Umkhankaso ohlukile wokusiza abahlwempu
Unikelela izingane ezikoleni ezihlonzwa wumnyango
UKUSHONELWA ngunina esemncane kumkhombe endleleni yokukhuthalela ukwabelana nezinye izingane nakuba engakhulanga ehlupheka uthulani Mzinyane owaziwa kangcono ngelikadj Dash.
Lo DJ ozalelwe eclermont, ethekwini, uqale uhambo lokuqoqa imali ukuze anikelele izingane ezihlwempu ezikoleni kusukela ngo-2012.
Ngokokuqala nonyaka esuka egoli eya ethekwini eligadula phansi. Eqala ngo-2012 emuva kokubona umehluko omncane obuwenziwe wuxhaso abelucele kodokotela abathathu bakuleli lokishi, ungene umgwaqo esuka eballito eya ethekwini ngokunjalo nango-2013 no-2016.
Ngo-2017 uluhlukanise izigaba ezintathu lolu hambo eqala erichards Bay nasemgungundlovu. Olwesithathu lusuke epitoli lwaya egoli.
Kuzona zonke lezi zindawo usuke engenazo izindawo eziqinisekisiwe zokulala njengoba ebalekela nokumosha imali asuke esesekwe ngayo ngokubhukha izindawo zokulala.
Namuhla usenabaxhasi ababili abenza izinkukhu ezichochobalisiwe nakuba ethi lokhu kudla bayakushintsha uma sebeyonikela ezikoleni ngoba umnyango Wezemfundo unohlobo oluthile ophoqelela ukuba lunikezwe abafundi ngoba lunempilo.
Abezemfundo bangena ngoku- mnikeza izimvume kuphela zokuhambisa lolu xhaso ezikoleni, kakukho mali abalekelela ngayo okwamanje ukufeza lesi sifiso sakhe nathi okwamanje ulekelelwa yilezi zinkampani nabasamariya abalungileyo njengoba abanye bemlalisa emizini yabo. Ekhuluma NELANGA
Langesonto ngolwesithathu, ubegudla emooi River njengoba esuke egoli mhlaka-22 kunhlaba (May) kanti uzimisele ngokuba sethekwini kuleli sonto eliqala kusasa.
Lolu hlelo olwaziwa ngefeed A Child, Feed A Nation, uthi lubukeka lukhula minyaka yonke, nokumthokozisayo.
“Umama washona ngineminyaka emibili kuphela. Kasizange sihlupheke, kodwa kunezinto nje ebengiziqaphela esikoleni nokuyikho okunginike lo mqondo ukuze ngikwazi ukuphosa itshe esivivaneni.
"Akuzange kube lula ukuqala lolu hlelo kwazise isikhathi esesiphila kusona, kasisafani nakudala.
"Uma ngikunika u-r50 namhlanje, kumele ngazi ukuthi uzowenzani. Kakulula-ke ukunxusa iminikelo. Kuyinkinga nje nokuthi kangikwazi ukuhlelela indawo eqondile yokuphumula zikhathi zonke ngoba kuzomosheka yona le mali yeminikelo.
"Sikhuluma nje, ngenqabile ukuthatha umuntu obezongigada endleleni ngoba ubefuna isamba esifinyelela ku-r20 000, kwangicacela ukuthi le nhloso izogcina ingasafezeki.
"Wumnyango wezemfundo ongilekelela ngokuhlonza izikole nabafundi uma sengiphothule uhambo,” kusho yena eqinisekisa ukuthi maphakathi nesonto uzobe esesethekwini.
Abafuna ukumeseka UDJ Dash bangamlandela ezinkundleni zokuxhumana azisebenzisayo okubalwa ifacebook (Thulani DJ Dash Mzinyane), Instagram (djdash01), Twitter (@officialdjDash ne-@facfan_sa).