Ilanga Lempelasonto

Umjekejeke uzoqwashis­a ngokubulaw­a kwama-albino

Avundulule namakhono amasha

- LUCKY CAIN

USEZINHLEL­WENI zokwenza umzungezo ngomdlalo weshashala­zi okhuluma ngokulwisa­na nokubulawa kwabantu abanebala elimhlophe umjekejeke wodumo lomdlalo ithe Queen. Umjekejeke, ogama lakhe langempela nguSipho Manzini, uthi sekusemome ukuba aphothule amalungise­lelo alo mdlalo azimisele ukuba ukhonjiswe ezindaweni zasemakhay­a ezisenyaka­tho yekwazulu-natal.

“Lo mdlalo ngifuna ube yindlela yokuqwashi­sa umphakathi ngokuhluku­mezeka kwabanebal­a elimhlophe, ukuze bavikeleke,” kusho umanzini.

Uthi ngaphandle kokuletha lo mdlalo ezindaweni ezisemakha­ya, uzophinde avundulule namakhono kulezo zindawo azozihambe­la.

“Ngiyazi ziningi izingane ezinamakho­no amangalisa­yo emakhaya, ngakho kubaluleki­le ukuba uma ikhona indlela umuntu angenza ngayo, zivulelwe amathuba.

“Ngingathan­da ezindaweni esizoziham­bela sithole ingane eyodwa esizoseben­za nayo,” kusho umanzini oseneminya­ka eminingi esemkhakhe­ni wokulingis­a.

Uthi nakuba eseke walingisa emidlalwen­i eminingi kamabonaku­de, awukho awufanisa nethe Queen.

Uthi uzizwa esekhaya kulo mdlalo kanti nabakhiqiz­i bawo, okuwumnden­i wakwafergu­son, bamphethe kahle kakhulu. “Banempatho enhle futhi benza ukukhuthal­ele ukwenza umsebenzi wakho. Ngikhulule­ke emoyeni ngabo nangendlel­a abasipheth­e ngayo njengabali­ngisi,” kusho yena.

Uthi uyakuthoko­zela futhi ukusebenza eduze nomlingisi osanda kuqokwa kowedstv Mzansi Viewers Choice Awards, uthembisil­e Matu, oqokwe emunxeni webest Actress.

“Ungumuntu onekhono elimangali­sayo futhi okuhle ngaye wukuthi ukwazi ukukhuluma izilimi ezahlukene,” kusho yena.

Umanzini uneziqu zepublic Admin azithola enyuvesi yaseningiz­imu Afrika. Ukulingisa ukuqale ngemuva kokufika egoli eyozama amadlelo aluhlaza.

Uthi ngaphandle kwethe Queen umatasa nemidlalo yeshashala­zi nekamabona­kude engena ngaphansi kwelokshin Bioskop. Uthi usazozimem­ezela izinsuku nezindawo azozihambe­la ngomdlalo wakhe, kwazise usaxhumana nomasipala balezo zindawo.

 ?? ISITHOMBE NGABE: NEWS365 ?? UZOSEBENZI­SA umdlalo weshashala­zi ukuqwashis­a imiphakath­i yasemakhay­a ngokuhluku­nyezwa kwabanebal­a elimhlophe.
ISITHOMBE NGABE: NEWS365 UZOSEBENZI­SA umdlalo weshashala­zi ukuqwashis­a imiphakath­i yasemakhay­a ngokuhluku­nyezwa kwabanebal­a elimhlophe.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa