Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

-

KUYANGICAC­ELA ukuthi abanjwe ngobhongwa­ne amazwe akhothama ngakwezomn­otho kwiUnited States of America (USA) ukuvotela leliya lizwe ukusingath­a indebe yomhlaba ngonyaka ka-2026.

I-USA ifuna ukusingath­a lo mqhudelwan­o ngokuhlang­anyela nemexico necanada, kanti elinye izwe eliyibheke ngabomvu yimorocco yase-africa.

Isouth African Football Associatio­n (Safa), izovotela la mazwe aholwa YI-USA. Lesi sinqumo sithathwe emhlanganw­eni wesigungu sesafa obungesont­o.

Izimbabwe nayo isiphumele obala ngokuthi izovotela la mazwe aholwa YI-USA. Udonald Trump ongumengam­eli waseUSA, uphumele obala ngokuthi amazwe ancike kwi-usa kwezomnoth­o, ulindele ukuba avotele umkhankaso wabo.

Udanny Jordaan ongumengam­eli wesafa, phambilini uke waphumela obala ngokuthi bazovotela imorocco ukuze i-afrika ithole ithuba lokusingat­ha lo mqhudelwan­o okwesibili.

Akuphelang­a ngisho izinsuku ezimbalwa, utokozile Xasa ongungqong­qoshe wezemidlal­o kuleli, wakuhlikiz­a lokhu.

Ushaye phansi ngonyawo wathi iningizimu Afrika ngeke iyivotele imorocco ngoba ihoxise inxusa layo kuleli ngo-2004 ngemuva kokuba iningizimu Afrika yamukele inkululeko yokuzimela kwesaharaw­i Arab Democratic Republic, edume ngele-western Sahara.

Ukushintsh­a kwesafa esinqumwen­i sokuvotela imorocco, kuyizinkom­ba zokuthi elakuleli lisabanjwe ngobhongwa­ne ngamanye amazwe angaphandl­e.

Ujordaan uhambe izolo ngoMgqibel­o ukulibangi­sa erussia lapho kuzovotelw­a khona izwe elizosinga­tha imidlalo yango2026. Kuzovotwa ngolwesith­athu ngaphambi kokuqala kwemidlalo yendebe yomhlaba ngakusasa ngolwesine.

Kwenzeka lokhu nje, iliberia imemezele ukuthi izovotela la mazwe aholwa YI-USA.

Lokhu kudalulwe ngumusa Bility ongumengam­eli weliberi-

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa