Baluhlaza bo abahlengikazi balo mtholampilo wakwamsane
MHLELI, ngibhala ukuzwakalisa ukukhathazeka kwami ngodaba olubikwe YILANGA lomhlaka 07 kunhlangulana (June), mayelana nensizwa yakwankomokayixoshwa, Kwankombose, okwadicilelwa phansi isithunzi sayo yisisebenzi somnyango wezempilo Kwamsane, emtubatuba.
Iyakhathaza le ndaba yokungakwazi ukuziphatha kwabahlengikazi emitholampilo, ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya. Mangikuveze ukuthi nami ngidabuka khona emtubatuba kodwa sengazinza emgungundlovu ngokwetoho.
Impela indawo yangakithi, ikakhulukazi lo mtholampilo okukhulunywa ngawo, iyaziwa ngabo ubuluhlaza babahlengikazi abawusebenzelayo. Kuyacaca ukuthi abaphathi bawo abawenzi umsebenzi, uyabehlula. Sekuyizikhawu eziningana abantu bethethiswa noma bahhahhamezwe uma beyofuna usizo kulo mtholampilo.
Omunye umfana ozalwa ngubhuti waze wayeka ukuthatha imishanguzo, wagcina ngokudlula emhlabeni ngayo njalo belu impatho embi ayefika ayithole uma sekufanele ayolanda imishanguzo.
Abantu abadala sebencamela ukuya emtholampilo osedolobheni kunokuyohlambalazwa kuleya ndawo.
Ngicela Mhleli ukuba lolu daba ulu- landelele, usazise ngesiphetho salo ngoba ukuphathwa kwale nsizwa kabi kanjena kufanele umnyango ukuthathele izinyathelo ezinqala.
Sengiphetha ngithanda ukubonga le nsizwa ekhombise isibindi yakusukumela ukuhlukunyezwa kwayo osekwenze ukuthi lo mtholampilo waziwe yizwe lonke ngokungabaphathi kahle abantu. Nsizwa, ungavumeli lesi simo sikudikibalise - hamba uyofuna usizo kwenye indawo ngoba vele ngeke besakuphatha ngendlela uma ubuyela kulo mtholampilo oyisihogo.