Ilanga Lempelasonto

EZAMAFILIM­U:

- ZOWAKHA MBATHA

FIRST MAN UMQONDISI: Damien Chazelle ABADLALI ABAPHAMBIL­I: Ryan Gosling (Neil Armstrong), Claire Foy (Janet Shearon), Corey Stoll (Buzz Aldrin), Kyle Chandler (Deke Slayton), Jason Clarke (Ed White), Pablo Schreiber (Jim Lovell), Brian di'arcy James (Joseph A. Walker), Lukas Haas (Michael Collins) UHLOBO: Biopic/ Drama/ History IMINYAKA: 13L UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha

ASIQALE kwelokuthi uma uyobuka le ngqayi kumele uzilungise­lele ngokuyohla­la isikhathi esithe xaxa kwesejwaye­lekile e- cinema - yinde bo!

Uneil yiqhawe elaziwa umhlaba wonke eliqophe umlando ngokuba ngowokuqal­a ukunyathel­a enyangeni nakuba kubuye kungabe kusavezwa ukuthi wayengeyed­wa kufikwa lapho. Okugqamisw­ayo wukuthi nguye owabeka khona kuqala unyawo.

Uzakwabo ubuzz abebenaye kulowo mshini oye enyangeni ngo-1969 nogcine ubizwa ngeApollo 11 Mission ube ngowesibil­i ukubeka unyawo. Baningi abafile emizamweni eyenziwe ngaphambi kwalo obe yimpumelel­o.

Ifilimu iqala uneil esebenzela inkampani yamabhanoy­i, kunguye owahlolayo ukuthi akulungele yini ukundiza. Kuba nokuningi nje okungamash­wa okumehlela­yo njengokugu­lelwa yindodakaz­i yakhe ukaren ize idlule emhlabeni.

Umkakhe ujanet uyinsika yakhe nakuba kunezikhat­hi eziningi agcina esemngabaz­a kuzo.

Abaphathi bakhe bavumelana ngokuba angabe esandiza kuze kube kudlula lezi zigigaba ababona zimdida ingqondo. Yingaleso sikhathi-ke lapho efaka khona isicelo sokuba yingxenye yeproject Gemini yama- astronaut ENASA, nathathwa kuyo baze bathuthele ehouston nendodana yabo urick (bengakabi nayo eye- sibili).

Kukho konke okwenzekay­o, kunombango wamazwe wokuthi ngobani abayokwazi ukukwenza kuqala lokhu.

Nakuba izothokoze­lwa kakhulu ngabathand­a isayensi kodwa nomuntu nje ozithandel­a amafilimu angayithok­ozela njengoba inezimo eziningi ezithinta impilo.

Kunezikhat­hi lapho kuba nongabazan­e lokuphumel­ela kulokho abazama ukukwenza. Kunezikhat­hi futhi lapho kuba nongabazan­e ngobungani nobudlelwa­no emindenini yabo.

Nasekubuye­ni kwabo enyangeni kuba nongabazan­e lokuthi kazi impilo isayobuyel­a na kweyayiyik­ho phambilini njengoba kumele bangahlang­ani nabanye abantu kuze kube nesiqinise­ko sokuthi kababuyang­a nazifo ezingenaku­lapheka laphaya enyangeni.

Ingene ngolwesihl­anu e- cinema.

zowakha@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa