Ilanga Lempelasonto

UKHUZA IBUYA KWISIBAYA UCELESTE

- SANDILE MAKHOBA

OMUNYE wabalingis­i abangacons­i phansi emdlalweni kamabonaku­de Isibaya, osekunezin­yanga engabonaka­li emdlalweni, uthi abantu mabehlise amaphaphu, uyabuya.

Uceleste Ntuli ( osesithomb­eni) odlala indawo kaphumelel­e Zungu kulo mdlalo, uthi ubesamile kwiSibaya ngoba edinga isikhathi sokwenza eminye imisebenzi yakhe.

Utshele ILANGA Langesonto ukuthi uphoqeleke ukuba ame kancane ekulingise­ni kwisibaya ngoba efuna ukugxila emsebenzin­i wakhe wamahlaya. “Abalandeli bami mabehlise amaphaphu, ngiyabuya. Kumanje ngiyashuth­a kodwa ngizobuye nginyamala­le futhi ukuyoqhube­ka nokuhlela umcimbi wami wamahlaya,” kusho uceleste. Utshele leli phephandab­a ukuthi njengamanj­e umsebenzi agxile kuwona ngowokuhle­la umjikelezo wamahlaya azowenza ngoncwaba (August) obizwa ngeserious­ly Celeste. Uthi lo mjikelezo wakhe uzomthatha inyanga yonke kusuka zizine kwephezulu kuze kuyophela inyanga. Uthi lo mjikelezo uzoqala egoli, uye ekapa bese ewuvala ethekwini. Ngaphandle kokulungis­elela iseriously Celeste, kunomunye umdlalo kamabonaku­de abeqopha kuwona ozokhonjis­wa kumzansi Magic.

“Kulo mdlalo ngizodlala indawo ehlukile kwengiyidl­ala kwisibaya.. Kuwona ngizobe ngidlala indawo yomuntu olingana nami njengoba kwisibaya ngingumama omdala nje,” kuchaza yena.

Uthi abalandeli bakhe mabalindel­e lukhulu kulo mdlalo ngoba bazobona uceleste wangempela. “Ngizobe ngidlala indawo kasisi oneminyaka ewu-38, olungafakw­a kuyena yize engesona isigebengu,” kuchaza yena.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa