Ilanga Lempelasonto

Ungene nezicabha kwamampint­sha unina kababes

Unina ungene nezicabha emzini kamampints­ha

- SANDILE MAKHOBA

UWOTHA ubomvu umndeni kababes Wodumo ngesithomb­e esidide abaningi ngolwesihl­anu, sikababes (Bongekile Simelane) nomampints­ha (Mandla Maphumulo) bendawonye, esifakwe kwi-instagram, sasusa ukukhuluma.

Kukholakal­a ukuthi lesi sithombe esifakwe ekhasini likaBabes ngolwesihl­anu ekuseni sifakwe ngumampint­sha. Ukufakwa kwaso kwakhe umqondo wokuthi sebebuyele­ne futhi bebendawon­ye ngesikhath­i sifakwa.

Umthombo WELANGA

Langesonto ongashayi eceleni uthi indlela othukuthel­e ngayo umndeni kababes, kuze kwasuka unina kababes, unkk Thokozile Simelane, waqonda ngqo emzini kamampitsh­a ewestville ngoLwesihl­anu kusihlwa. Kuthiwa ubevutha bhe, ethi umampintsh­a ubulala ikusasa lengane yakhe futhi uyenza umuntu oyiphixiph­ixi emphakathi­ni.

Ngokusho komthombo, indlela abedinwe ngayo unina kababes ubefuna ngisho ukuphendul­a umampintsh­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a kodwa umndeni wa- mkhuza.

Umampintsh­a usolwa ngokuthi vele uyazenzela nje ku-instagram kababes ngoba wavulwa nguyena, okwenza kube nguyena futhi ongakwazi ukushintsh­a izinombolo eziyimfihl­o (password) zokungena kuleli khasi.

Abantu bezwakalis­e ukudideka ngalesi sithombe, bebuzana ukuthi kanti yikuphi okuyikhona­khona. Abanye bebesola ubabes ngokuyisha­ya emuva, ayishaye phambili - bezitshela ukuthi isithombe sifakwe nguyena ubabes njengoba leli khasi kungelakhe.

Abanye bebesola ukuthi akusiyena ubabes ofake lesi sithombe kodwa ngumampint­sha.

Okuphinde kwadida abantu futhi wukuthi nasekhasin­i likamampin­tsha kwi-instagram kufakwe isithombe sikababes endawonye nomampints­ha, ngesikhath­i esifanayo, kwase kufakwa uphawu lwezinhliz­iyo ezibomvu kuzona zombili izithombe. Yikho lokhu okwenza abanye basola ukuthi kukhona okushaya amanzi, kwanezinso­lo zokuthi ngumuntu oyedwa obefaka lezi zithombe. Lithe selithamba­ma ilanga sakhishwa ebesifakwe ekhasini likababes.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: INSTAGRAM ?? YISONA lesi sithombe esiqubule ukudideka kubantu abaningi, bazibuza ukuthi usebuyelen­e yini ubabes nomampints­ha.
ISITHOMBE NGABE: INSTAGRAM YISONA lesi sithombe esiqubule ukudideka kubantu abaningi, bazibuza ukuthi usebuyelen­e yini ubabes nomampints­ha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa