Ilanga Lempelasonto

IBUYISE IZINDUKU I-SHARKS

- INTATHELI YELANGA

ICELL C Sharks izibuyise zishisa izinduku kwiwestern Province iyiguqisel­a esibayeni sayo kowamanqam­u wecurrie Cup kuba ngu-17-12 izolo ngomgqibel­o ntambama EDHL Newlands Stadium, ecape Town.

Lo mdlalo bewuyimpin­da yowamanqam­u wangesizin­i edlule lapho isharks eyadliwa khona yiwestern Province iphambi kwabalande­li bayo ekings Park Rugby Stadium, ethekwini.

Iwestern Province iye kulo mdlalo iyizimfivi­lithi njengoba ibingayazi induku selokhu kuqale lo mqhudelwan­o wanonyaka.

Kulo mdlalo isharks isetshenze­lwe kakhulu nangamawel­e akwadu Preez, udan nojean-luc abengagaye­lwe mphako, kucaca ukuthi afuna ukuqinisek­isa ukuthi ikilabhu kayise iyanqoba.

Isharks icijwa ngurobert du Preez Snr ozala udan nojeanLuc kanjalo norobert Jnr obedlala kwiwestern Province ngonyaka odlule.

Urobert du Preez Jnr ushaye ama- conversion amabili namaphenat­hi amabili kulo mdlalo asize isharks ukuba iqukule le ndebe (lo mdlali) ayinqobe ekwiwester­n Province nyakenye.

Amanye amaphuzu esharks ashaywe ngu-akker van der Merwe notyler Paul abacamelis­e ama- try ngokwahluk­ana. Awewestern Province ashaywe ngusp Marais oqobele amaphenath­i amathathu nodamian Willemse.

Lo mdlalo ububoniswa emazweni amaningi kubalwa nasejapan ezosingath­a imidlalo yendebe yomhlaba ezokuba ngonyaka ozayo.

Isharks igcine ukunqoba lo mqhudelwan­o ngo-2013 yehlula yona iwestern Province ngo-33-19 enkundleni efanayo.

 ?? ISITHOMBE NGABE:BACKPAGEPI­X ?? ISHARKS ibe yizingqwel­e zecurrie Cup iguqisa iwestern Province ngo-17-12 kowamanqam­u izolo ntambama enewlands Stadium, ecape Town.
ISITHOMBE NGABE:BACKPAGEPI­X ISHARKS ibe yizingqwel­e zecurrie Cup iguqisa iwestern Province ngo-17-12 kowamanqam­u izolo ntambama enewlands Stadium, ecape Town.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa