THANDI ZONDI
YINI ngalo bhuti okuthiwa ngutebogo Lerole othandana nokhanyi Mbau, akasebenzi yini vele? Noma kuthiwa-ke akasebenzi, kodwa ayikho nje enye into engcono angayenza kunokuhlale elandelana nokhanyi njalo nje.
Akungatshazwa ukuthi lapho kusuke kuqashwe khona ukhanyi, nalo mbhemu usuke uzombona elandelana nokhanyi.
Sengiqaphele emicimbini eminingi nje lapho ngisuke ngihlangene khona nokhanyi, naye usuke ekhona - angimazike ukuthi yena usebenza nini noma umsebenzi wakhe yikho ukulandelana nokhanyi.
Hhayi khehla, awusinike ithuba nathi siqomise kukhanyi. Zama ukuthola umsebenzi ngoba ukhanyi uzokushiya uma esekubonile ukuthi awunamsebenzi. Ubombuza kwabamaziyo. NGICABANGA ukuthi abantu abaningi bangafunda lukhulu kunosipho Silinda, lo okhishwe kuma-idols ngesonto eledlule.
Umzala ukuthwesa uphaphe lwegwalagwala ngane yami, noma kubuhlungu ukuphuma kwakho, kodwa utshengise ukuba yintombi ekhulile, awufananga nontaba kayikhonjwa owahlulwa ukubongela uzakwabo ngoba nakhu wayesezitshela ukuthi usenqobile.
Ngibone uphuma umamatheka waze washayela ihlombe nabalandeli abebebuka wabaphakamisela isandla okutshengisa ukubabonga. Ntombazane, usazoya kude uma wazi ukuthi emhlabeni kukhona abangcono kunawe. Sebenza-ke manje udumo lungakungeni ekhanda. UKUHAMBA ukubona! Ngolwesihlanu olwedlule bengizihlalele nabazalwane E-ICC, emcimbini wamacrown Gospel Awards. Ngibone uwelcome Msweli lo oyimenenja kathinah Zungu, ufikile
Mlomo, ubrenda
Mtambo nabanye.
Ngimbone ephethe iselula ngesandla esingakanani! Yho, lesiya sandla esokubamba ifosholo. Cha ngethukile shame, angijwayele ukubona isandla esikhulu kangakaya.
Ngine- sure ukuthi uma ungashaya umuntu ngempama, angaquleka inyanga yonke. Yhoo, hhayi cha ngiyababaza.
Yisandla sendoda ngempela lesiya. KUTHIWA kuyahlekwa noma kufiwe bakwethu ningangijaji. Kodwa nithini ngendaba kangizwe Mchunu lo oxoshwe okhozini FM? Ngizwe kuthiwa uselusa izinkomo? Wuuu shem, uthi wawazi ukuthi kuyoba nje? Yeka impakamo obusunayo. Yeyi, baqinisile uma bethi isondo liyajikajika. Kusemhlabeni lapha. Ngangingazi ukuthi uyophuma kabuhlungu kanjena okhozini. Phela bese kungathi yikini. Ci ci ci! Sengathi nabanye abanezimpiko bangafunda kokukwehlele Chunu elihle, ngoba baningi nje abacabanga ukuthi emsakazweni sekusekhaya konina. Ngikukhumbula udelela izintatheli uthi zihola amakinati, kodwa manje wena usunguqhwayilahle. We bhatata! Uboke ungifonele mhlambe singavula i- community radio station yethu nje. KAZI udla ini lo muntu okuthiwa ngushaka emdlalweni ithe Queen. Ngimbone kwenye yezindawo zenjabulo ngempelasonto edansa nawo wonke umuntu. Ayikho-ke inkinga nokudansa nabanye abantu, kodwa lokhu kudansa sengathi awukhathali kuyangixaka. Angikholwa wukuthi ubudansiswa wumusa nokuthanda abantu, ngisola sengathi kukhona into obuyidlile ekunika umfutho. Okungixakayo ukuthi phambilini ngake ngakubona kwenye futhi indawo yobumnandi unethile nje, angazi-ke noma wawungayidlile yini le nto yakho. Cha angiqondile ukuthini, kodwa indlela obuyiyo ngomsombuluko ishiya umbuzo.
Ngishayele ucingo ungitshele ukuthi idayisaphi le nto ofakelana umfutho ongaka, nami ngiyayifuna. Ngeke ngibaxoxele abanye.