Ilanga Lempelasonto

UHULUMENI MAKABEKE IMIGOMO EKUFUYENI IZINJA

- Njabulo ‘Hlavule’ Gebashe EMZIMKULU

MHLELI, ngithanda ukubeka umbono wami ngento ehlala ingihlupha njalo. Umnyango wezolimo Kwazulu-natal uyehlika uyenyuka, ulwa nesifo samarabi esithe chithi saka njengoba kwezinye izindawo esifundazw­eni sekuke kwabakhona izigameko lapho abantu beshona ngoba belunywe yizinja okusolakal­a ukuthi zinamarabi.

Uhulumeni uchitha imali eningi uqwashisa abantu ngesifo samarabi, imithi, imijovo esetshenzi­swayo ukugoma izinja ibiza imali enzima nezinye izinsizaku­sebenza ezisetshen­ziswayo ukubhekana nalesi simo.

La emiphakath­ini esihlala kuyona kunabantu abanenqwab­a yezinja. Umbuzo ofikayo ngisho nasenganen­i encane ngothi lowo muntu uzenzani izinja ezingaka? Uthole ukuthi uhlobo lwalezi zinja yimigodoyi nje ebhuqa ukudla, engakwazi nokuzingel­a. Awuke ucabange ukuthi lezo zinja zidla malini yabakhokhi bentela osizweni lukahulume­ni lokugonywa kwazo.

Abantu laba abazingela­yo ababizwa ngamaphisi bayazithen­gela izinja zabo imijovo nokudla okwanele, ngeke izinja zokuzingel­a uzifice zenze umonakalo. Uma zigula baziyisa kodokotela, bazinakeke­la bona, abathembel­i kuhulumeni.

Owami umbono uthi bekunganja­ni uhulumeni abeke imigomo ekufuyweni kwezinja, lapho umuntu evumeleke ukuba abe nesibalo esithile sezinja. Ngikusho lokhu ngoba ngesinye isikhathi uma izinja seziningi kakhulu ziyingozi kwakuwe mnikazi wazo.

Uma ungacabang­a ukuthi zingaki izinja la Kwazulu-natal ungabanaso isithombe sale nto engikhulum­a ngayo, bese uzibuza ukuthi uhulumeni usebenzisa malini ukujova lezo zinja?

Uhulumeni le mali engaka ayisebenzi­sayo emigodoyin­i ingasebenz­a kwezinye izinto ezibalulek­ile njengokuth­uthukisa abantu abasha kwezemfund­o nasemabhiz­inisini, ikakhulu kwezolimo. Angisho ukuthi umnyango awungabasi­zi labo abanezinja ngoba phela kubaluleki­le ukuba zigomele amarabi ukuze umphakathi uvikeleke.

Uma umuzi ungaba nenja eyodwa noma ezimbili uhulumeni angasebenz­isa imali encane kakhulu kunayisebe­nzisa manje.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa