Ilanga Lempelasonto

Ucele uqinise idolo uyise kasenzo

- MFANAFUTHI NDLOVU

UNGQONGQOS­HE Wezamaphoy­isa wakuleli, umnu Bheki Cele, ( osesithomb­eni) uqinise idolo umndeni kasenzo Meyiwa ememezela ukuthi sekuntwela ezansi ngophenyo ngokufa kwalo nozinti njengoba seliqinisw­e kakhulu ithimba eliphenya ngokudutsh­ulwa kwakhe abulawe.

Usenzo udutshulwe wafa ngoMfumfu (October) wango-2014 ehleli evosloorus, egoli, emzini wakubo wentombi yakhe engumculi, ukelly Khumalo, abanengane naye.

Ekhuluma emidlalwen­i yokuhlonip­ha lo nozinti ebiyizolo ngomgqibel­o, eking Zwelithini Stadium, emlazi, umnu Cele uthe ubheke ukuba lolu daba luxazulule­ke maduzane njengoba sekunababh­ekene nalo ngqo, ukuthungat­ha ababulali ubusuku nemini.

“Engikujahe kakhulu wukuba kubanjwe ababulali, baboshwe. Kangikhath­ali ukuthi lolu daba luthatha isikhathi eside noma esifushane ukuba luphetheke, kodwa engikuding­ayo yizimpendu­lo nje qha, ukuze sivaleke isahluko salolu daba.

"Nginxusa umphakathi ukuba ungasijahi ukuze senze umsebenzi (wokuphenya) ngendlela egculisayo,” kusho umnu Cele.

Uyise kasenzo, umnu Sam Meyiwa, uzwakalise injabulo ngokuhlelw­a kwale midlalo kanjalo nokuhanjel­wa kwayo ngumnu Cele. Nokho ukhale kakhulu ngokungaph­umi kwemali yokufa kwendodana yakhe.

Uthi izingane zikasenzo seziphila ngemali yakhe engatheni yempesheni. “Sengizoke ngilale ubuthongo sengazi ukuthi igama likasenzo ngeke licishe njengoba sekusungul­we nale midlalo yokumhloni­pha,” kusho umnu Meyiwa.

Umnu Meyiwa ubuye wadalula ukuthi usezinhlel­weni zokuqedela umuzi kasenzo ashona ewakha e-adams Mission eningizimu yeTheku, okubikwa ukuthi ubusuphend­uke umhhume wabaphangi. Uthi usekhulumi­le nenkosi yendawo ngezinhlel­o zokuqedela lo muzi.

Le midlalo icishe yanyomfeka ngesikhath­i abadlali ababeyibam­be nosenzo begoloza ukudlala, bekhala ngokungani­kwa imali yokubamba iqhaza. Nokho le nkinga igcine ixazululek­ile, imidlalo yaqhubeka. Inhloso yale midlalo wukuqoqa imali yokusiza umndeni kasenzo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa