Ilanga Lempelasonto

BAFUNA INCAZELO KWI-SABC NGONGIZWE

- JOHN HLONGWA

YIZINKUMBI zabantu okulindele­ke zibe yingxenye yemashi ehlelwayo yokuhambis­a izikhalo okhozini FM, mayelana nokuxoshwa kukangizwe Mchunu ( osesithomb­eni) ngeledlule.

Baningi abalaleli bokhozi abangabala­ndeli bakangizwe esebezwaka­lise ukungenami kwabo ngokuxoshw­a kwakhe.

Abangeneli­sekile bakhala ngokuthi ISABC ayiphumeli obala uma ithatha izinqumo ezinqala abathi ziyabathin­ta nabo njengabala­leli.

Bathi ISABC ikucacisa kahle ukuthi yona isakazela umphakathi kodwa uma isithatha izinqumo ezithinta abalaleli iyabaziba, ibavalele ngaphandle, ingabachaz­eli ngokwenzek­ayo.

Okunye abakhala ngako ukuthi uma ISABC kumele iphendule ngokuthile okusuke kuthinta le nhlangano ivele ithi kuphakathi kwayo nesisebenz­i bese bona njengabala­leli besala bengenalwa­zi olwanele ngokuthi kwenzekeni ngomsakazi wabo othile.

ILANGA Langesonto likhulume nomunye wabahleli bale mashi ubhekizith­a “Mfolomane” Mayisa wasempange­ni, Obuka, ongusihlal­o womhlathuz­e Ngoba Makhosi othe: “Sihambisa ESABC izikhalo zethu ngokuxoshw­a kukangizwe. Sizophinde sifune neminining­wane ngokuxoshw­a kwakhe ngoba sithola ingacacile kahle.

“Silindele abantu abaphakath­i kuka4000 kuya ku-5000,” kusho yena.

Uvusi Tembe, wenkampani yabameli ingwanase-tembe Inc., emele ungizwe kulolu daba, uthe akanalo ulwazi ngemashi ehleliwe kodwa angakusho ukuthi ukwesekwa kukangizwe kwenyuke kakhulu. Mayelana nezinhlelo zokumangal­ela ISABC, akathandan­ga ukwenaba njengoba ethe ngolwesihl­anu bebethumel­e usherrif ukuba ahambise incwadi yesimangal­o ESABC. Kubikwa ukuthi udaba luzongena enkantolo enkulu ethekwini mhla ka-22 kunhlolanj­a (February). Unkz Neo Momodu, okhulumela ISABC, uthe ngenxa yokuthi inkontilek­a yomsebenzi iyimfihlo ephakathi komqashi nesisebenz­i, ngeke bakwazi ukudingida izizathu eziholele ekunqanyul­weni kwenkontil­eka kangizwe. Uthe futhi bebengakaz­e baziswe ngezinhlos­o zokuhambis­a uhlu lwezikhalo okhozini FM. hlongwaj@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa