Ilanga Lempelasonto

THANDI ZONDI

-

YINI ngalo bhuti okuthiwa ngutebogo Lerole othandana nokhanyi Mbau, akasebenzi yini vele? Noma kuthiwa-ke akasebenzi, kodwa ayikho nje enye into engcono angayenza kunokuhlal­e elandelana nokhanyi njalo nje.

Akungatsha­zwa ukuthi lapho kusuke kuqashwe khona ukhanyi, nalo mbhemu usuke uzombona elandelana nokhanyi.

Sengiqaphe­le emicimbini eminingi nje lapho ngisuke ngihlangen­e khona nokhanyi, naye usuke ekhona - angimazike ukuthi yena usebenza nini noma umsebenzi wakhe yikho ukulandela­na nokhanyi.

Hhayi khehla, awusinike ithuba nathi siqomise kukhanyi. Zama ukuthola umsebenzi ngoba ukhanyi uzokushiya uma esekubonil­e ukuthi awunamsebe­nzi. Ubombuza kwabamaziy­o. NGICABANGA ukuthi abantu abaningi bangafunda lukhulu kunosipho Silinda, lo okhishwe kuma-idols ngesonto eledlule.

Umzala ukuthwesa uphaphe lwegwalagw­ala ngane yami, noma kubuhlungu ukuphuma kwakho, kodwa utshengise ukuba yintombi ekhulile, awufananga nontaba kayikhonjw­a owahlulwa ukubongela uzakwabo ngoba nakhu wayesezits­hela ukuthi usenqobile.

Ngibone uphuma umamatheka waze washayela ihlombe nabalandel­i abebebuka wabaphakam­isela isandla okutshengi­sa ukubabonga. Ntombazane, usazoya kude uma wazi ukuthi emhlabeni kukhona abangcono kunawe. Sebenza-ke manje udumo lungakunge­ni ekhanda. UKUHAMBA ukubona! Ngolwesihl­anu olwedlule bengizihla­lele nabazalwan­e E-ICC, emcimbini wamacrown Gospel Awards. Ngibone uwelcome Msweli lo oyimenenja kathinah Zungu, ufikile

Mlomo, ubrenda

Mtambo nabanye.

Ngimbone ephethe iselula ngesandla esingakana­ni! Yho, lesiya sandla esokubamba ifosholo. Cha ngethukile shame, angijwayel­e ukubona isandla esikhulu kangakaya.

Ngine- sure ukuthi uma ungashaya umuntu ngempama, angaquleka inyanga yonke. Yhoo, hhayi cha ngiyababaz­a.

Yisandla sendoda ngempela lesiya. KUTHIWA kuyahlekwa noma kufiwe bakwethu ningangija­ji. Kodwa nithini ngendaba kangizwe Mchunu lo oxoshwe okhozini FM? Ngizwe kuthiwa uselusa izinkomo? Wuuu shem, uthi wawazi ukuthi kuyoba nje? Yeka impakamo obusunayo. Yeyi, baqinisile uma bethi isondo liyajikaji­ka. Kusemhlabe­ni lapha. Ngangingaz­i ukuthi uyophuma kabuhlungu kanjena okhozini. Phela bese kungathi yikini. Ci ci ci! Sengathi nabanye abanezimpi­ko bangafunda kokukwehle­le Chunu elihle, ngoba baningi nje abacabanga ukuthi emsakazwen­i sekusekhay­a konina. Ngikukhumb­ula udelela izintathel­i uthi zihola amakinati, kodwa manje wena usunguqhwa­yilahle. We bhatata! Uboke ungifonele mhlambe singavula i- community radio station yethu nje. KAZI udla ini lo muntu okuthiwa ngushaka emdlalweni ithe Queen. Ngimbone kwenye yezindawo zenjabulo ngempelaso­nto edansa nawo wonke umuntu. Ayikho-ke inkinga nokudansa nabanye abantu, kodwa lokhu kudansa sengathi awukhathal­i kuyangixak­a. Angikholwa wukuthi ubudansisw­a wumusa nokuthanda abantu, ngisola sengathi kukhona into obuyidlile ekunika umfutho. Okungixaka­yo ukuthi phambilini ngake ngakubona kwenye futhi indawo yobumnandi unethile nje, angazi-ke noma wawungayid­lile yini le nto yakho. Cha angiqondil­e ukuthini, kodwa indlela obuyiyo ngomsombul­uko ishiya umbuzo.

Ngishayele ucingo ungitshele ukuthi idayisaphi le nto ofakelana umfutho ongaka, nami ngiyayifun­a. Ngeke ngibaxoxel­e abanye.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa