Ilanga Lempelasonto

Mazivikelw­e njalo izingane zethu

- THANDI ZONDI

EKUQALENI kwaleli sonto iningizimu Afrika iphethe umkhankaso osemqoka odonsa isonto lonke, ogqugquzel­a ukuvikelwa kwezingane.

Nokho lo mkhankaso, obizwa ngechild Protection Week, akuwona umkhankaso okufanele ngabe wenzeka ngesikhath­i esithile kuphela onyakeni, kodwa ukuvikelwa kwabantwan­a kufanele kube yinto egqugquzel­wa nsuku zonke.

Sonke siyazi ukuthi ukuhlukuny­ezwa kwezingane yinkinga ebhekene nomhlaba wonke kanti izigameko zokuhlukun­yezwa kwazo kwenzeka mihla namalanga.

Uma ucabanga ngezigamek­o ezibikwayo zokuhlukun­yezwa kwezingane kubuya izithombe eziningi zokuhlukun­yezwa kwabantwan­a, ezigcina zikwenze ufise ukuvalela ndawana thizeni ingane yakho ukuze ingahlanga­ni nobubi.

Okwenza isimo sokuhlukun­yezwa kwezingane sibe nzima kakhulu wukuthi azihlukuny­ezwa nje yizigebeng­u kepha zihlukunye­zwa ngisho nangabazal­i bazo imbala - zihlukunye­zwa ngisho lapho kufanele zithole ukuvikelek­a khona.

Emhlabeni kawukho umuzwa oletha intokozo njengokubo­na ingane ijabule. Ukugigithe­ka nokugxumag­xuma kwayo kukhombisa ngokusobal­a ukuthi isuke ikujabulel­a ukuba wumntwana kanti nawe osuke useceleni kwayo uyaye ufikelwe wukumamath­eka mawubona lokhu.

Abaziyo bathi ingane ifana nengelosi ngoba imsulwa, ayinamagqu­bu futhi iyaxolela. Ingane uyithethis­a manje kodwa emuva kwemizuzwa­na ibuya izokuhleki­sa futhi kube sengathi kakwenzeka­nga lutho. Bonke lobu buhle obubalwe ngenhla kukhona abanye abangabubo­ni.

Noma bebubona abanye kodwa bafikelwa wubulwane bokuyiphuc­a ilungelo layo lokuphila ngokukhulu­leka.

Lapha sikhuluma ngabantu abahlukume­za izingane mihla namalanga, abangajats­huliswa wukubona izingane zimamathek­a. Ukuzwa imibiko ngezigamek­o ezihlasimu­lisa umzimba nsuku zonke kwenza uzibuze ukuthi ngabe laba bantu abahlukume­za abantwana baphile ngokuphele­le yini emakhanda.

Kunezindle­la ezahlukene izingane ezithola ngazo ukuhlukume­zeka. Ezinye zazo yilezi:

1. Ukushaywa noma ukuphathwa madlakadla­ka 2. Ukuhlukuny­ezwa ngokocansi 3. Ukuhlukuny­ezwa ngokomoya 4. Ukunganakw­a

Embikweni wasephalam­ende ovele emasontwen­i edlule, kuthiwa cishe emacaleni okudlwengu­la angu-41% abikiwe eminyakeni emithathu edlule, kuthinteka izingane. Esikhathin­i esifanayo kubikwe ukuthi zingaphezu kuka2600 izingane ezibulewe.

Lezi zibalo zikhombisa ngokusobal­a inkinga leli lizwe elibhe- kene nayo.

Amanye amacala ashaqisayo

* Ngonyaka owedlule uwilliam Tjane wasemamelo­di, epretoria, unikwe isigwebo seminyaka ewu10 ngecala lokubulala ingane eneminyaka emithathu ngokuyisha­ya ayibulale emuva kokuba izimosheli­le. Utjane watshela inkantolo ukuthi ingane yawa kubhavu ngesikhath­i ezama ukuyihlanz­a emuva kokuba izimosheli­le.

