BEKUMPHETHE KABI UKUNGAQASHWA
UHAMBE emhlabeni ekhala ngombhedo womculo osuqoshwa esikhathini samanje umculi wehip hop UHHP oshone ngolwesithathu emini.
Ukungagculiseki kwakhe ngomculo wamanje, UHHP ogama lakhe langempela ngujabulani Tsambo, wakuveza kwenye yezingxoxo abenazo emsakazweni kagareth Cliff, icliff Central phambilini.
Kule ngxoxo UHHP aphumela kuyona obala nangemizamo yakhe yokuziyisa kwagoqanyawo izikhathi ezintathu, walibeka ngembaba elokuthi usuyabheda umculo osuqoshwa manje.
Enye yezinto aziveza kule ngxoxo ebezimkhathaza kakhulu wukungaqashwa emicimbini ukuyonandisa.
Wathi lokhu kumfakele ingcindezi enkulu empilweni yakhe waze wabonana nodokotela wengqondo. Waphinde wachaza na- ngezindlela azisebenzisile ukuzama ukuzibulala.
Waveza ukuthi uzame kabili ukuzibulala ngentuthu yemoto edumayo kodwa kwangalunga kanti okwesithathu wasebenzisa i- gas ebizwa nge- helium nayo eyagcina ingamsizanga.
Kulo msakazo kacliff, lesi sihlabani somculo sezwakala njengomuntu osephunyukile ogibeni lwengcindezi.
Wakubeka kwacaca ukuthi uzimisele ngokuba wumculi oshintsha indlela umculo othathwa ngayo e-afrika jikelele.
Waphinde waveza nokuthi kunesikhathi lapho abuza khona umeluleki wakhe wezimali ukuthi umshwalense wakhe uyakwazi yini ukukhokha uma umuntu ezibulele.
U-HHP ushiye emhlabeni umkakhe, ulerato, abazali, odadewabo, indodana nomshana wakhe.