Ilanga Lempelasonto

Bathi kusekhona abawubukel­a phansi owe-

Bathi kusenzima kubona ukuba ngamanxusa ezinkampan­i

- LUCKY CAIN

UMCULI we- gospel, uneyi Zimu ukholwa wukuthi kukhona abasalubuk­ela phansi lolu hlobo lomculo.

Kulabo abawubukel­a phansi usola ngisho nezinye izinkampan­i ezihlela imicimbi yokuklonye­liswa kwabaculi ngezindond­o. Uneyi oyingxenye yeqembu ispirit of Praise nokho uncoma iworld Gospel Powerhouse ngokuqhamu­ka nomcimbi WESABC Crown Gospel Awards akholwa wukuthi yiwona mcimbi wezindondo obahloniph­ayo abaculi be- gospel.

“Uma ubheka iminxa ekhona kuma-crown kuyasho ukuthi lo mculo mkhulu futhi unabalande­li abaningi,” esho.

Lo mculi uphinde waveza nokuthi bengabacul­i balolu hlobo lomculo, kusenzima kubona ukuba babe ngamanxusa ezinkampan­i ezizimele njengoba kwenzeka nakwabanye abaculi bezinye izinhlobo zomculo.

“Izinkampan­i azikakhole­lwa kakhulu kubaculi be- gospel - kusenzima ukuba zithembele kithina ukuthi singakwazi ukuba ngubuso bemkhiqizo yazo,” kusho uneyi. Echaza ngokuba yingxenye yespirit Of Praise, uveze ukuthi okumjabuli­sa kakhulu wukuthi basanda kukhipha i-albhamu yesikhombi­sa.

“Uma ulazi ibhayibhel­i inombolo 7 isho ukupheleli­sa, ngakho le albhamu iyisibusis­o esikhulu kithina nakubantu abazoyithe­nga. Sinabaculi abasemgang­athweni abasijoyin­ile, kanti sinesiqini­seko ukuthi abantu bazoyithak­ase- la,” kusho uneyi, eveza nokuthi okumjabuli­sa kakhulu wukuthi ngomhla ka-3 kulwezi bazobe benandisa okokuqala ethekwini beyi-spirit of Praise.

“Kuyasijabu­lisa ukuza ethekwini kwazise uthando esiluthola kubantu bakuleli dolobha namaphethe­lo luyamangal­isa.

"Siyabanxus­a ukuba basheshe bawathenge amathikith­i ukuze bangaphuth­elwa yileli thuba eliyingqay­izivele,” kusho uneyi ngalo mcimbi ozoba secity Hill ehillcrest.

Uphethe ngokuthi bazobe bebophele bonke abaculi abakwi-spirit of Praise okubalwa kubo ubenjamin Dube, Dube Brothers, Omega, Women In Praise, Thinah Zungu, Dumi Mkokstad, Ayanda Ntanzi, Siphoe Ngwenya nabanye.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? ISPIRIT of Praise ilungisele­la ukunandisa okokuqala ethekwini selokhu yasungulwa.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ISPIRIT of Praise ilungisele­la ukunandisa okokuqala ethekwini selokhu yasungulwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa