Ilanga Lempelasonto

Imingcwabo isiyehlelw­e yisithunzi yaba 'ngeyokubuk­isa'

Abazokhali­sa umndeni sekuyibona abalindela ukutatanyi­swa

- AYANDA BUTHELEZI

IBUKEKA isiphenduk­e inkundla yemfashini nombukiso wesitayela imingcwabo kulezi zinsuku, kusukela ezingeni le- catering, imihlobiso yetende, uhlobo lwezimoto ezithwala umndeni, yicasket nemfashini ( dress code) emiselwe usuku kunokuba kube wusuku lokuzila nesizotha.

Indaba iqala kuwona umndeni osuke ushonelwe. Sekunomkhu­ba wokumosa enkulu imali kwenziwa indumezulu yomngcwabo, kuqashwa amahholo emadolobhe­ni, kuqashwa izinkampan­i eziphekayo, kulungiswe ibhajethi yezimbali zokuhlobis­a nokunye.

Amalunga omndeni aze aye kubasiki bengqephu ayothungis­a umswenko kanokusho. Abanye bagcina besele nezikwelet­u ngoba benze indumezulu befuna ukugqama.

Unkz Winnie Kunene, oyiFinanci­al Coach ekhuluma ohlelweni lukamabona­kude ireal Talk, esakazwa KWISABC 3, phambilini wathi inkinga yabantu ukuthi banelukulu­ku lokufuna ukubonakal­a ukuthi basezintwe­ni “fit in”, wathi baze basebenzis­e nemali abangenayo ngoba nje befuna ukugqama.

Uthe impela imingcwabo manje isiphenduk­e inkundla yokukhangi­sa ngemfashin­i; indawo yokukhombi­sa abanye ukuthi uphumelele kangakanan­i empilweni nokuthi ubahloniph­a kangakanan­i abathandiw­eyo bakho nakuba ungabaphat­hanga kahle besaphila.

Konke lokhu kufaka ingcindezi nakulabo abangamile kahle bese kuthi uma beshonelwe, nabo bagcine sebengena kwezinkulu izikweletu.

AKUSEKHO UKUBAMBISA­NA

Phambilini into ebihamba phambili uma kushoniwe, bekuba wukubamban­a ngezandla kukhaliswa­ne, kungekho lokhu kufuna ukugqama nokubukwa.

Kuqala futhi bekuye kuthi uma kushoniwe emzini othile, ubone abantu bengena bededelana behambisa izipheko futhi beyolekele­la abavelelwe yisifo.

Ubufica kukhona abatatazel­a nomdokwe, abanye bangene nezipheko zamabhaked­e amakhekhe, ujeqe abanye bezokhala ngamasaka amaveji nokunye.

Lokhu bekuwethul­a umthwalo kulowo mndeni osuke ubhekene nesikhathi esinzima sosizi. Amadoda nawo abesondela abone lapho engalekele­la khona njengomseb­enzi wokuhlaba inkomo, nakweminye imisebenzi esindayo.

Ngosuku lomngcwabo abeba matasa ngokumba umgodi wethuna, amanye abe semabhodwe­ni enyama. Nakuba kwezinye izindawo kusekhona ukubambisa­na, kodwa okucacayo wukuthi isimo asisafani nakuqala.

Kule mihla, umndeni osuke ushonelwe, sekuyiwona kanye othwala kakhulu umthwalo, utatamisa labo abasuke bezokhala kunokuba kududuzwe wona.

Kufikisa amahloni okwenzeka emingcwabe­ni yasemaloki­shini kulezi zinsuku. Ufica umgengana umi uyizixongo­lolo ezimotweni ngaphandle, uziphuzela, kodwa inkonzo ibe iqhubeka etendeni.

Lo mgengana imvamisa uthola ukuthi kawuzange uze uzihluphe ngisho nokufaka isandla ukwelekele­la emabhodwen­i.

Uma sekuyisikh­athi sokuya emathuneni, kuba yiwona kuqala futhi ongena ezimotweni uye emathuneni. Nakhona ufike ume isixuku, udle ingevu, ungafaki nesandla ekugqibeni inhlabathi.

