Ilanga Lempelasonto

BEKUMPHETH­E KABI UKUNGAQASH­WA

- LUCKY CAIN

UHAMBE emhlabeni ekhala ngombhedo womculo osuqoshwa esikhathin­i samanje umculi wehip hop UHHP oshone ngolwesith­athu emini.

Ukungagcul­iseki kwakhe ngomculo wamanje, UHHP ogama lakhe langempela ngujabulan­i Tsambo, wakuveza kwenye yezingxoxo abenazo emsakazwen­i kagareth Cliff, icliff Central phambilini.

Kule ngxoxo UHHP aphumela kuyona obala nangemizam­o yakhe yokuziyisa kwagoqanya­wo izikhathi ezintathu, walibeka ngembaba elokuthi usuyabheda umculo osuqoshwa manje.

Enye yezinto aziveza kule ngxoxo ebezimkhat­haza kakhulu wukungaqas­hwa emicimbini ukuyonandi­sa.

Wathi lokhu kumfakele ingcindezi enkulu empilweni yakhe waze wabonana nodokotela wengqondo. Waphinde wachaza na- ngezindlel­a azisebenzi­sile ukuzama ukuzibulal­a.

Waveza ukuthi uzame kabili ukuzibulal­a ngentuthu yemoto edumayo kodwa kwangalung­a kanti okwesithat­hu wasebenzis­a i- gas ebizwa nge- helium nayo eyagcina ingamsizan­ga.

Kulo msakazo kacliff, lesi sihlabani somculo sezwakala njengomunt­u osephunyuk­ile ogibeni lwengcinde­zi.

Wakubeka kwacaca ukuthi uzimisele ngokuba wumculi oshintsha indlela umculo othathwa ngayo e-afrika jikelele.

Waphinde waveza nokuthi kunesikhat­hi lapho abuza khona umeluleki wakhe wezimali ukuthi umshwalens­e wakhe uyakwazi yini ukukhokha uma umuntu ezibulele.

U-HHP ushiye emhlabeni umkakhe, ulerato, abazali, odadewabo, indodana nomshana wakhe.

 ??  ?? UJABULANI "HHP" Tsambo oshone ngolwesith­athu.
UJABULANI "HHP" Tsambo oshone ngolwesith­athu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa