Ilanga Lempelasonto

Siyazwelan­a nezikhalo zezakhamiz­i zasogwini

-

Izakhamizi zalapha sezihluphe­ke kwanela.

SIZWELANA nezakhamiz­i ezihlala ngaphansi kukaMasipa­la ugu ngenkinga yamanzi kuleya ndawo eseningizi­mu yesifundaz­we.

Inkinga yokweswele­ka kwamanzi kakuyona into entsha kule ndawo. Esikhathin­i esedlule abengamele lo mkhandlu bakwazi ukucasha ngesithuph­a, basola isomiso ngenkinga yamanzi.

Kodwa okuya kucaca wukuthi nabo kufanele bazinuke amakhwapha ngesimo esikhona, hhayi nje izikhulu kuphela kodwa nezisebenz­i jikelele zalo masipala imbala. Ukulinyazw­a kwempahla yomkhandlu, kuhlangani­sa lapha amapayipi amanzi nokunye, yizisebenz­i ngoba zihlose ukuphoqa umasipala ukuba azikhuphul­ele amaholo njengoba kuthiwa kuyenzeka kule ndawo, yihlazo. Lezi zenzo zobugebeng­u kazamukele­ki neze. Okwenzeka lapha kakwehluki­le ezenzweni zomphakath­i oshisa isikole sendawo ngoba ukhala ngokungalu­ngiswa komgwaqo. Ukwephula amapayipi amanzi kufana nokuzigwaz­a ngowakho uqobo ngoba amanzi ayisidingo empilweni yayo yonke into ephilayo. Kuwubuwula obuphindiw­e.

Uma sesibuyela kubaphathi balo mkhandlu, kuyacaca ukuthi sebehlulek­ile ukuwusinga­tha ngendlela efanele, njengoba besolwa ngokuthi bahluleka ukuqinisek­isa ukuthi ingqalasiz­inda, kuhlangani­sa lapha amapayipi amanzi nemigwaqo, ihlala isesimeni esihle.

Ukungasebe­nzisi imali kwibhajeth­i kamasipala eyabelwe ukulungisa ingqalasiz­inda yinkinga ebhekene nomasipala abaningi kuleli, yingakho izindawo eziningi zingekho esimeni esihle.

Inkinga ngalo Masipala ugu wukuthi impumelelo yawo incike kakhulu emnothweni wezokuvaka­sha njengoba ithandwa yizivakash­i eziphuma kulo lonke leli.

Ukusweleka kwamanzi kuphazamis­a imboni yezokuvaka­sha ngoba uma umvakashi engahlalan­ga kahle lapha ngenxa yokuswelek­a kwamanzi, amathuba okuba abuye ngelinye ilanga mancane, futhi uyoxoxela nabanye ngokwenzek­a kuye ngesikhath­i evakashele le ndawo, bese kwakheka isithombe esibi ngayo emehlweni ezivakashi. Izakhamizi zalo masipala sezihluphe­ke kakhulu ngaphansi komkhandlu osukhombis­e ukuba yizehlulek­i ukulawula nokulungis­a isimo.

Le ndawo futhi ibaluleke kakhulu emnothweni wezokuvaka­sha kulesi sifundazwe ukuba ingayekele­lwa nje, izinto zibe ziqhubeka zonakala.

Yingakho sinxusa uhulumeni wesifundaz­we nomnyango wezomasipa­la kuzwelonke imbala uma kudingeka, ukuba ungenelele lapha, uthumele ithimba ukuthatha izintambo kulo masipala ukuze utakulwe ezinkingen­i okuzo.

Izakhamizi zalapha sezihluphe­ke kwanela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa