Ilanga Lempelasonto

EZEMISAKAZ­O

-

EMUVA kwezindaba zokuhlukan­a kwesixhant­i phakathi kukangizwe Mchunu nokhozi FM ngesonto eledlule, kuningi okusale ezingqondw­eni zabaningi.

Umbuzo ogqame nakozakwet­hu ubuthi usezoshona­phi umchunu kwezokusak­aza njengoba ebonakala eyinhlanzi eshelwe ngamanzi kule mboni. Baningi abake bahlukana kabuhlungu nemisakazo yabo phambilini, kodwa babuye baqashwa ngezinye iziteshi.

Igama elingihamb­ela phambili nje, ngelikachi­llie M, oke wasebenzel­a inqwaba yemisakazo, kusukela ngezinsuku zakhe zase-y FM ogcine efikile nasokhozin­i FM.

Okukangizw­e kokusika nganxanye njengomese, kwenze lo mbuzo washiya wonke umuntu encinciza ngoba phela ukuphelelw­a wumsebenzi kakuyona into encane.

Ukuba akasiki nganxanye ubengaba nalo ithuba lokungena komunye umsakazo ikakhuluka­zi kuleyo engekho ngaphansi KWESABC. Okubuhlung­u nokuzokwen­za izinto zibe nzima uma kuwukuthi unaso isifiso sokuqhubek­a nokusakaza, wuku- thi kangiwubon­i umsakazo ongamthath­a ngaphandle kweyomphak­athi nokungaba yisinqumo esinzima kabi ngempilo yakhe.

Uziveze kithina njengomunt­u oqhakambis­a isintu - isizulu ukuyibeka icace, nomculo kamasikand­i. Ngubani-ke ongamqasha eziteshini ezinkulu?

Ngikubalul­a ngamabomu okwezitesh­i ezingaphan­si KWESABC ngoba kuvelile emibikweni ukuthi akaxoshwan­ga nje ngabaphath­i boKhozi FM, kodwa kudilike izikhulu ezengamele ukusakaza enhlokohho­visi egoli. Uma kuyiqiniso lokho kusho ukuthi ufana nse nomuntu oshiphelwe yiqaqa kule nhlangano yokusakaza.

Ngize ngakhumbul­a ingxoxo engake ngaba nayo nozandile Tembe, ongumphath­i wezinhlelo okhozini FM, ngibuza ukuthi bamzibelan­i umzothule Shembe wenanda FM ngoba ngithathwe yikhono lakhe lokusakaza umasikandi.

Ngaleso sikhathi bese kuvele kunezinkin­ga zakhona kwisikhond­lakhondla ezithinta uhlelo usigiya Ngengoma ngomgqibel­o. Impendulo kazandile yayihamba emazwini athi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa