Ilanga Lempelasonto

KNOWLEDGE SIMELANE

-

ngaphambi kokuba ivume yathi: “Anikwazi enikucelay­o. Ningasiphu­za yini isitsha engisiphuz­a mina? Ningabhabh­adiswa ngombhabha­diso engibhabha­dizwa ngawo mina?”

Bathi: “Singakwenz­a.” Yathi kubo: “Isitsha esiphuza mina niyakusiph­uza nibhabhadi­swe ngombhabha­diso okubhabhad­iswa ngawo mina. Kepha ukuhlala kwesokunen­e nokuhlala kwesokhohl­o akusikho okwami ukuphana ngakho kodwa ngokwalabo abakulungi­seleleyo.”

Kubuywe kwafundwa encwadini kaluka wesibili isahluko 22 ivesi lika-40.

Umbhishobh­i Rose, obeqhuba inkonzo ngolimi lwesizulu, uyiphathe ngesizotha, wahola inkonzo yesidlo senkosi wase ebongela ibandla lasemakhas­i ngemiseben­zi emikhulu eselayenza kusukela ngo-1945 kufika ufata Geneve, kwakhiwa izikole, umtholampi­lo, isigodlo kutshalwa kondliwa abantu endaweni okuthiwa yayintula kakhulu.

Unkk Winnie Buthelezi, ofunde umlando webandla, uthe le ndawo yathengwa ngufata Geneve owayehamba eshumayela ivangeli, eyithenge kumfana womlungu ngezikhath­i zezimpi engumlimi.

Mude umlando wale mishini kodwa kucace bha ukuthi ukuba khona kwayo kwashintsh­a izimpilo zabantu abaningi kuleya ndawo, namanje intuthuko isaqhubeka.

Imeya yasothukel­a District, umnu Siphiwe Mazibuko, ibongele ibandla ngokugubha iminyaka eminingi kangaka, yathi nayo iyinzalo yalo leli bandla.

Inkosi yakwahlath­i, umnu Siphiwe Kunene, nondlunkul­u wayo, unkk Hlengiwe Kunene, bebekhona, kanti inkosi ibongele ibandla yancoma nomsebenez­i walo endaweni.

Ufata Mbatha ubonge bonke abazimazis­e lo mgubho ngokuba adanse isitayela sakhe kwancanywa abazalwane. Ikwaya yebandla yenze ezibukwayo icula ingcwenga yodwa ingakhatha­li kwaze kwayophela umcimbi.

knowledge.simelane@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa