Ukhoza ukhala ngenkohlakalo ebholeni
UBALISA ngesihlava akholwa wukuthi sibulala ibhola laseningizimu Afrika udkt Irvin “Iron Duke” Khoza, ongusihlalo wepremier Soccer League (PSL), nokho azwakalise ukuthi uphezu kwaso futhi uzosiqeda nya.
Iligi enkulu YEPSL, i-absa Premiership, ithathwa njengenye yamakhulu emhlabeni kodwa namanje isadonsa kanzima ukukhiqiza abadlali abenza ezibukwayo emakilabhini amakhulu ase-europe.
Ngaphandle kwalokho, iyahluleka nokukhiqizela ibafana Bafana abadlali abazoyisiza ikwazi ukungena emiqhudelwaneni emikhulu njengendebe yomhlaba.
Kumanje ibafana kayilubhadi erussia kanti i-absa Premiership imelwe ngumdlali oyedwa nje vo kule midlalo, udaniel Akpeyi ovimbela ichippa United nenigeria.
Ukhoza uthi sebeyibambile imbangela eholela ekutheni ibhola lakuleli lingakhuli.
“Angifuni ukuphawula kakhulu ngale nto yokumelwa ngumdlali oyedwa erussia ngoba kwamina ingiphula umoya.
"Kodwa kufanele sikuqonde ukuthi ibhola likhula ngamandla emhlabeni. Yingakho namazwe abenganakiwe enza kahle, alikhuphulile izinga.
"Into engikhathaza kakhulu emoyeni nengiphula umphefumulo engikholwa wukuthi yiyona ebulala ibhola lethu yinkohlakalo yokwehliswa kweminyaka yabadlali.
“Le nto iyalibulala ibhola kodwa sizokulwa nayo futhi sizoyinqoba. Abantu abangobhongoza bayo sesiyabazi, amanye ama- agent ayawenza lo mkhuba, nalaba abahlwayelela amakilabhu ikhono.
"Usayinisa umdlali ucabanga ukuthi uneminyaka yobudala engu-24 kanti umuntu uneminyaka engu-28. Le nto iyasilimaza, uzitshela ukuthi usayinise ingane kanti usayinise ikhehla,” kusho ukhoza.
Uthi idiski Shield nemultichoice Diski Challenge (MDC) nayo izosiza ukulwa nalo mkhuba.
“Njengoba abadlali sesibabona bukhoma manje ngenxa yale miqhudelwano sizobabamba abahlehlisa iminyaka yabo.
"Phela emiqhudelwaneni yakuqala besingababoni, umuntu ubedlala ngeminye iminyaka uma ebona ukuthi akaphumeleli aphinde aqhamuke kuwona lo mqhudelwano ngeminye iminyaka.
“Lena esinayo izobaveza obala. Siyazi ukuthi bagijima baye ezikoleni nasemitholampilo befuna ukuyokwenza lo mkhuba. Amandla ami amaningi manje sengiwafake ekuthuthukiseni ibhola emazingeni aphansi ngoba ikusasa lilele lapho,” kusho ukhoza.
Ukhoza ukhala ngokuzehlisa kwabadlali iminyaka nje, ngesizini edlule kuke kwasuka umsindo ngowiseman Meyiwa odlala esiswini kwikaizer Chiefs kuthiwa usebenzisa iminyaka nesibongo okungekhona okwakhe.
Lokhu kuvezwe yimaritzburg United, ithi ngesikhathi esagijima esikhungweni sayo sokuthuthukisa ibhola ubengowakwamoshoeshoe futhi esebenzisa eminye iminyaka hhayi lena athi unayo.
Nasemazweni angaphandle kwakuleli lo mkhuba kuthiwa udla lubi futhi amanye awo ayawukhuthaza ukuze abadlali bawelele e-europe babuye nezindodla zemali sebezokhulisa umnotho wasemazweni abo.