Ilanga Lempelasonto

Unene uyazifela ngosbahle Mpisane

NGAPHANDLE KWENKUNDLA

- MFANAFUTHI NDLOVU

NGEKE umhlukanis­e noNkulunku­lu umphakamis­eni “Befu” Nene (26) odlala kwiroyal Eagles egijima kwinationa­l First Division (NFD) yeziqumama zakwaMpisa­ne, usbu noshawn. Ukukholelw­a kumdali sekuholele ekutheni lo mdlali emakilabhi­ni awadlalela­yo afuqe umkhankaso wokwakha ubunye kubadlali ngesikhali sikajehova.

Unene udabuka entabamhlo­phe, emtshezi.

Ufunde amabanga aphansi es’fisosethu Primary, wabe esephothul­a umatikulet­sheni ngo2009, emthonjane­ni Wolwazi High.

Ubevele ezimisele ngokuqhube­ka nebhola uma eseqede isikole kwazise ubenqoba imiklomelo emqoka emiqhudelw­aneni yendawo.

Udlale ibhola emazingeni aphansi egijima kumvuzane FC obudlala kwisafa LFA ethekwini Region, eclermont, lapho ebehanjisw­e khona ngus’fiso Thomo.

Ngemuva kokuhlala isikhathi eside kumvuzane FC uqoqe imithwalo yakhe walibangis­a kwiIsland FC ebiphethwe ngudesmond Simamane ngaphambi kokubonwa yithanda Royal Zulu ebigijima kwinfd ngo-2012, isaphethwe ngupierre Delvaux.

Usuke kwithanda wadlulela kwiblackbu­rn Rovers ngo-2014, nayo ebidlala kwinfd.

Ukudlala kahle kule kilabhu kumenze wahlabana ngenkontil­eka kwi-absa Premiershi­p ethathwa yimaritzbu­rg United kaFarouk Kadodia ngo-2017.

Akahlalang­a isikhathi esitheni yamdayisel­a i-eagles athi uzimisele ngokuyifak­a esigabeni esiphakeme ngale sizini.

Ingxoxo kanene NELANGA

Langesonto ( I/ L) ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

I/ L: Ukhule ekhaya elinjani futhi bekunzima kangakanan­i ukujwayela impilo yasemadolo­bheni njengoba ukhulele emakhaya?

Nene: Kube lula kakhulu kimina kwazise bengazi ukuthi ngizokwenz­ani ebholeni. Okumqoka kakhulu wukwazi ukuhlukani­sa impilo yobumnandi nokuzazi udingani empilweni. Yize kusaqala kube nzima kodwa ngimile okholweni ngokuqonda ukuthi konke esikwenzay­o emhlabeni kuba nobuhixihi­xi uma kusaqala.

I/ L: Ungumuntu onjani?

Nene: Ngiyabatha­nda abantu kodwa kangikutha­ndi ukusukelwa kwazise ngiyakwazi ukuzifikel­a endodeni. Ngikhonze ukuncokola ikakhuluka­zi nabantu engisondel­ene nabo. Ngikukhonz­ile ukuhle- ka kodwa angizwani nomuntu onochuku.

I/ L: Basaphila abazali?

Nene: Yebo basaphila. Ngizalwa umabusi Buthelezi nobongani Nene. Singu-16 sesisonke ekhaya. Omdala umsizeni kuze umsawakhe (osadlula emhlabeni), kulandele u-ayanda kuze mina. Abanye abakhona ngusanele nokhetha abangamawe­le nolusizo onguthunja­na nabanye.

I/ L: Yiliphi iqhaza elibanjwe ngabazali bakho kuwena?

Nene: Likhulu kakhulu kwazise ngisho isimo singahambi kahle bebekhona ukungigqug­quzela bengikhuth­aza ukulwela isibongo sasekhaya.

I/ L: Yikuphi ukudla okuthanday­o?

Nene: Yidombolo nenyama yangaphaka­thi. Kabakhohlw­a ekhaya ukungezela uma sengifonil­e ukuthi ngiyeza.

I/ L: Usugcagcel­we?

Nene: Cha, kodwa nginaye engiphilis­ana naye. Angikabi naye umntwana kwazise ngisafuna ukuzuza lukhulu ebholeni.

I/ L: Ukhonzaphi?

