Ilanga Lempelasonto

LUCKY CAIN

-

BAMBALWA abalaleli abayoke bamlibale noma balikhohlw­e iphimbo likalinda “Mr Magic” Sibiya emsakazwen­i, ikakhuluka­zi abazifela ngokhozi FM.

UMR Magic ungomunye wabasakazi abayibekil­e induku ebandla kwezokusak­aza. Nakuba egcine ukuzwakala emoyeni kwiVuma FM eminyakeni emibili edlule kodwa uzakhele udumo okhozini lapho echithe khona iminyaka engu-17 eshayela izinhlelo ezahlukene.

Uxoshwe kulo msakazo eseshayela olwasekuse­ni, ivuka Breakfast Show, esiphethwe nguSipho “Sgqemeza” Mbatha novukile Nongcebo Mckenzie.

Nakuba sekuphele cishe iminyaka emine agcina ukuzwakala okhozini FM, kodwa umr Magic uma sihlangana naye emahhovisi akhe asendaweni yomtakaban­i, epoint Waterfront, ethekwini, ukusho kwagcwala umlomo ukuthi usenesilon­da esingakaph­oli ngokhozi FM.

Exoxa ne

LANGA

Langesonto, uthe okubuhlung­u kakhulu ngalo msakazo wukuthi kawumnikan­ga ithu- ba lokuvaleli­sa kubalaleli bawo abese bephenduke ingxenye yempilo yakhe.

“Uyabona ukungalini­kwa ithuba lokuvaleli­sa okhozini yikhona okubuhlung­u kunakho konke,” kusho umr Magic enanela ngokuthi uma engase anikwe elinye ithuba okhozini angaligxum­ela.

“Ngeke ngiqambe amanga, ngisakulan­gazelela ukuba sokhozini,” esho evuma ukuthi wenza iphutha ngokujaha ukujoyina ivuma FM, engakakudl­ulisi okwasokhoz­ini.

“Engingakus­ho wukuthi ngajoyina ivuma ngisadiniw­e ngendlela ukhozi olwangichi­tha ngayo,” kusho umr Magic ejika nasebuswen­i.

UMR Magic akafunanga ukungena agxile ngokuchith­wa kwakhe okhozini FM.

“Ngeke ngikhulume izinto eziningi ngokwenzek­a, kodwa iqiniso liyaziwa,” eshaya ngamafuphi. UMR Magic uthi nakuba esenentshi­sekelo yokuba semsakazwe­ni kodwa uyajabula ngegxathu lakhe kwezamabhi­zinisi.

“Nginamahho­visi egoli nasethekwi­ni kanti maduzane sizokwethu­la izikhungo ezahlukene ngaphansi kwemagic Media Group, okubalwa esizofundi­sa ngokukhulu­ma ngokuzethe­mba phambi kwabantu, esizofundi­sa ngokusakaz­a nokuqeqesh­a iphimbo nokuvula umsakazo ozokuba online, imagic Radio,” esho ekhombisa okukhulu ukuzethemb­a.

Uphinde wadalula ukuthi nomjikelez­o wakhe, imagic Tour, ukhuza ibuya kodwa ngokwehluk­ile kulokhu.

“Sizohambel­a omasipala Kwazulu-natal lapho sizokwakha ukuxhumana kubaholi bamaqembu nabantu abasha. Ngeke sisazihamb­ela izikhungo zemfundo ephakeme manje, sifuna ukunika abantu abasha nabaholi bamaqembu indlela yokuxhuman­a njengoba kuza ukhetho lukazwelon­ke ngonyaka ozayo,” esho enanela ngokuthi bazobe behambisan­a nabakwa-iec, okuyinhlan­gano eyengamele ukhetho kuleli.

UMR Magic uthi kumhambela kahle ngokwamabh­izinisi nakuba zikhona izingqinam­ba kodwa ngenxa yokuthi unombono, uyakwazi ukubhekana nazo.

Uthi usaqhubeka nokuphatha izinhlelo emicimbini kanti usazethula futhi nezinkulum­o ezikhuthaz­ayo.

Uphinde wacacisa ngokuthi unobudlelw­ano obuhle nomfu Sthembiso Zondo njengoba esazimisel­e ngokuqhube­ka asebenze naye kwezinye izinhlelo anazo. Kuzokhumbu­leka ukuthi kuke kwaba nemibiko yokuthi usezinhlel­weni zokutha

tha

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa