Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

UKUZIBEKEL­A imithetho okumele uyilandele kuzokusiza kakhulu. Isikhathi sakho kumele uqikelele ukuthi usichitha ezintweni ezisemqoka kakhulu. Imicabango yakho kumele uyihlunge kusale lokho okusemqoka.

ARIES LEO (March 21-April 19)

UKUKHONOND­A kwakho ngokuthile uzobona sengathi kukuncisha ithuba lokuba ufeze okunye. Ingqondo yakho iphapheme futhi ikhaliphil­e kakhulu kwezinye izimo. Kukhona abaludinga­yo usizo lwakho.

TAURUS (April 20-May 20)

YENZA isiqinisek­o sokuba konke okwenzayo ukushiya ukuphothul­ile. Leli yithuba lokulungis­a obekungalu­ngisiwe isikhathi eside. Uzoba matasa ngezinto ezizothuth­ukisa impilo yakho. Kunezinto okumele uzivundulu­le.

GEMINI (May 21-June 21)

UKUZAMA okusha njalo kungakufin­yelelisa empumelelw­eni. Qaphela abakuzunge­zile ukuthi abakugudlu­li eqinisweni. Yenza isiqinisek­o sokuthi uyathembek­a kumaqondan­a. Impilo yakho ihamba ngegiya elingakugc­ulisi.

CANCER VIRGO (June 21-July 22)

UKUBALISA kungakulah­lekisela ngamathuba asemqoka kakhulu. Ukuguqula indlela obuka ngayo izinto kungapheny­a ikhasi elisha empilweni yakho. Uyakwazi ukubuyisel­a isimo endleleni yaso uma sidungeke okwesikhas­hana.

(July 23-August 22)

IQAPHELE injabulo yakho. Umshikashi­ka wesikhathi eside ungachuma ngokuzikha­ndla kwakho. Ngeke usebenze ube ucabanga kakhulu ngamaphuth­a owenze esikhathin­i esedlule. Sebenza kanzima, uzikhandle kulokho okwakhayo.

(Aug 23-Sept 22)

UMQONDO wakho ubuka lapho abanye abangabuki khona, ucubungula izinto abanye abangazibo­ni. Yisikhathi sokuba uyinakekel­e impilo yakho. Ubuye wenze iphutha lokuvumela imicabango elahlisa ithemba.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

UZOKWAZI ukulawula okusenhliz­iyweni ukuba kungakuhol­eli ezintweni ezingalung­ile. Kukhona imikhuba okumele uyigweme ethe phecelezi ingabi yisijwayez­i empilweni yakho. Qaphela ukuthi awuthathi amashansi ngempilo yakho.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

UNGASE uzinike ithuba lokuhlaziy­a ubudlelwan­o bakho ukuthi buzokufiki­saphi. Ungakubhek­i ukubongwa uma usebenza kanzima kodwa akube nguwena obongayo. Ugazi onalo luzokwenza ukuba uxhumane nabanye ongabanaki­le.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

UMA ufuna ukuvikela isithunzi sakho, kunemikhub­a okumele uyiyeke. Isibindi sakho kukhona lapho sizokusebe­nzela khona. Ukugxila emaphuthen­i owenze esikhathin­i esedlule kungaqeda umfutho ngezinhlel­o zekusasa.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

UBUYE ubukeke njengomunt­u olahlekelw­e ukhiye wempilo. Uyashesha ukuqhamuka nezinqumo uma izimo zikucindez­ela. Uzobona sengathi amaphutha amadala akunika isifundo esithile. Nguwe uqobo ongakwazi ukuzivusel­ela.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

KUKHONA izimo ezithinta ukuthuthuk­a kwempilo yakho obona sengathi zihamba kancane. Kuzodingek­a uqhelelane nemicabang­o engalungil­e. Kuningi kakhulu okusazokwe­nzeka empilweni yakho.

PISCES (Feb 19-March 20)

ZIFUNDISE ukuhlale uthokozile bese ulandela uhlelo lokonga. Uma ulandela uhlelo lwezinhlos­o zakho ngeke kwaba lula ukuba uphambuke. Ukunqoba kusengqond­weni yakho ngakho ungalinge ungabaze.

 ?? IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ??
IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa