Ilanga Lempelasonto

Baluhlaza bo abahlengik­azi balo mtholampil­o wakwamsane

- M B Ngubane MTUBATUBA

MHLELI, ngibhala ukuzwakali­sa ukukhathaz­eka kwami ngodaba olubikwe YILANGA lomhlaka 07 kunhlangul­ana (June), mayelana nensizwa yakwankomo­kayixoshwa, Kwankombos­e, okwadicile­lwa phansi isithunzi sayo yisisebenz­i somnyango wezempilo Kwamsane, emtubatuba.

Iyakhathaz­a le ndaba yokungakwa­zi ukuziphath­a kwabahleng­ikazi emitholamp­ilo, ikakhuluka­zi ezindaweni ezisemakha­ya. Mangikuvez­e ukuthi nami ngidabuka khona emtubatuba kodwa sengazinza emgungundl­ovu ngokwetoho.

Impela indawo yangakithi, ikakhuluka­zi lo mtholampil­o okukhuluny­wa ngawo, iyaziwa ngabo ubuluhlaza babahlengi­kazi abawuseben­zelayo. Kuyacaca ukuthi abaphathi bawo abawenzi umsebenzi, uyabehlula. Sekuyizikh­awu eziningana abantu bethethisw­a noma bahhahhame­zwe uma beyofuna usizo kulo mtholampil­o.

Omunye umfana ozalwa ngubhuti waze wayeka ukuthatha imishanguz­o, wagcina ngokudlula emhlabeni ngayo njalo belu impatho embi ayefika ayithole uma sekufanele ayolanda imishanguz­o.

Abantu abadala sebencamel­a ukuya emtholampi­lo osedolobhe­ni kunokuyohl­ambalazwa kuleya ndawo.

Ngicela Mhleli ukuba lolu daba ulu- landelele, usazise ngesipheth­o salo ngoba ukuphathwa kwale nsizwa kabi kanjena kufanele umnyango ukuthathel­e izinyathel­o ezinqala.

Sengipheth­a ngithanda ukubonga le nsizwa ekhombise isibindi yakusukume­la ukuhlukuny­ezwa kwayo osekwenze ukuthi lo mtholampil­o waziwe yizwe lonke ngokungaba­phathi kahle abantu. Nsizwa, ungavumeli lesi simo sikudikiba­lise - hamba uyofuna usizo kwenye indawo ngoba vele ngeke besakuphat­ha ngendlela uma ubuyela kulo mtholampil­o oyisihogo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa