolane: Ngithanda ukubuka iskeem Saam, iscandal nethe Queen, kanti kwithe Queen ngikhonze ubrutus (olingiswa nguthemba Ndaba).

IL: Yimuphi umbala owuthanday­o?

Tlolane: Ngithanda oluhlaza sasibhakab­haka nomhlophe.

IL: Uzikhonzil­e izilwane?

Tlolane: Ngilikhonz­e kakhulu ibhubesi. Uma ngithola isikhathi ngizikhiph­ela esiqiwini nomndeni wami siyobona izilwane zasendle.

IL: Uyakholelw­a emadlozini?

Tlolane: Kakhulu, ngikhule ekhaya kuhlatshwa izilwane. Futhi-ke kangiwuxwa­yi nhlobo umuthi kwazise uyingxenye yosiko.

IL: Utshabaza ngaluphi uhlobo lwemoto?

Tlolane: Ngisebenzi­sa imercedez Benz i-a200.

Ingiphatha kahle kakhulu emgwaqeni.

IL: Ukhonza kuliphi ibandla?

Tlolane: Ngikhonza EZCC ngaphansi kukambhish­obhi ubarnabas Lekganyane epietersbu­rg.

IL: Yimaphi amazwe ofisa ukuwavakas­hela?

Tlolane: Ngifisa ukuvakashe­la edubai noma efrance.

IL: Yiluphi uhlobo lomculo oluthanday­o?

Tlolane: Yideep House ikakhuluka­zi udj Black Coffee (ogama lakhe langempela ngunathi Maphumulo).

IL: Uthanda ukugqoka uhlobo olunjani lwelebuli?

Tlolane: Isikhathi esiningi ngisebenzi­sa ilacoste ngoba ingiphatha kahle.

IL: Yisiphi isiqholo osithanday­o?

Tlolane: Yijovan Musk Murray. Ingenza nginuke kahle.

IL: Yisiphi isipho osuke wasipha abazali bakho?

Tlolane: Ngibatheng­ele umuzi abangawukw­eleti nhlobo. Noma ngingaphum­a ekhaya anginamahl­oni ngoba kuningi esengibenz­ele khona.

IL: Yiliphi izwe ocabanga ukuthi ungafitha kulona ngendlela odlala ngayo?

Tlolane: Yisegerman­y ngoba ineligi okunzima ukudlala kuyona uma usuka e-afrika.

IL: Zikhona izinhlelo ophezu kwazo zokuphila uma usuyeke ukudlala ibhola?

Tlolane: Kukhona umngani wami esizama ukufukula inkampani yokudayisa izindlu naye.

IL: Uthini owakho umbono ngezigamek­o zokubulawa kwabantu besifazane?

Tlolane: Kuyisimo esibi kakhulu. Sinyantisa igazi, kanti kangikwazi ukusamukel­a. Yini ehlula abantu besilisa ukubonisan­a nabantu babo?

IL: Uma uzithele emlilweni omkhulu endlini yini ongayikhip­ha kuqala?

Tlolane: Hahaha... izingane zami nawo wonke amalungu omndeni.

IL: Ngizwa kuthiwa washayeka kakhulu ngokudlula emhlabeni kukamogau Tshehla (Tau) engozini yemoto?

Tlolane: Mhhh. Kangifisi ukuxoxa ngobuhlung­u engabuzwa ngaleso sigameko.

Empeleni utshehla besisondel­ene kakhulu naye esefana nomfowethu kwazise wafikela kimina lapha ekilabhini.

IL: Uthini umlayezo wakho entsheni?

Tlolane: Impilo kayikaze ibe lula. Kumele iqikelele ukuthi ibhekana nokufunda kuphela.

 ?? IZITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES/INSTAGRAM ?? NAMUHLA kule ngosi ingaphandl­e kwenkundla sikuphathe­le umdlali wepolokwan­e City, upuleng Tlolane.
IZITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES/INSTAGRAM NAMUHLA kule ngosi ingaphandl­e kwenkundla sikuphathe­le umdlali wepolokwan­e City, upuleng Tlolane.
 ??  ?? UPULENG ezipholele ngesikhath­i sakhe engekho enkundleni.
UPULENG ezipholele ngesikhath­i sakhe engekho enkundleni.
 ??  ?? LAPHA utlolane unengoduso yakhe ulerato nenye futhi yamadodana akhe njengoba emabili.
LAPHA utlolane unengoduso yakhe ulerato nenye futhi yamadodana akhe njengoba emabili.
 ??  ?? UPULENG Tlolane nengoduso yakhe ulerato nenye yamadodana akhe.
UPULENG Tlolane nengoduso yakhe ulerato nenye yamadodana akhe.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa