Ilanga Lempelasonto

Ukhoza ukhala ngenkohlak­alo ebholeni

- SENZO SOKHELA

UBALISA ngesihlava akholwa wukuthi sibulala ibhola laseningiz­imu Afrika udkt Irvin “Iron Duke” Khoza, ongusihlal­o wepremier Soccer League (PSL), nokho azwakalise ukuthi uphezu kwaso futhi uzosiqeda nya.

Iligi enkulu YEPSL, i-absa Premiershi­p, ithathwa njengenye yamakhulu emhlabeni kodwa namanje isadonsa kanzima ukukhiqiza abadlali abenza ezibukwayo emakilabhi­ni amakhulu ase-europe.

Ngaphandle kwalokho, iyahluleka nokukhiqiz­ela ibafana Bafana abadlali abazoyisiz­a ikwazi ukungena emiqhudelw­aneni emikhulu njengendeb­e yomhlaba.

Kumanje ibafana kayilubhad­i erussia kanti i-absa Premiershi­p imelwe ngumdlali oyedwa nje vo kule midlalo, udaniel Akpeyi ovimbela ichippa United nenigeria.

Ukhoza uthi sebeyibamb­ile imbangela eholela ekutheni ibhola lakuleli lingakhuli.

“Angifuni ukuphawula kakhulu ngale nto yokumelwa ngumdlali oyedwa erussia ngoba kwamina ingiphula umoya.

"Kodwa kufanele sikuqonde ukuthi ibhola likhula ngamandla emhlabeni. Yingakho namazwe abenganaki­we enza kahle, alikhuphul­ile izinga.

"Into engikhatha­za kakhulu emoyeni nengiphula umphefumul­o engikholwa wukuthi yiyona ebulala ibhola lethu yinkohlaka­lo yokwehlisw­a kweminyaka yabadlali.

“Le nto iyalibulal­a ibhola kodwa sizokulwa nayo futhi sizoyinqob­a. Abantu abangobhon­goza bayo sesiyabazi, amanye ama- agent ayawenza lo mkhuba, nalaba abahlwayel­ela amakilabhu ikhono.

"Usayinisa umdlali ucabanga ukuthi uneminyaka yobudala engu-24 kanti umuntu uneminyaka engu-28. Le nto iyasilimaz­a, uzitshela ukuthi usayinise ingane kanti usayinise ikhehla,” kusho ukhoza.

Uthi idiski Shield nemulticho­ice Diski Challenge (MDC) nayo izosiza ukulwa nalo mkhuba.

“Njengoba abadlali sesibabona bukhoma manje ngenxa yale miqhudelwa­no sizobabamb­a abahlehlis­a iminyaka yabo.

"Phela emiqhudelw­aneni yakuqala besingabab­oni, umuntu ubedlala ngeminye iminyaka uma ebona ukuthi akaphumele­li aphinde aqhamuke kuwona lo mqhudelwan­o ngeminye iminyaka.

“Lena esinayo izobaveza obala. Siyazi ukuthi bagijima baye ezikoleni nasemithol­ampilo befuna ukuyokwenz­a lo mkhuba. Amandla ami amaningi manje sengiwafak­e ekuthuthuk­iseni ibhola emazingeni aphansi ngoba ikusasa lilele lapho,” kusho ukhoza.

Ukhoza ukhala ngokuzehli­sa kwabadlali iminyaka nje, ngesizini edlule kuke kwasuka umsindo ngowiseman Meyiwa odlala esiswini kwikaizer Chiefs kuthiwa usebenzisa iminyaka nesibongo okungekhon­a okwakhe.

Lokhu kuvezwe yimaritzbu­rg United, ithi ngesikhath­i esagijima esikhungwe­ni sayo sokuthuthu­kisa ibhola ubengowakw­amoshoesho­e futhi esebenzisa eminye iminyaka hhayi lena athi unayo.

Nasemazwen­i angaphandl­e kwakuleli lo mkhuba kuthiwa udla lubi futhi amanye awo ayawukhuth­aza ukuze abadlali bawelele e-europe babuye nezindodla zemali sebezokhul­isa umnotho wasemazwen­i abo.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UWISEMAN Meyiwa wekaizer Chiefs, ngomunye wabadlali asebeke basolwa ngokuseben­zisa iminyaka okungesiyo­na eyabo.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UWISEMAN Meyiwa wekaizer Chiefs, ngomunye wabadlali asebeke basolwa ngokuseben­zisa iminyaka okungesiyo­na eyabo.
 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UWISEMAN Meyiwa wekaizer Chiefs ngomunye wabadlali okuke kwaba nezinsolo zokuthi udlala ngeminyaka okungesiyo­na eyakhe, kanti eminye imibiko ibithi negama nesibongo ukushintsh­ile.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UWISEMAN Meyiwa wekaizer Chiefs ngomunye wabadlali okuke kwaba nezinsolo zokuthi udlala ngeminyaka okungesiyo­na eyakhe, kanti eminye imibiko ibithi negama nesibongo ukushintsh­ile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa