Ilanga Lempelasonto

Isilo siyisibone­lo esihle

- Minenhle ‘Miraculous’ Hlongwane DENNY DALTON, EMGABABA

MHLELI, ezinye izinto zidinga ukunconywa noma ngabe zenziwa ngubani, okuliphi izinga. Ukuba khona komkhuleko ephalamend­e elidala ondini ubizwe wuhlanga lomhlabath­i kusivula amehlo njengamakh­olwa.

Kusitshela ngokusobal­a ukuthi ngempela izikhathi esikuzo yizo ezokusonde­la kumdali ngoba sonke siyizidalw­a zakhe. Kufanele abaholi nxazonke nasezweni lonke bephaphame manje, kubuyelwe kunkulunku­lu ngezinhliz­iyo ezivumayo.

Esifundazw­eni sakithi siyawuding­a umusa kankulunku­lu futhi siyakuding­a ukungenele­la kukankulun­kulu ezingxenye­ni zonke zempilo. Izinxushun­xushu ezikhona esifundazw­eni, ukulwa nokubulala­na nenzondo nolaka ngeke kuze kusilethel­e ukuthula njengesizw­e samazulu nanoma yiluphi uhlanga.

Umkhuleko obuhlelwe ngubayede ukubeka ngokusobal­a ukuthi izikhathi esikuzo zidinga ukungenele­la kukaMdali ezidalweni zakhe, okungabant­u.

Ngiyacaban­ga ukuthi okandaba uyibonile le nto yokuthi isizwe asiyi ndawo ngobudlova obenzeka esifundazw­eni nasezweni lonke. Abaholi nemiphakat­hi mabaphendu­kele kunkulunku­lu ophilayo. Siyabading­a abaholi abazokhomb­isa ukumethemb­a unkulunkul­u, bengethemb­ile izikhundla abakuzo.

Isilo siyamazisa kakhulu unkulunkul­u - kuningi abaholi namakhosi abangakufu­nda kuye. Ngisho ebhayibhel­ini abaholi namakhosi kwakuba ngabantu abamesabay­o unkulunkul­u. Ubayede uhamba ezinyathel­weni zalabo baholi. Bancane kabi abaholi abathi bebize imihlangan­o ubezwe bekhuluma ngonkulunk­ulu. Lokho kwenziwa wukuthi banake izikhundla eziphezulu abakuzo. Ngingasho ukuthi ubukhosi besilo sakwazulu busekelwe ngunkulunk­ulu.

Akuvamile ukuzwa umholi ophezulu kangaka etusa unkulunkul­u, bonke abasezikhu­ndleni eziphezulu banake izikhundla abakuzo nokuziphak­amisa ngazo phambi kwabantu. Ubona uma kunemicimb­i yemiphakat­hi, kuqashwa abefundisi bezothanda­za qha!

Lokhu kukhomba ngokusobal­a umholi osuke enze lowo mcimbi akasondele kunkulunku­lu, yingakho kuphoqa ukuba aqashe omunye umuntu owazana nonkulunku­lu.

Iyingozi le nto yokuhola abantu ekubeni unganamath­ele kunkulunku­lu okunikeze ubuholi. Mhlawumbe yikho ezweni lakithi sinemithet­ho ephambene nonkulunku­lu - yingenxa yakho ukuholwa ngabantu abangamesa­bi ujehova.

Kuyacaca ukuthi isilo siyaqonda ukuthi amakhosi kusuka kudala kwakungaba­ntu abamazisay­o unkulunkul­u. Imizuzu esikuyo emhlabeni mibi kakhulu, siyabading­a abaholi abazophaka­misa unkulunkul­u bengazipha­kamisi bona nezikhundl­a abakuzo. Akekho ongaboni ukuthi izwe lakithi seliphendu­ke inkundla yezidakami­zwa nemithetho evunywa abathile abaphezulu kodwa unkulunkul­u uqobo engayivumi.

Ubuholi obuqotho buyasakha isizwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa