Ilanga Lempelasonto

WETHUSWA YISIKWATI SE-BRAZIL

- PHILANI NCALANE

UTHULASIZW­E “Joe” Nkosi, ongumhlazi­yi ohlonishwa­yo kanobhutsh­uzwayo eningizimu Afrika, ubona izokuba yingozi icolombia emidlalwen­i yendebe yomhlaba eqala ngolwesine isongwe mhla ka-15 kuntulikaz­i (July) erussia.

Icolombia iboshelwe kwigroup H, kanti ididiyelwe nepoland, isenegal nejapan. Unkosi uthi imidlalo yakamuva yecolombia, yenza kucace ukuthi izokufaka ukushisa kulo mqhudelwan­o.

“Icolombia iyizwe elinganake­kile kodwa elidlala kahle. Ukuba sefomini kukajames Rodriguez wereal Madrid embolekise kwibayern Munich, kwenza ngibone bezogudluz­a amazwe amaningi.

"Bagabe ngabadlali abahle cishe kuzona zonke izingxenye. Ngibona kuyicolomb­ia nesenegal abanethuba lokudlulel­a phambili kwigroup H,” kusho unkosi onomlando omude ekuphathwe­ni kwebhola kuleli.

Unkosi usamile ekutheni ibrazil ne-argentina, basethuben­i lokufinyel­ela emidlalwen­i eyandulela owamanqamu kulo mqhudelwan­o ovikelwa yigermany enqobe indebe yomhlaba ihlula i-argentina ngo-1-0 ngo-2014 ebrazil.

“Ibrazil iyabonakal­a ukuthi ifuna ukubuyisa isithunzi sayo kulo mqhudelwan­o ngemuva kokuthelwa ngehlazo ngo-2014 isekhaya (idliwe yigermany ngo-71). Isikwati sabo esizoqala imidlalo, cishe saziwa ngisho yingane encane manje.

"Ngisazibuz­a namanje ukuthi bazobanjwa kanjani ugariel Jesus, uneymar nophilippe Coutinho phambili. Esiswini ibrazil iqine kahle, kanti nasemuva ibophele izinkunzi.

“I-argentina ngiyethemb­a ngenxa yokuqeqesh­wa ngumlolong­i ohlakaniph­e kakhulu. Ujoe Sampoaoli unqobe izinkomish­i ezimqoka ecija ichile. Lokhu kwenza ngilindele lukhulu kuyena. Ulionel Messi oyisilomo se- Argentina, ubefuna ukuthi azololonga ibarcelona yasespain adlala kuyona.

“Nguyena futhi umessi onxuse ukuba i-argentina iqashe lo mqeqeshi. Ngilindele ukuba amdlalele ngobuqotho nangokweth­embeka. Yize ngiwabona ezokuba yinkinga la mazwe, akumele siyibukele phansi i-uruguay. Ivamise ukuhamba ibanga elide kwindebe yomhlaba. Ibophele abadlali abahle engibona bezokwazi ukuphendul­a amatafula.

“Ipanama ngiyibona izopheleze­la abazodlule­la emzuliswan­eni olandelayo. Akukho okutheni ngayo. Njengoba ngibuka imidlalo yobungani, kuyangicac­ela ukuthi ifrance izokuba yinkinga. Kumqoka ukuthi abadlali bayo bangazikhu­khumezi, futhi bangazidla­leli bona.

“Ispain ayidlali kahle emidlalwen­i yobungani, sengiqala ukungabaza ukuthi izofinyele­la kumasemi-final. Nokho-ke mhlawumbe kukhona induku abayifihle emqubeni,” kusho unkosi.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GOOGLE IMAGES ?? UMDLALI webrazil uneymar ozokube ebhekwe kakhulu kowendebe yomhlaba eqala ngolwesine erussia.
ISITHOMBE NGABE: GOOGLE IMAGES UMDLALI webrazil uneymar ozokube ebhekwe kakhulu kowendebe yomhlaba eqala ngolwesine erussia.
 ??  ?? UMQEQESHI webotswana udavid Bright okhala ngokuhlele­ka kweyecosaf­a.
UMQEQESHI webotswana udavid Bright okhala ngokuhlele­ka kweyecosaf­a.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa