UHULUMENI MAKABEKE IMIGOMO EKUFUYENI IZINJA
MHLELI, ngithanda ukubeka umbono wami ngento ehlala ingihlupha njalo. Umnyango wezolimo Kwazulu-natal uyehlika uyenyuka, ulwa nesifo samarabi esithe chithi saka njengoba kwezinye izindawo esifundazweni sekuke kwabakhona izigameko lapho abantu beshona ngoba belunywe yizinja okusolakala ukuthi zinamarabi.
Uhulumeni uchitha imali eningi uqwashisa abantu ngesifo samarabi, imithi, imijovo esetshenziswayo ukugoma izinja ibiza imali enzima nezinye izinsizakusebenza ezisetshenziswayo ukubhekana nalesi simo.
La emiphakathini esihlala kuyona kunabantu abanenqwaba yezinja. Umbuzo ofikayo ngisho nasenganeni encane ngothi lowo muntu uzenzani izinja ezingaka? Uthole ukuthi uhlobo lwalezi zinja yimigodoyi nje ebhuqa ukudla, engakwazi nokuzingela. Awuke ucabange ukuthi lezo zinja zidla malini yabakhokhi bentela osizweni lukahulumeni lokugonywa kwazo.
Abantu laba abazingelayo ababizwa ngamaphisi bayazithengela izinja zabo imijovo nokudla okwanele, ngeke izinja zokuzingela uzifice zenze umonakalo. Uma zigula baziyisa kodokotela, bazinakekela bona, abathembeli kuhulumeni.
Owami umbono uthi bekunganjani uhulumeni abeke imigomo ekufuyweni kwezinja, lapho umuntu evumeleke ukuba abe nesibalo esithile sezinja. Ngikusho lokhu ngoba ngesinye isikhathi uma izinja seziningi kakhulu ziyingozi kwakuwe mnikazi wazo.
Uma ungacabanga ukuthi zingaki izinja la Kwazulu-natal ungabanaso isithombe sale nto engikhuluma ngayo, bese uzibuza ukuthi uhulumeni usebenzisa malini ukujova lezo zinja?
Uhulumeni le mali engaka ayisebenzisayo emigodoyini ingasebenza kwezinye izinto ezibalulekile njengokuthuthukisa abantu abasha kwezemfundo nasemabhizinisini, ikakhulu kwezolimo. Angisho ukuthi umnyango awungabasizi labo abanezinja ngoba phela kubalulekile ukuba zigomele amarabi ukuze umphakathi uvikeleke.
Uma umuzi ungaba nenja eyodwa noma ezimbili uhulumeni angasebenzisa imali encane kakhulu kunayisebenzisa manje.