Nene: E-12 Apostle Church. Ngeke ungehlukan­ise naleli sonto. Sengikwazi­le ukuzuza abanye ozakwethu kule nkolo njengoba noFortune Makaringe ogijima kwiMaritzb­urg United eyilungu lokuqina kule nkonzo.

I/ L: Usichitha ngani isikhathi sakho sokuphumul­a?

Nene: Ngizidlale­la ix-box kumbe siziphumul­ele endlini nabangani bami. Ngesinye isikhathi sihambela inxanxathe­la yezitolo.

I/ L: Yimuphi umbala owuthanday­o?

Nene: Ngoluhlaza kwazise ungenza ngikholelw­e kimina.

I/ L: Yisiphi isilwane esikuchaza­yo?

Nene: Yizinja kwazise ngikhule ekhaya zikhona okwenze ngizithand­e kakhulu.

I/ L: Yiluphi uhlobo lukamakhal ekhukhwini olusebenzi­sa y o?

Nene: Yi-i-phone 7 ikwenza konke yingakho ngikhona kwi-instagram, ifacebook newhattsap­p.

I/ L: Yiliphi izwe ofisa ukulivakas­hela ukuyophumu­za umqondo?

Nene: Yiseparis, efrance kwazise idume ngobuhle leyandawo kanye nezimpahla ezinhle zokugqoka.

I/ L: Isiqholo osithanday­o?

Nene: Yitom Ford inuka kahle kakhulu.

I/ L: Iyiphi imoto oyithanday­o ofisa ukuyigibel­a ngelinye ilanga?

Nene: Yigolf 7 yesimanje.

I/ L: Kuma- soapie iyiphi ojwayele ukuyibuka?

Nene: Yisibaya. Ngithanda ukubona kakhulu ufezile (Andile Mxakaza) uyidlala kahle indawo yakhe iyangichaz­a.

I/ L: Yini eyokuqala oyenzayo uma uvuka ekuseni?

Nene: Wukuthanda­za ngaphambi kokundlula umbhede bese ngibheka imiyalezo kumakhalek­hukhwini.

I/ L: Yimuphi umculo okhonze okuwulalel­a?

Nene: Ngumaskand­i ikakhuluka­zi ukhuzani “Indlamlenz­e” Mpungose oyiciko kulo mculo wesintu ngiyazifel­a ngaye.

I/ L: Yimuphi usaziwayo ozifela ngaye emhlabeni jikelele?

Nene: Hahaha.. akekho omunye ngus’bahle Mpisane ngimkhonze ukufa. Inhliziyo yami ibuhlungu njengoba esanda kuvelelwa yingozi yemoto ngiyacela esizweni ukuba simkhuleki­se alulame ngokushesh­a. Ngicela simbophe ngebhande likaJehova alulame ngoba sisamdinga kuningi okusafanel­e ekudlulise entsheni yakuleli.

I/ L: Zikhona izinhlelo ophezu kwazo uma usuyeke ibhola?

Nene: Cha, okwamanje ngisabheke­ne nebhola kuphela uma isikhathi sesifikile ngizozama ukuhlela impilo.

I/ L: Uthini umlayezo wakho entsheni esakhula ikakhuluka­zi o eya sentaba mhlophe lapho odabuka khona?

Nene: Imfundo iyisikhali esimqoka ngisho ungaba nekhono elibabazek­ayo kaliyiluth­o ngaphandle kwayo.

 ??  ?? UMPHAKAMIS­ENI Nene ongumdlali weroyal Eagles edlala kwinfd. LABA ngabafowab­o bakamphaka­miseni Nene. UMAMA kamphakami­seni, ubusi Buthelezi.
UMPHAKAMIS­ENI Nene ongumdlali weroyal Eagles edlala kwinfd. LABA ngabafowab­o bakamphaka­miseni Nene. UMAMA kamphakami­seni, ubusi Buthelezi.
 ??  ??
 ??  ?? LABA ngodadewab­o bakamphaka­miseni Nene.
LABA ngodadewab­o bakamphaka­miseni Nene.
 ??  ??
 ??  ?? UBABA kamphakami­seni, ubongani Nene.
UBABA kamphakami­seni, ubongani Nene.
 ??  ?? NGUMPHAKAM­ISENI Nene edlubhe isudi yakhe.
NGUMPHAKAM­ISENI Nene edlubhe isudi yakhe.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa