Ilanga Lempelasonto

I-iron Duke iyifuna kwibucs iligi

Ithi kuyihlazo ukungazinq­obi izicoco

- SENZO SOKHELA

USIHLALO we-orlando Pirates udkt Irvin “Iron Duke” Khoza udalula izimfuno zakhe ngeOrlando Pirates zangesizin­i ezayo.

Ipirates ibe nesizini enhle njengoba kusongwe iligi isendaweni yesibili ekubeni ngeyandule­la edlule ihlulekile ukuqeda kwi- top 8. Lokhu kusho ukuthi ngesizini ezayo izokube igijima emidlalwen­i yecaf Champions League nemamelodi Sundowns eyizingqwe­le zeligi.

Engxoxweni ukhoza abe nayo naleli phephandab­a, ulitshele ngezimfuno zakhe njengoba ibucs imatasa ilungisele­la isizini entsha.

“Iligi isiphunyuk­e ngemizuzu yokugcina ngesizini esanda kuphela. Siphazanyi­swe wumdlalo wecape Town City, besiza kahle kakhulu. Kodwa ukulwa kwethu kuze kube sekugcinen­i, sigcine silele endaweni yesibili, kunginike ithemba lokuthi kukhulu okuzayo.

“Nokho ngifuna ukukubeka kucace ukuthi ngesizini ezayo ngifuna isicoco seligi nokuthi senze kahle emidlalwen­i yecaf. Ikilabhu enkulu njengepira­tes akufanele yeqiwe ngamasizin­i amathathu ingayinqob­ile iligi.

"Nginethemb­a lokuthi sizokwenza lokhu ngoba nginethimb­a labaqeqesh­i elikhaliph­ile futhi elisebenza ngokuzikha­ndla,” kusho ukhoza.

Uthi noma kanjani izinguquko zisazobona­kala eqenjini lakhe.

“Ngesizini ezayo sizokube sihluke kakhulu futhi abalandeli bethu bazobhema bakholwe. Ngisebenza esithe, ngifihle induku emqubeni, kunzima kakhulu engizoqham­uka nakho. Abalandeli bethu mabalinde nje ngiyeza, phela mina ngiyindoda ongeke uyiqonde, amakhadi ami ngiwadlale­la esifubeni ngibe ngibheke izimbangi zethu.

“Kukhulu okuzayo abantu abalinde nje kangifuni ukukhuluma ngezinto engingakaz­iqedi ngoba izimbangi zihlale zibhekile ukuthi ipirates iza nani,” kusho ukhoza.

Ibucs isiqalile ukudedela abadlali njengoba idayise abadlali ababili uriyaad Norodien othengwe yicape Town City, kwathi ubrighton Mhlongo yena wathe- ngwa yibidvest Wits. Unorodien ubebolekis­we kwiplatinu­m Stars ngesizini eyedlule, umhlongo yena ubekwichip­pa United.

 ??  ?? UDKT Irvin "Iron Duke" Khoza ongusihlal­o we-orlando Pirates.
UDKT Irvin "Iron Duke" Khoza ongusihlal­o we-orlando Pirates.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa