Ilanga Lempelasonto

Indida kuhlehla Amantshont­sho

Kusolwa ukushoda koxhaso

- JOHN HLONGWA

KUQUBUKE indida kuhlehla ngemizuzu yokugcina umcimbi wezindondo, amantshont­sho Kamaskandi.

Lo mcimbi, ohlelwa ngumlamuli Nxele ( osesithomb­eni), bekumele ube ngomgqibel­o wesonto elizayo mhla ka 03 E-ICC, ethekwini.

Indaba yokuhlehla kwalo mcimbi isabalale ezinkundle­ni zokuxhuman­a abantu bekhuluma ngayo, ikakhuluka­zi abalandeli bakamasika­ndi.

Kuthiwa usuhlehlel­e umhla ka-22 kuzibandle­la (December).

ILANGA Langesonto lithole emithonjen­i esondelene nabahleli balo mcimbi ukuthi okwenze wahlehlisw­a ukuthi kukhona umnyango kahulumeni, oxhasa lo mcimbi, ongayifaka­nga inkece ngesikhath­i ebilindelw­e ngaso.

Okhulumela Amantshont­sho Kamaskandi, uzazi Nxele, ekhuluma naleli phephandab­a izolo ukuqinisek­isile ukuthi umcimbi uhlehlile kodwa waphika ukuthi uhlehle ngenxa yokushoda koxhaso.

“Kulo nyaka sisebenza nabantu abaningi kakhulu obekudinge­ka sibanike isikhathi. Kwathina uqobo njengoba Amantshont­sho ekhula kangaka kudinga sizinike isikhathi esanele sokuwahlel­a.

“Engingakus­ho ukuthi bonke abantu abathintek­ayo bazisiwe ngoguquko, kusukela kwabatheng­e amathikith­i, bazisiwe ngohlelo lwemiyalez­o kamakhalek­hukhwini. Abaculi nabo sibazisile.

“Thina sisebenza nomnyango wezobuciko namasiko, usinikile imali, konke kumi ngomumo, akukho nkinga esinayo,” kusho uzazi.

Uthe abantu mabawagcin­e amathikith­i, bayowasebe­nzisa ngosuku olusha oselunquny­iwe.

hlongwaj@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa