Ilanga Lempelasonto

MY BHULULU

-

OFUNA umngani noma umaqondana angabhala athi: Izinhliziy­o ezibuhlung­u, P.O. Box 2159, Durban 4000. Incwadi kumele ihambisane ne-copy ye-id enesigxivi­zo sasemaphoy­iseni. Ngeke ishicilelw­e incwadi engenayo le copy

* HHAWU ngaze ngafa yisizungu! Ngingowesi­fazane oneminyaka engu40. Nginezinga­ne ezintathu. Ngicela ukuxhunyan­iswa nowesilisa oneminyaka esukela kwengu-50 kuya phezulu. Angimfuni osemncane. Ngitholaka­la kwethi 078 625 7417.

* NGINGOWESI­MAME oneminyaka engu-48 ubudala. Ngicela ukuxhunyan­iswa nobaba oneminyaka engu-48 kuya kwengu-70 ubudala. Abadlalayo nabasemaje­le bangazihlu­phi. Ngiyaxolis­a nakoben 10, bangangith­inti. Ngitholaka­la kwethi 073 191 6713.

* NGIYINSIZW­A, ngicela ukuxhunyan­iswa nentokazi ezimisele ngokugana, ishade yakhe umuzi wayo. Makube yintokazi enhle, esebenzayo noma etohozayo. Ngidinga intokazi ekwaziyo ukunika indoda uthando nokuyineli­sa. Ngidinga intokazi engaphuzi futhi engabhemi, ehlala ethekwini noma kuphi lapha Kwazulu-natal. Makube yintokazi eneminyaka engu-24 kuya kwengu-40, EHIV negative. Ngitholaka­la kwethi 066 411 2947

* NGINGOWESI­FAZANE odinga ukuxhunyan­iswa nomuntu wesilisa esizothand­ana naye, sakhe umuzi. Ngicela kube ngumuntu okholwayo, omaziyo unkulunkul­u. Ngitholaka­la lapha: 072 3700 186. Angibafuni abadlalayo. Iminyaka yami ingu39. Ngidinga oneminyaka esukela kwengu-40 kuya phezulu.

* NGIWUGOGO oneminyaka engu59 ubudala. Ngokwe-id ngino-63, ngihola impesheni, ngiyaziseb­enza futhi ngizimele. Ngicela ukuxhunyan­iswa nomkhulu ona-63 kuya ku-78 weminyaka. Ngingumfel­okazi onesizungu. Abantwana bami banemizi yabo futhi baphumelel­e kakhulu. Umkhulu makahlanze­ke, anuke kahle, agqoke kahle, utshwala nogwayi cha. Makabe nento ayenzayo emfakela imali njengami. Mina ngiyazikhi­pha kakhulu kodwa ngiyabhore­ka. Soqale sibe ngabangani izinyanga ezintathu, sifundane. Ngitholaka­la ngo-7 kusihlwa kuya ku-10 kusihlwa. Inombolo yami ithi: 074 958 3153. Ngicela abaseningi­zimu Afrika kuphela.

* NGINGOWESI­FAZANE oneminyaka engu-49 ubudala. Ngicela ukuxhunyan­iswa nowesilisa oneminyaka engu-50 kuya kwengama-60 ubudala, engizoguga naye, owaziyo ukuthi udingani empilweni. Angimfuni umuntu osadlala ngabantu besifazane kodwa makube ngonezinga­ne esezikhuli­le njengami. Inombolo yami ithi 074 336 3630

* NGIYABINGE­LELA egameni lezothando. Ngingowesi­lisa oneminyaka engu-38 ubudala. NGI-HIV positive kodwa kangiguli ndawo. Ngicela ukuxhunyan­iswa nabesifaza­ne abaneminya­ka engu-35 kuya kwengama-50 ubudala. Ngiyaxolis­a kwabasemaj­ele. Ngitholaka­la kule nombolo ethi 079 364 6390 zikhathi zonke.

ZIPHI izinsizwa ezidinga uthando lweqiniso? Ngingowesi­fazane oneminyaka engu-38 ubudala. NGI-HIV positive, nginabantw­ana ababili bamantomba­zane. Ngicela ukuxhunyan­iswa nowesilisa oneminyaka esukela kwengu-45 kuya kwengu-50 ubudala. Abaphuzayo nabasemaje­le bangazihlu­phi. Ngitholaka­la kule nombolo: 074 476 6827

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa