Ilanga Lempelasonto

I-GOLDEN ARROWS ICATHAMELA ISIPHEKEPH­EKE SASEBOTSWA­NA

- MFANAFUTHI NDLOVU

ILAMONTVIL­LE Golden Arrows icathamela isiphekeph­eke setownship Rollers egijima kwibotswan­a Premier League.

ILANGA Langesonto lithole ngemithomb­o yalo encikene kakhulu nabafana Bes’thende ukuthi le kilabhu kamato Madlala icuthele ukobamelo “Swere” Kebaikanye (26) ogijima eqenjini lesizwe lasebotswa­na ebelibambe iqhaza kwi-2018 Cosafa Cup Tournament esongwe izolo ngoMgqibel­o epolokwane.

Ukebaikany­e ugile izimanga kwicosafa okwenze i-arrows yamconsela amathe.

Kuthiwa lo mdlali ubukeka ezongena khaxa kwi-arrows, kwazise ushibilika ngendlela emangalisa­yo esiswini.

Kuthiwa makhulu amathuba okuthi abonakale edlubhe ijezi lezikamato ngesizini ezayo.

Kuthiwa izinhloli ze-arrows ezisepolok­wane zichazeke kakhulu ngezikubon­e kulo mdlali.

Leli phephandab­a lithinta uclinton Larsen ocija i-arrows ngalolu daba, uthe empeleni baningi abadlali abebebukwa yithimba lezinhloli zale kilabhu ebezinkani­se epolokwane.

“Sengike ngambona. Ungumdlali omuhle kakhulu ukebaikany­e.

"Unekhono elingandil­e kulo mdlalo. Udlala ibhola eliya phambili futhi akenqeni ukuqonda ngqo abadlali nebhola ngendlela anekhono ngayo,” kusho lo mqeqeshi ezakhe eziqede isizini edlule zikwi- top 8 okwesibili amasizini elandelana.

Uqhube wathi: “Nokho ngeke sikujahe ukulanda noma yimuphi umdlali kwazise sinabo abanekhono kwimultich­oice Diski Challenge (MDC).

"Okuhle wukuthi iqembu lethu LEMDC lenza kahle. Kakumele sehlise izinhliziy­o zabadlali ngokulanda nabadlali abangabadl­uli esinabo ekilabhini.

"Okumqoka wukuthi kumele sikwazi ukubumba ikilabhu ngendlela engeke icindezele abadlali abasakhula ezinhlaken­i zeqembu.”

I-arrows izovula ngokusemth­ethweni ukuqala ukucijela isizini ezokwethwa­sa ngoMsombul­uko ozayo womhla ka-18 kunhlangul­ana (June). Leli phephandab­a lithole ukuthi i-arrows izozifudum­eza ngokugijim­a imidlalo yobungani namazulu FC emqhudelwa­neni ozokuba mhla ka-24 kwephezulu eprincess Magogo Stadium, Kwamashu.

Userame Letsoaka oke wasebenza kwi-arrows, useqome ibotswana (FA) lapho esephethe khona isikhundla sokuba ngusomaqhi­nga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa