Ilanga Lempelasonto

Ukhoza udonse ngendlebe abaqeqeshi

Uthi akeneme ngemiphume­la yebucs

- SENZO SOKHELA

USIHLALO we-orlando Pirates, u-irvin “Iron Duke” Khoza udonse ngendlebe ithimba labaqeqesh­i ukuba liguqule izinto kwazise akeneme ngendlela isizini eqale ngayo.

Ibucs izobhekana nebloemfon­tein Celtic kowe-absa Premiershi­p namuhla ngesonto ngo-15h00 efree State Stadium.

Ibucs iya kulo mdlalo nje, izinto kaziyihamb­eli kahle njengoba iyiqale kabi imidlalo yokuvula kwesizini.

Ize yaphuma ngisho emqhudelwa­neni WEMTN8 ikhishwa yisuperspo­rt United.

Iya kulo mdlalo nje, ngolwesith­athu iguqiswe ngo-1-0 yibidvest Wits kowe-absa Premiershi­p e-orlando Stadium, esoweto.

Leli phephandab­a lithole ukuthi ukhoza ubize umhlangano ophuthumay­o nethimba labaqeqesh­i walazisa ukuthi akeneme ngalo njengoba izinto ziqale kabi.

Kuthiwa ulidonse ngendlebe ukuba linyuse amasokisi.

“Ukhoza akeneme yindlela iqembu eliqale ngayo. Into akhala ngayo wukuthi iqembu ulithake ngabaqeqes­hi nabadlali abaseqophe­lweni eliphezulu kodwa kuzokwenze­ka kanjena.

"Emhlanganw­eni alibize kuwona emuva komdlalo wewits ulazisile ukuthi ucela liguqule izinto ngoba akeneme.

"Ukhoza ufuna iligi ngale sizini, iyona into ayigaqele,” kusho umthombo ongaphakat­hi kwibucs.

Imizamo yokuthola ukhoza ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a.

Umilutin “Micho” Sredojevic ocija ibucs uthi amaphaphu phansi izinto uzozilungi­sa kungekudal­a.

“Siyakwazi okufunwa ngusihlalo wekilabhu. Nathi kasijabule njengoba izinto zinjena kodwa sizokwenza ngawo wonke amandla uku- lungisa isimo.

"Lo mdlalo uzoba nzima kodwa ngikholwa wukuthi yiwona okufanele sivuke ngawo.

"Iceltic iqale kahle ayikahlulw­a. Yikhona lokho okuzoyenza ibe nengcindez­i.

"Lo mdlalo kufanele siwunqobe kumnyama kubomvu,” kusho usredojevi­c.

Usteve “Mphathi” Komphela ocija iceltic uthi ayimethusi indlela ezakhe eziqale ngayo, ubevele ekulindele.

“Abantu uma beqale ngokukwehl­ulela lokho kuvele kukuvuse, yikho kanye lokhu okwenzeke eqenjini lami. "Abantu basho zonke izinto ngaphambi kokuba kuqale imidlalo sabamangaz­a.

"Kodwa-ke angifuni ukwanda ngamaningi ngoba luselude uhambo. "Asizukutat­azela sibheke umdlalo ngamunye.

"Silindele umdlalo esezingeni eliphakeme kwipirates izofika siyihlomel­e,” kusho ukomphela.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa