Ilanga Lempelasonto

KUGXEKWA ISINQUMO SIKA-VICTOR MOSES

-

INKAKHA yasenigeri­a isigxekile isinqumo sikavictor Moses ( osesithomb­eni) ogijima kwichelsea yase-england sokuthatha umhlalapha­nsi eqenjini lesizwe lasenigeri­a.

Uhenry Nwosu obengukapu­teni wesuper Eagles futhi oke waqeqesha lesi sikwati, uthe isinqumo sikaMoses sizolibula­la ibhola lakhe.

Umoses oneminyaka engu-27 ubudala, uthe usefuna ukugxila kwichelsea nasemndeni­ni. Uthe ufuna nokudedela igazi elisha kwisuper Eagles.

Unwosu uthe ichelsea ngeke isamhlonip­ha umoses okuyinto ezokwenza akhuhle ibhentshi.

“Ichelsea idlalelwa yinqwaba yabadlali abenza kahle emazweni abo. Umdlali kufanele enze kahle eqenjini lesizwe ukuze ahlale esithola isikimu ekilabhini yakhe. Inigeria iyahlonish­wa kunobhutsh­uzwayo. Ukudlala kukamoses kwisuper Eagles yikhona obekumthol­ela indawo esikimini sechelsea. Mina ngibona kuphelile ngekusasa lakhe e-eng- land. Usemncane kabi ukuthi usengafula­thela iqembu lesizwe. Kunzima ukubanga ijezi nabadlali abadlalela amazwe abo,” kusho unwosu.

Umoses sekunesikh­athi eside eyibambe e-england njengoba egqame eneminyaka engu-16 ubudala edlala kwicrystal Palace, kanti ngo-2009 ubegijima kwiwigan Athletics. Lo mdlali ukhethe ukudlalela isuper Eagles kune-england kwazise ubenethuba lokudlalel­a noma yiliphi izwe kuwona womabili.

Kungena elecrystal Palace nje, izokhiphan­a inkani neliverpoo­l emdlalweni we-english Premiershi­p kusasa ngomsombul­uko ngo-17h00.

Umoses usedlalele inigeria iminyaka eyisithuph­a, kanti udlale imidlalo engu-37 wayishayel­a amagoli angu-12.

Ubeyingxen­ye yesuper Eagles enqobe i-african Cup of Nations (Afcon) ngo-2013 lapha eningizimu Afrika, kanti usemele inigeria amahlandla amabili kwindebe yomhlaba.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa