UKHUZA IBUYA KWISIBAYA UCELESTE
OMUNYE wabalingisi abangaconsi phansi emdlalweni kamabonakude Isibaya, osekunezinyanga engabonakali emdlalweni, uthi abantu mabehlise amaphaphu, uyabuya.
Uceleste Ntuli ( osesithombeni) odlala indawo kaphumelele Zungu kulo mdlalo, uthi ubesamile kwiSibaya ngoba edinga isikhathi sokwenza eminye imisebenzi yakhe.
Utshele ILANGA Langesonto ukuthi uphoqeleke ukuba ame kancane ekulingiseni kwisibaya ngoba efuna ukugxila emsebenzini wakhe wamahlaya. “Abalandeli bami mabehlise amaphaphu, ngiyabuya. Kumanje ngiyashutha kodwa ngizobuye nginyamalale futhi ukuyoqhubeka nokuhlela umcimbi wami wamahlaya,” kusho uceleste. Utshele leli phephandaba ukuthi njengamanje umsebenzi agxile kuwona ngowokuhlela umjikelezo wamahlaya azowenza ngoncwaba (August) obizwa ngeseriously Celeste. Uthi lo mjikelezo wakhe uzomthatha inyanga yonke kusuka zizine kwephezulu kuze kuyophela inyanga. Uthi lo mjikelezo uzoqala egoli, uye ekapa bese ewuvala ethekwini. Ngaphandle kokulungiselela iseriously Celeste, kunomunye umdlalo kamabonakude abeqopha kuwona ozokhonjiswa kumzansi Magic.
“Kulo mdlalo ngizodlala indawo ehlukile kwengiyidlala kwisibaya.. Kuwona ngizobe ngidlala indawo yomuntu olingana nami njengoba kwisibaya ngingumama omdala nje,” kuchaza yena.
Uthi abalandeli bakhe mabalindele lukhulu kulo mdlalo ngoba bazobona uceleste wangempela. “Ngizobe ngidlala indawo kasisi oneminyaka ewu-38, olungafakwa kuyena yize engesona isigebengu,” kuchaza yena.