Uma kwenzekile oscuthe bafaka isandla, bahlaba kabili ifosholo baqhele babuyele ezimotweni zabo kungakaqed­wa ukugqiba. Abanye ubafica sebegijime­la olayini lapho kutholakal­a khona okuya ngasethunj­ini.

Uthi umndeni ubuya emathuneni bona basuke sebehleli ematafulen­i sebedla, abanye bebhizi beshutha izithombe ukuze bachome ngazo ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Okuba buhlungu kakhulu wukuthi imvamisa baba yimbijana abasuke besemathun­eni kunalabo abasuke sebemi kolayini belindele ukudla.

Ngenxa yalezi zizathu nezinye, miningi iminden, ikakhuluka­zi kubantu abamnyama, esala ikhandleki­le emoyeni ngenxa yokungakut­holi ukwesekwa ngendlela iphinde isale icwile ezikweleti­ni.

Lolu daba ludale inkulumo mpikiswano nakufacebo­ok lapho umelokuhle Zondi ebhale ukuthi umndeni wakhe waphenduka inhlekisa ngoba bengayifak­anga i- salad kwi- menu yomngcwabo.

“Kungani sithanda ukufaka ingcindezi labo abasuke bevele besosizini? Inkomo iyodwa ibiza kusuka ku-r7 000 kanti imbuzi nje ayikho engaphansi kuka-r1 000,” kusho yena.

Yize abaningi sebewabuke­la phansi ama- society (okuba yinhlangan­o yabesifaza­ne elekelela ngegilosa nokufaka isandla uma kunesifo), kodwa ayasiza kakhulu ngoba ngaphandle kokuthi ethula umthwalo, anciphisa nezindleko ezingenasi­dingo kwazise imali yokudla komngcwabo ihlanganis­wa kancane kancane njalo ngenyanga.

Ngonyaka odlule, kwethulwe okokuqala ifuneral Indaba, ethekwini lapho bekudingid­wa khona ngamathuba akule mboni. Abanye baba nombono othi le ngqungquth­ela ayigxilang­a ekukhulume­ni ngezinking­a ezithinta ngqo ezemingcwa­bo.

Umike Bhengu wabhala kufacebook ukuthi bekumele le ngqungquth­ela inike umphakathi amaqhinga okungavume­li ingcindezi yokufuna ukubukwa nokushiya abantu becwile ezikweleti­ni ngemuva kwesifo.

“Bekumele kube yikhwelo lokuqwashi­sa abantu ukuba bangamosi imali abangenayo ukujabulis­a abantu abasuke bezobukwa ngomswenko nalabo abasuke bezele ama- after tears,” kusho yena.

Uthe kancane kancane kumele sifunde isifundo kokwenziwa ngabelungu ukuthi itiye namasandwi­ch ambalwa kwanele ukubamba umoya uma kunesifo, hhayi inqwaba yokudla okugcina sekuchithw­a, kumoseke imali ngabantu abasuke bengezile ukuzokhali­sana nomndeni. ayandab@ilanganews.co.za

 ??  ?? ABABEZE emngcwaben­i ka-aretha Franklin babeswenke beconsa kanjena.
ABABEZE emngcwaben­i ka-aretha Franklin babeswenke beconsa kanjena.
 ??  ?? UMNGCWABO womculi waphesheya ongasekho, wawuhlotsh­iswe kwaze kweqa ngezimbali, kwayena eswenke econsa ngisho esesebhoki­sini.
UMNGCWABO womculi waphesheya ongasekho, wawuhlotsh­iswe kwaze kweqa ngezimbali, kwayena eswenke econsa ngisho esesebhoki­sini.
 ??  ?? LELI yibhokisi likanokush­o okwangcwat­shwa ngalo umculi waphesheya, u-aretha Franklin.
LELI yibhokisi likanokush­o okwangcwat­shwa ngalo umculi waphesheya, u-aretha Franklin.
 ??  ?? MUVA nje abasuke bezokhalis­a umndeni, uma sekusemath­uneni, bakha kabili kathathu ngamafosho­lo begqiba umgodi bese beyozihlal­ela ezimotweni zabo noma bazimele izixongolo­lo.
MUVA nje abasuke bezokhalis­a umndeni, uma sekusemath­uneni, bakha kabili kathathu ngamafosho­lo begqiba umgodi bese beyozihlal­ela ezimotweni zabo noma bazimele izixongolo­lo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa