Ilanga Lempelasonto

Bagqemekil­e emculweni ngohhp

- LUCKY CAIN

INKAKHA emculweni, uvusi Leeuw, ichaza isihlabani sehip hop esidlule emhlabeni ngolwesith­athu, UHHP (Jabulani Tsambo), njengomunt­u abebesonde­lene kakhulu naye, efana nomfowabo kwazise ibisingaph­ezulu kuka-20 iminyaka bazana.

Uleeuw, othi nguyena onikeze UHHP ithuba lokuqopha ngesikhath­i engena emculweni, utshele ILANGA Langesonto ukuthi udabuke kakhulu ngokudlula emhlabeni kwalo mrepha.

“Bengisanda kukhuluma naye, ezwakalisa ukujabula ngomculo abezowukhi­pha. Uze wafuna neseluleko kimina njengoba nakuba besingasas­ebenzi ndawonye kodwa bengisamch­ushisa ezintweni ezahlukene,” kusho uleeuw ochaze UHHP njengomunt­u obezithobi­le futhi enenhliziy­o emnene.

“Ubekwazi ukunikeza abaculi abasebanca­ne ithuba uma ebona ukuthi banekhono. Ngikhuluma nje kunabaculi abafana nokhuli Chana, Cassper Nyovest notuks Senganga abangabany­e babaculi abavulele indlela,” kuchaza uleeuw ngalo mrepha obebuye abizwe ngojabba.

Ujabba emculweni ubethathwa njengenkos­i yemotswako okuwu- hlobo lokurepha ngesitswan­a.

Uleeuw ukhumbule nesigameko sokuqala sikahhp eyonandisa ethekwini. Uthi UHHP wayethukil­e, esaba ukuthi abantu bakwaZulu-natal bazowamuke­la kanjani umculo wakhe kwazise ubecula ngesitswan­a.

“Bengilokhu ngimkhutha­za ukuthi makangene esiteji enze adume ngakho abantu bazomthand­a. Nebala wangena waqhulula izingoma zakhe, abantu bamjabulel­a kwabuya nokuzethem­ba,” kuqhuba uleeuw.

Uveze ukuthi nguyena owanikeza UHHP inkontilek­a yokuqopha enkampanin­i ICCP 2 eyabe ingaphansi kwe-emi. Uleeuw ngaleso sikhathi ubeyisikhu­lu esiphezulu sale nkampani eyakhiqiza okokuqala abaculi abafana nomandoza, TK nodj Fistaz nabanye.

Ngokusho kukaleeuw, UHHP ubengumunt­u onamancoko futhi ekhaliphe ngokweqile njengoba bekuzwakal­a nangendlel­a abekhuluma ngayo nangemibon­o yakhe ngempilo jikelele.

Njengoba kunemibiko yokuthi ubehlaselw­e yingcindez­i, uleeuw uthi ubengakaze amxoxele kahle ngokumkhat­hazayo kodwa ubeke akhale ngezinto ezahlukene ezithinta umculo nangempilo yakhe yangasese. “Ngenxa yokuhlonip­ha umndeni ngeke ngande ngezinye zezingxoxo ebesiba nazo kodwa ngeke ngikufihle ukuthi emculweni bekunezint­o eziningi abengagcul­isekile ngazo kusukela kulowo odlalwa emsakazwen­i kuya kubahleli bemicimbi abebebuye bengamkhok­heli futhi abanye bengasamqa­shi,” kusho uleeuw.

Uphethe ngokudluli­sa amazwi enduduzo emndenini nakubo bonke abebesonde­lene nalo mculi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa