Abaphostoli bagubhe 40 weminyaka
BEBEBULALA inyoka abazalwane bebandla ithe Twelve Apostles Church in Christ emevamhlophe, empangeni, lapho bebegubha iminyaka engu-40 leli bandla laholwa ngabamnyama.
Kugcotshwe abaphostoli abayi11 okuthathwe njengomlando kuleli bandla.
Abazalwane batheleke kulesi sizinda sabo osekuyikomkhulu labo kusukela ngolwesine baze bahamba ngesonto, sebehamba ngezindaba ezibuhlungu zokudlula emhlabeni kwabayisithupha, nabalimele engozini yebhasi eyenzeke entabeni kundundulu ebebevela efree State beya kule nkonzo.
Nokho umphostoli Joel Sithole ongumkhulumeli webandla wedlulise amazwi enduduzo egameni lebandla elinabalandeli abangaphezu kwesigidi nohhafu.
Inkonzo ibihanjelwe nayizikhulu zepolitiki okubalwa kuzo uno- bhala jikelele WE-ANC, umnu Ace Magashule, ephelezelwa nongqongqoshe wezokubusa ngokubambisana Kwazulu-natal, unkk Nomusa Dube-ncube.
Leli bandla liholwa ngumphostoli Naphtal Vusumuzi Mlangeni othathe emuva kokwedlula emhlabeni kukamphostoli Siqu David Phakathi.
Umphostoli Sithole uchaze inhloso yalo mhlangano wathi: “Lolu suku luhlala luyingqophamlando kithina siyibandla labaPhostoli ngoba yilapho sigubha khona. Sibonga uthixo ngokusivikela njalo emuva kweminyaka engama-40 ngaphansi kobuholi bongasekho umphostoli Phakathi namaqhawekazi angasekho.
“Kuyiqiniso ukuthi zonke izinkolo zaqhamuka kwelasentshonalanga futhi ziza nabamhlophe, ngezinhloso zabo ezahlukene. Yebo, nevangeli labaphostoli lafika ngonyaka ka-1889 ngomvangeli Carl Georg Klippe seliqhamuka ngomzila wase-australia.
“Babesuka kwelamajalimani, kade besuke ejerusalema njengoba babeyaliwe ukuba balishumayele kuze kube semkhawulweni wezwe - Mathewu 28:16.”
Umphostoli Sithole uqhubeke wathi leli bandla lafika kanjalo kuleli libizwa nge“new” ngoba kwakungokokuqala lifika kuleli- zwe. Babekhona omengameli ngokushiyana kwezikhathi, abafana nohenemeyer Stapoff-nino Senior nomphostoli S Hlatshwayo, lisabizwa nge-old Apostle Church.
“Ngo-1961 sazalelwa umpostoli J.S Ndlovu owengamela itwelve Apostle Church of Africa, yena owabe ehlala edobsonville. Ngo1972 sizalelwe umphostoli Phakathi laphaya enkanyisweni Hall Kwamashu, washona ngo-1994.
“Miningi imisebenzi ebonakalayo ayenza umphostoli Phakathi - wakhe izindlu zamasonto namahholo, wasiza imiphakathi eminingi entulayo walihola ngokwethembeka ibandla.
“Siyabonga ukuthi kusukela ahamba emhlabeni sekuthatha umphostoli Mlangeni nesekela lakhe umphostoli Clement Khumalo basayibambile, akukho luqhekeko ebandleni,” kuphetha umphostoli Sithole ongomunye ogcotshelwe esobuphostoli ngawo umgqibelo.