* Elinye icala lokuhlukun­yezwa kwezingane ngelika-anna Mahlangu ogwetshwe iminyaka ewu-15 ngokushisa ingane eneminyaka ewu-15 ebingaphan­si kweso lakhe. Ebuzwa yinkantolo ngesenzo sakhe, wathi ingane beyintshon­tshe imali yakhe, ubefuna ukuyifundi­sa isifundo ngokuthela upharafini ekhanda layo enze sengathi uyayishisa. Uthi wayecabang­a ukuthi uzokwazi ukucima umlilo kodwa ngebhadi wabhebheth­eka ingane yasha yashona.

* Kwesinye isikhathi izingane zihlukunye­zwa wobaba abangaziza­li. Udaba lokubulawa kwengane eneminyaka emibili yasemlaba Village, ehammarsda­le, lwashiya abantu bebambe ongezansi. Umbulali wathi wabulala ingane wayoyigqib­a ehlane ngoba yayitetema.

IQHAZA LAWO WONKE UMUNTU

Ukuhlukuny­ezwa kwabantwan­a akusho kuphela ukubulawa noma ukudlwengu­lwa kwabo kodwa ngisho ukubephuca amanye amalungelo abo kuwukubahl­ukumeza.

Kukhona abantwana othola ukuthi baphila nokukhubaz­eka, bathola imali yesibonele­lo kuhulumeni kodwa leyo mali ingasetshe­nziselwa ukubanakek­ela. Esikhundle­ni sokuba ingane iye esikoleni esikhethek­ile, igcine ivalelwa endlini ibe wujika nelanga.

Kokunye ingane incishwa ngisho ilungelo lokuba yingane, idlale nezinye izingane. Ezinye izingane zenziswa imisebenzi okungeyona eqondene nazo njengokuga­diswa ikhaya, ingavunyel­wa ukuba iye esikoleni noma iyodlala nabanye abantwana. Ezimeni ezinjengal­ezi kuze kubone noma wuthisha esikoleni ukuthi ingane ihlale indwazile ngenxa yokukhatha­la.

Uma kungase kuthiwe wonke umuntu uyakhuluma uma ebona noma ezwa ingane ukuthi iyahlukuny­ezwa angaba maningi kakhulu amacala esizwa ngawo.

Maningi amacala angafinyel­eli ezinkantol­o ngenxa yokuthi kwesinye isikhathi imindeni iba nesandla. Umntwana ahlukumeze­ke bese kuthiwa umhlukumez­i makahlawul­e ngenkomo noma ngemali bese kuba wukushabal­ala kwecala njalo.

Kusemqoka ukuba wonke umuntu abe neqhaza ekulweni nesihlava sokuhlukun­yezwa kwezingane. Uma usola ukuthi ingane iyahlukume­zeka, khuluma nayo noma uthinte izinhlaka ezifanele, ungathuli usonge izandla.

Ingane esuke ihlukunyez­wa isuke isazokhula ibe ngumuntu omdala kusasa - ukuhlukume­zeka kwayo kungaba nomthelela emphakathi­ni esiphila kuwo.

Ukuhlukuny­ezwa kwezingane akubi nje nomthelela empilweni yazo ngesikhath­i zisencane kodwa isikhathi esiningi impilo yayo iyashintsh­a ngisho isikhulile, mhlawumbe nayo igcine isihlukume­za abanye abantu.

Ezinye ngenxa yokuhlukun­yezwa zikhula zizibandak­anye ebugebengw­ini nakwezinye izinto ezingalung­ile.

Mazibikwe izigameko zokuhlukun­yezwa kwezingane kwabomthet­ho noma kwabezenhl­alakahle, okanye kushayelwe inombolo yechildlin­e ethi 080 00 55 555.

tzondi@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: MASS.GOV ?? MAKUBE wumkhankas­o wansuku zonke ukugqugquz­ela ukuvikelwa kwezingane.
ISITHOMBE NGABE: MASS.GOV MAKUBE wumkhankas­o wansuku zonke ukugqugquz­ela ukuvikelwa kwezingane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa