MY BHULULU
OFUNA umngani noma umaqondana angabhala athi: Izinhliziyo ezibuhlungu, P.O. Box 2159, Durban 4000. Incwadi kumele ihambisane ne-copy ye-id enesigxivizo sasemaphoyiseni. Ngeke ishicilelwe incwadi engenayo le copy
* HHAWU ngaze ngafa yisizungu! Ngingowesifazane oneminyaka engu40. Nginezingane ezintathu. Ngicela ukuxhunyaniswa nowesilisa oneminyaka esukela kwengu-50 kuya phezulu. Angimfuni osemncane. Ngitholakala kwethi 078 625 7417.
* NGINGOWESIMAME oneminyaka engu-48 ubudala. Ngicela ukuxhunyaniswa nobaba oneminyaka engu-48 kuya kwengu-70 ubudala. Abadlalayo nabasemajele bangazihluphi. Ngiyaxolisa nakoben 10, bangangithinti. Ngitholakala kwethi 073 191 6713.
* NGIYINSIZWA, ngicela ukuxhunyaniswa nentokazi ezimisele ngokugana, ishade yakhe umuzi wayo. Makube yintokazi enhle, esebenzayo noma etohozayo. Ngidinga intokazi ekwaziyo ukunika indoda uthando nokuyinelisa. Ngidinga intokazi engaphuzi futhi engabhemi, ehlala ethekwini noma kuphi lapha Kwazulu-natal. Makube yintokazi eneminyaka engu-24 kuya kwengu-40, EHIV negative. Ngitholakala kwethi 066 411 2947
* NGINGOWESIFAZANE odinga ukuxhunyaniswa nomuntu wesilisa esizothandana naye, sakhe umuzi. Ngicela kube ngumuntu okholwayo, omaziyo unkulunkulu. Ngitholakala lapha: 072 3700 186. Angibafuni abadlalayo. Iminyaka yami ingu39. Ngidinga oneminyaka esukela kwengu-40 kuya phezulu.
* NGIWUGOGO oneminyaka engu59 ubudala. Ngokwe-id ngino-63, ngihola impesheni, ngiyazisebenza futhi ngizimele. Ngicela ukuxhunyaniswa nomkhulu ona-63 kuya ku-78 weminyaka. Ngingumfelokazi onesizungu. Abantwana bami banemizi yabo futhi baphumelele kakhulu. Umkhulu makahlanzeke, anuke kahle, agqoke kahle, utshwala nogwayi cha. Makabe nento ayenzayo emfakela imali njengami. Mina ngiyazikhipha kakhulu kodwa ngiyabhoreka. Soqale sibe ngabangani izinyanga ezintathu, sifundane. Ngitholakala ngo-7 kusihlwa kuya ku-10 kusihlwa. Inombolo yami ithi: 074 958 3153. Ngicela abaseningizimu Afrika kuphela.
* NGINGOWESIFAZANE oneminyaka engu-49 ubudala. Ngicela ukuxhunyaniswa nowesilisa oneminyaka engu-50 kuya kwengama-60 ubudala, engizoguga naye, owaziyo ukuthi udingani empilweni. Angimfuni umuntu osadlala ngabantu besifazane kodwa makube ngonezingane esezikhulile njengami. Inombolo yami ithi 074 336 3630
* NGIYABINGELELA egameni lezothando. Ngingowesilisa oneminyaka engu-38 ubudala. NGI-HIV positive kodwa kangiguli ndawo. Ngicela ukuxhunyaniswa nabesifazane abaneminyaka engu-35 kuya kwengama-50 ubudala. Ngiyaxolisa kwabasemajele. Ngitholakala kule nombolo ethi 079 364 6390 zikhathi zonke.
ZIPHI izinsizwa ezidinga uthando lweqiniso? Ngingowesifazane oneminyaka engu-38 ubudala. NGI-HIV positive, nginabantwana ababili bamantombazane. Ngicela ukuxhunyaniswa nowesilisa oneminyaka esukela kwengu-45 kuya kwengu-50 ubudala. Abaphuzayo nabasemajele bangazihluphi. Ngitholakala kule nombolo: 074 476 6827