Ilanga Lempelasonto

Kuyagulisa ukuthanda umuntu ongenandab­a nawe

EZOTHANDO:

-

KUNZIMA ukuthanda umuntu kodwa ungazi ukuthi uzomtshela kanjani. Kanti kunzima kakhulu ukuthanda umuntu ongenandab­a nawe noma ongakubuki ngalelo so lokuthanda.

Ngesinye isikhathi kusuke kungekhona ukumthanda ngempela kodwa kusuke kuyinkanuk­o nje yokufisa ukuba naye, mhlawumbe engaphela ngokushesh­a uma kwenzeka livela ithuba lokuba naye.

Cishe wonke umuntu uke wazithola esesimeni sokuthanda umuntu noma sokuba nomuzwa ojulile wokufisa ukuba nomuntu othile ( crush). Yinto ejwayeleki­le lena futhi efikela noma ngubani. Nokho ukuba ne- crush kuye kuthatheke sengathi yinto yabantu abasebanca­ne kodwa eqinisweni yinto ehlasela ngisho umuntu omdala.

Lesi yisimo esibuhlung­u, esigcina sesimgulis­a omunye umuntu. Uma kwenzeka ngesinye isikhathi kungumuntu enixhumana­yo naye lo osuke unomuzwa ngaye - okungenzek­a ukuba nihlangani­swe wumsebenzi noma nje nihlangane esikoleni, uzithola ngisho kukhala ucingo ugxuma uhlala uzitshela ukuthi nguye okushayela­yo.

Kuthi lapho uthola ukuthi ushwebile, akuyena uphoxeke, ujabhe voco - ngesinye isikhathi uze ube nenhliziyo encane.

Kuyahlekis­a-ke ukuba ne- crush kumuntu othile ngoba kuze kube sengathi uyahlanya, uzithole ukhu- luma wedwa, uthinteke emanonini uze uhleke.

Ngesikhath­i usaqala ukukuhlase­la lo muzwa uyawuthoko­zela, kube mnandi kodwa ngokuhamba kwesikhath­i, kakhulukaz­i uma ungayithol­i le nto osuke uyilangaze­lela, kushintsha izinto. Lo muzwa oqale umnandi ugcina usukuhluku­meza, mhlawumbe ugcine ukuphathis­a ngengcinde­zi.

Umuntu uze azace, angakwazi nokudla azaciswe wukuthanda noma wukuhalela umuntu.

UNGADLULA KANJANI KULESI SIMO?

Abantu abaningi uma behlaselwe yi- crush baye bazitshele ukuthi basothandw­eni. Kuthiwa kusuke kungelona neze uthando le nto osuke uyizwa futhi kusuke kungeke kube wuthando ngisho kungathiwa seniqala okuthile nalowo muntu.

Kuthiwa uma une- crush kumuntu, usuke nje uthathekil­e, kungekho lutho futhi olungale kwalokho. Ukuba ne- crush kusho ukuthi kunento ethile ekuchazayo ngomuntu - kungaba wubuhle, wukuma komzimba, amehlo, njalo njalo...

Zikhona-ke izindlela ongazizama ukuze ukwazi ukudlula kulesi simo.

1. BHEKA OKUTHILE ONGAKUTHAN­DI

Ingqondo inhle ngoba ibamba lokhu oyitshela khona. Zama ukucinga izinto ongazithan­di ngalowo muntu, bese uzitshela ukuthi akulona nje uhlobo lomuntu oludinga eduze kwakho - emuva kwalokho inhliziyo yakho izophuma kuye.

2. XOXA NABANGANI BAKHO NGE-CRUSH YAKHO

Ayikho-ke into edlula kalula uma uyivalela ngaphakath­i kuwe. Into engcono nesizayo wukuthi uxoxe nabangani bakho nge- crush yakho - mhlawumbe nizogcina seniyenza ihlaya, nawe ubone ukuthi uchazwa wumbhedo nje, ugcine usudlulile kuyo.

Ingozi yokuvalela ngaphakath­i imizwa yakho wukuthi izokudla wedwa, igcine isikugulis­a.

3. GWEMA UKUCABANGA NGE-CRUSH

Uma uchitha isikhathi esiningi ulokhu ucabanga nge- crush yakho uzokwenza isimo sakho sibe nzima, ungakwazi ukudlulisa lesi simo. Uma uhlaselwa yimicabang­o nge- crush yakho, zama ukuthola into ethile ezodunga umqondo wakho.

Ukugxila kulo muntu ngemicaban­go ngeke kukwelaphe kodwa kuzokudale­la inhliziyo eqaqambayo.

4. MQONDE UKHULUME NAYE

Ukuqunga isibindi umkhulumis­e lo muntu kuthiwa kungakusiz­a ukuba welapheke. Ngesinye isikhathi ukuzidlisa satshanyan­a, umxoxise kungakwenz­a ubone ukuthi empeleni akayona le nto oyicabanga­yo nokufisayo.

Kungakwenz­a ubone ukuthi empeleni akulona uhlobo lomuntu ongafisa ukuba nalo.

5. QALA UKUTHANDA OMUNYE

Ukuze ukhohlwe yilo muntu omfisayo kuthiwa kuyasiza ukuthola omunye ozothathek­a kuye. Ngesikhath­i usuthole omunye okuchazayo, maningi amathuba okuba ukhohlwe yilo wasekuqale­ni.

*Ulwazi lucashunwe kwilove Panky

 ?? ISITHOMBE NGABE: WIKIHOW ?? KUNGAKUGUL­ISA ukuhlala ucabanga ngomuntu ofisa ukuba naye. Kuhle uzame ukukhohlwa ngaye uma isifiso sakho sokuba naye singafezek­i.
ISITHOMBE NGABE: WIKIHOW KUNGAKUGUL­ISA ukuhlala ucabanga ngomuntu ofisa ukuba naye. Kuhle uzame ukukhohlwa ngaye uma isifiso sakho sokuba naye singafezek­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa