Mazivikelwe njalo izingane zethu
EKUQALENI kwaleli sonto iningizimu Afrika iphethe umkhankaso osemqoka odonsa isonto lonke, ogqugquzela ukuvikelwa kwezingane.
Nokho lo mkhankaso, obizwa ngechild Protection Week, akuwona umkhankaso okufanele ngabe wenzeka ngesikhathi esithile kuphela onyakeni, kodwa ukuvikelwa kwabantwana kufanele kube yinto egqugquzelwa nsuku zonke.
Sonke siyazi ukuthi ukuhlukunyezwa kwezingane yinkinga ebhekene nomhlaba wonke kanti izigameko zokuhlukunyezwa kwazo kwenzeka mihla namalanga.
Uma ucabanga ngezigameko ezibikwayo zokuhlukunyezwa kwezingane kubuya izithombe eziningi zokuhlukunyezwa kwabantwana, ezigcina zikwenze ufise ukuvalela ndawana thizeni ingane yakho ukuze ingahlangani nobubi.
Okwenza isimo sokuhlukunyezwa kwezingane sibe nzima kakhulu wukuthi azihlukunyezwa nje yizigebengu kepha zihlukunyezwa ngisho nangabazali bazo imbala - zihlukunyezwa ngisho lapho kufanele zithole ukuvikeleka khona.
Emhlabeni kawukho umuzwa oletha intokozo njengokubona ingane ijabule. Ukugigitheka nokugxumagxuma kwayo kukhombisa ngokusobala ukuthi isuke ikujabulela ukuba wumntwana kanti nawe osuke useceleni kwayo uyaye ufikelwe wukumamatheka mawubona lokhu.
Abaziyo bathi ingane ifana nengelosi ngoba imsulwa, ayinamagqubu futhi iyaxolela. Ingane uyithethisa manje kodwa emuva kwemizuzwana ibuya izokuhlekisa futhi kube sengathi kakwenzekanga lutho. Bonke lobu buhle obubalwe ngenhla kukhona abanye abangabuboni.
Noma bebubona abanye kodwa bafikelwa wubulwane bokuyiphuca ilungelo layo lokuphila ngokukhululeka.
Lapha sikhuluma ngabantu abahlukumeza izingane mihla namalanga, abangajatshuliswa wukubona izingane zimamatheka. Ukuzwa imibiko ngezigameko ezihlasimulisa umzimba nsuku zonke kwenza uzibuze ukuthi ngabe laba bantu abahlukumeza abantwana baphile ngokuphelele yini emakhanda.
Kunezindlela ezahlukene izingane ezithola ngazo ukuhlukumezeka. Ezinye zazo yilezi:
1. Ukushaywa noma ukuphathwa madlakadlaka 2. Ukuhlukunyezwa ngokocansi 3. Ukuhlukunyezwa ngokomoya 4. Ukunganakwa
Embikweni wasephalamende ovele emasontweni edlule, kuthiwa cishe emacaleni okudlwengula angu-41% abikiwe eminyakeni emithathu edlule, kuthinteka izingane. Esikhathini esifanayo kubikwe ukuthi zingaphezu kuka2600 izingane ezibulewe.
Lezi zibalo zikhombisa ngokusobala inkinga leli lizwe elibhe- kene nayo.
Amanye amacala ashaqisayo
* Ngonyaka owedlule uwilliam Tjane wasemamelodi, epretoria, unikwe isigwebo seminyaka ewu10 ngecala lokubulala ingane eneminyaka emithathu ngokuyishaya ayibulale emuva kokuba izimoshelile. Utjane watshela inkantolo ukuthi ingane yawa kubhavu ngesikhathi ezama ukuyihlanza emuva kokuba izimoshelile.
* Elinye icala lokuhlukunyezwa kwezingane ngelika-anna Mahlangu ogwetshwe iminyaka ewu-15 ngokushisa ingane eneminyaka ewu-15 ebingaphansi kweso lakhe. Ebuzwa yinkantolo ngesenzo sakhe, wathi ingane beyintshontshe imali yakhe, ubefuna ukuyifundisa isifundo ngokuthela upharafini ekhanda layo enze sengathi uyayishisa. Uthi wayecabanga ukuthi uzokwazi ukucima umlilo kodwa ngebhadi wabhebhetheka ingane yasha yashona.
* Kwesinye isikhathi izingane zihlukunyezwa wobaba abangazizali. Udaba lokubulawa kwengane eneminyaka emibili yasemlaba Village, ehammarsdale, lwashiya abantu bebambe ongezansi. Umbulali wathi wabulala ingane wayoyigqiba ehlane ngoba yayitetema.
IQHAZA LAWO WONKE UMUNTU
Ukuhlukunyezwa kwabantwana akusho kuphela ukubulawa noma ukudlwengulwa kwabo kodwa ngisho ukubephuca amanye amalungelo abo kuwukubahlukumeza.
Kukhona abantwana othola ukuthi baphila nokukhubazeka, bathola imali yesibonelelo kuhulumeni kodwa leyo mali ingasetshenziselwa ukubanakekela. Esikhundleni sokuba ingane iye esikoleni esikhethekile, igcine ivalelwa endlini ibe wujika nelanga.
Kokunye ingane incishwa ngisho ilungelo lokuba yingane, idlale nezinye izingane. Ezinye izingane zenziswa imisebenzi okungeyona eqondene nazo njengokugadiswa ikhaya, ingavunyelwa ukuba iye esikoleni noma iyodlala nabanye abantwana. Ezimeni ezinjengalezi kuze kubone noma wuthisha esikoleni ukuthi ingane ihlale indwazile ngenxa yokukhathala.
Uma kungase kuthiwe wonke umuntu uyakhuluma uma ebona noma ezwa ingane ukuthi iyahlukunyezwa angaba maningi kakhulu amacala esizwa ngawo.
Maningi amacala angafinyeleli ezinkantolo ngenxa yokuthi kwesinye isikhathi imindeni iba nesandla. Umntwana ahlukumezeke bese kuthiwa umhlukumezi makahlawule ngenkomo noma ngemali bese kuba wukushabalala kwecala njalo.
Kusemqoka ukuba wonke umuntu abe neqhaza ekulweni nesihlava sokuhlukunyezwa kwezingane. Uma usola ukuthi ingane iyahlukumezeka, khuluma nayo noma uthinte izinhlaka ezifanele, ungathuli usonge izandla.
Ingane esuke ihlukunyezwa isuke isazokhula ibe ngumuntu omdala kusasa - ukuhlukumezeka kwayo kungaba nomthelela emphakathini esiphila kuwo.
Ukuhlukunyezwa kwezingane akubi nje nomthelela empilweni yazo ngesikhathi zisencane kodwa isikhathi esiningi impilo yayo iyashintsha ngisho isikhulile, mhlawumbe nayo igcine isihlukumeza abanye abantu.
Ezinye ngenxa yokuhlukunyezwa zikhula zizibandakanye ebugebengwini nakwezinye izinto ezingalungile.
Mazibikwe izigameko zokuhlukunyezwa kwezingane kwabomthetho noma kwabezenhlalakahle, okanye kushayelwe inombolo yechildline ethi 080 00 55 555.
tzondi@ilanganews.co.za