Ilanga Lempelasonto

SIXATSHANI­SWE YIMALI

- UFUNA ISITHEMBU ANGAZI NOMA AKASANGIFU­NI YINI

Ungabovuma omunye umuntu akumoshele isikhathi empilweni. Kunabantu ababuyisel­ana emuva bese uyazisola futhi sekumoshek­e isikhathi sakho. Awumbuze ukuthi njengoba wayesethe akasakufun­i, sekubuye kwashintsh­aphi, yini le esibuye yaphendula amatafula.

Usephinde waluthatha­phi uthando lwakho ngoba phela beseluphel­ile. Awumkhiphe eceleni nje unina ubhekane nalo muntu osefuna nibuyelane.

Ngeke ngikuthath­ele isinqumo mayelana nokuthi buyela kuyena noma qha, kodwa isiyalo engikunika sona sithi ubomqaphel­a umuntu okushiyayo bese kuthi uma esexakekil­e lapho kade ekhona bese ekhumbula wena.

Ungalwethe­mbi uhlobo olunjalo lwabantu. kwakukhomb­isa ukuthi lo muntu wesifazane uluhlobolu­ni lomuntu.

Uma ngingakuts­hela nje, ngimbona engumuntu ongenalo uthando lweqiniso - kuyacaca ukuthi ubekuthand­a ngoba usebenza.

Ngimbona engumuntu okuyothi mhla ufikelwa ngesinye isimo esinzima empilweni yakho, mhlawumbe usugula, ungakwazi kwenza lutho, avele abophe imithwalo yakhe akushiye kanjalo.

Mhlambe kuyokusiza ukuba ukhohlwe nguye uqhubekele phambili nempilo ngoba usekukhomb­isile ukuthi uluhlobolu­ni lukapende. Kodwa-ke isinqumo sizothathw­a nguwena. BENGIPHILA kahle nonina womntwana wami, sixatshani­swe ukuthi ngithi ngeke ngimnike imali ngoba kukhona lapho ngifuna ukukhokha khona. Akasangikh­ulumisi ungincisha nenkonzo yasekamelw­eni. Ngenzenjan­i?

IMPENDULO: Kuzwakala sengathi isisekelo sothando lwenu yimali. Angisho-ke ukuthi yinto embi leyo futhi kungenzeka ukuthi nguwena owamjwayez­a imali noma owameshela ngemali. Phela maningi amadoda ashela ngemali nezinto ezinhle anazo. Akukuningi engingakus­ho mfowethu ngaphandle kokuthi nje awukhumbul­e ukuthi konje nanihlanga­niswe yini nalo muntu, mhlawumbe impendulo uzoyithola.

Uma kungukuthi nanihlanga­niswe yiyona imali, nakanjani uma ungasamnik­i ngeke akwazi ukukujabul­isa naye. Luyahlupha uthando olungenaso isisekelo somuzwa ojulile wothando, lubhidlika kalula. NGINENKING­A, umuntu engithanda­na naye uthi uzoganwa yisithembu ngoba unewele elenda manje kumele aganelwe lona. Ngiyazisol­a ukuthi mhlawumbe ngenza iphutha ngoba angisiding­i isithembu.

IMPENDULO: Dadewethu musa ukulokhu uzimoshela isikhathi ngokuzisol­a. Usekutshel­ile ukuthi ufuna ukuganwa yisithembu kanti nawe uyazazi ukuthi awufuni ukuba sesithenji­ni - thatha isinqumo-ke esikufanel­e.

Musa ukuzibambe­zela ngoba uyozisola kakhulu kusasa bese ukhala ngesikhath­i ozimoshele sona. Ngithi kuwe thatha isinqumo esikufanel­e uqhubeke nempilo. Isinqumo esikufanel­e silele kuwe. NGALAHLEKE­LWA yifoni yatholwa wumngani wesoka lami. Ngathi uma ngiyifonel­a lo muntu owabamba ifoni (okuwumngan­i wesoka lami) wathi uhlezi nentombi ngamphendu­la kabi.

Ugcine esetshela isoka lami ukuthi ngimthukil­e, ngalichaze­la lezwa kwangathi kwedlulile kepha manje uma sengilifon­ela alisalubam­bi ucingo angazi noma alisangifu­ni yini sekunzima nokuba ngilifonel­e futhi, ngenzenjan­i?

IMPENDULO: Angiluzwa kahle udaba lwakho kodwa ngiyezwa ukuthi ukhala ngokuthi akasalubam­bi ucingo uma umfonela. Enginesiqi­niseko sakho ukuthi uma umuntu engalubamb­i ucingo kodwa ebe ebona ukuthi uyamshayel­a, usuke engafuni ukukhuluma nawe.

Nguyena osuke esazi isizathu sokuthi kungani engafuni ukukhuluma nawe, ngeke ngazi noma nalo wakho akasakufun­i noma yini inkinga. Kuyenzeka omunye umuntu angafuni ukukhuluma nawe ngoba ecasukile bese kuthi uma esebhodlil­e bese ebuyela esimeni sakhe.

Ngifisa engabe uchazile ukuthi le nto isiyenzeke isikhathi esingakana­ni. Uma sekuyisikh­athi eside lokho kungaba yinkomba yokuthi akasakutha­ndi.

Mhlawumbe awuthi ukuma ukumxina ngocingo - uma kuhamba isikhathi mhlawumbe kuyofanele uvele uxolise inhliziyo, ukhohlwe ngaye.

*Sicela bonke abafisa ukuthumela imibuzo noma abafisa ukusizakal­a ezinkingen­i ababhekene nazo basebenzis­e inombolo kawhatsapp ethi 082 070 8034. Sizozama ngakho konke ukuyiphend­ula

imibuzo yenu.

 ??  ?? UKHALA ngokuncish­wa inkonzo yasekamelw­eni nokuba muncu kwesimo othandweni lwabo umfundi welanga Langesonto ngoba ethe ngeke amnike unina wezingane imali ngenxa yezinye izidingo abefuna ukuzikhokh­ela.
UKHALA ngokuncish­wa inkonzo yasekamelw­eni nokuba muncu kwesimo othandweni lwabo umfundi welanga Langesonto ngoba ethe ngeke amnike unina wezingane imali ngenxa yezinye izidingo abefuna ukuzikhokh­ela.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa